Now Reading
Nelengqwele liyopha: Abe IEC bawavumile amabatha
Dark Light

Nelengqwele liyopha: Abe IEC bawavumile amabatha

Kuhlale kulindelekile ukuthi uma kunokhetho kusuke kukhona abangeke bathokoze ngemiphumela. Lapha abenhlangano ebhekele ukhetho basuke bemi ngomumo ukunika izimpendulo nencazelo enzulu. Nokho kulokhu iminwe ibikhomba bona njengoba iningi lamaqembu likhale ngokungahleleki kahle kokhetho nokuyinto nayo inhlangano eyengamele ukhetho eyivumile.

Ubufakazi bokungahleleki kuyiphoxile lenhlangano njengoba igcine isishwabana ulimi ngesikhathi izama ukuziphungela. Phakathi kwezaba ezibekile yikuthi ‘sibe sincane isikhathi sokulungiselela ukhetho’. Le nkulumo iyaphikisana naleyo yona lenhlangano eyayisho ngesikhathi kusayiwa enkantolo ngesiphakamiso sokuhlehliswa kokhetho.

Ngaleso sikhathi kanjalo nasemaphepheni enkantolo lalingekho elokuthi ayikulungele ukubamba ukhetho, kunalokho yayithi ikulungele inkinga wukhuvethe. Okunye okumangazayo ngale nkulumo yikuthi inhlangano ebhekene nento nje eyodwa enkulu ukhetho nolwenzeka kanye eminyakeni emihlanu ikusho kanjani ukuthi izumekile.

Amanye amabatha akhonjwe kuyo ngamawembu ehlukene wukwehluleka kwabanye babantu ebaqashile ukuqonda nokutolika imithetho yokhetho. Ezinye izinhlangano kakhulu KwaZulu-Natal ziyisole ngokungakwazi ukushesha ukubala imiphumela nabathe yikho okudala ukuphakama kwemimoya kwabanye. Iphinde yasolwa “ngokungafundisi kahle”umphakathi ngohlelo lokubala lwe Proposional representative ( PR) noluguqule imiphumela eminingi badumala abanye. Siye koshicilela kukhona ukukhala kuNational Freedom Party ( NFP) ngalokho ethi akuhambanga kahle eDumbe bona abebazi ukuthi balinqobile kepha ukubala ngohlelo lwePR kwasho okunye.

See Also

Phezu kwalokho iNingizimu Afrika ibuye yaba nokhetho nayilapho abavoti bekhethe uhlobo lukahulumeni nabaholi ababathandayo. Imiphumela yize isibalo sabavoti sehlile ikhombe ukuthi isimiso sedemokhrasi kuleli sisalandelwa nokuthi akekho owaziyo ukuthi iyozala nkomoni njengoba neqembu elibusayo nje lizithole selikhala ngaphansi okube ngumlando.

Scroll To Top