Now Reading
Alwesekwe ikhwelo leSPCA lokuvalwa kwamagovu epit bull
Dark Light

Alwesekwe ikhwelo leSPCA lokuvalwa kwamagovu epit bull

Azidluli izinyanga ezintathu ezweni  kungazange kubikwe nesisodwa isigameko esithinta ukufa noma ukulimala kanzima komuntu ngenxa yezinja zohlobo lwepitbull. Lolu uhlobo lwezinja luyingozi ngendlela yokuthi uma selubambile aludedeli.

Ezigamekweni eziningi ezibikwayo kuba ngezokuhlaselwa kwezingane zizibulale. Esakamuva kube ngesaseFreeState State lapho ingane eneminyaka emithathu ihlaselwe amapit bull amabili ayishiya ifile.

Umfana oneminyaka eyisishiyagalolunye usindile ngoba ukwazile ukubaleka, noma naye zimlumile.

Ngasekuqaleni konyaka ingane eneminyaka eyisithupha yabulawa ilezi zinja e-Atteridgeville eGoli. Kunenye ingane yentombazane yaseKapa elulamela ekhaya kulandela ukuhlaselwa yiwo amapit bull ngenyanga edlule.

Abasebenzi basezindlini ezindaweni okwabe zingezabelungu yibo ababazi kahle ubuhlungu bokuphila ngaphansi kwesandla salezi zinja ngoba yilapho ziningi khona.

Isigameko esathusa kakhulu esibalwa nezimbalwa ezabikwa eminyakeni edlule kwaba ngesowesifazane owayesebenza endlini eManzimtoti ezamhlasela zamdlavaza edlula ngomgwaqo wafela khona lapho.

Muva nje nakobantu sezifuyiwe lezi zinja. Okugqama kakhulu lapho ukungabuqondi ubungozi bazo. Uthola okungabafanyana kuhamba nazo emgwaqeni kuyizo ezibadonsayo ngoba zidle ngamandla. Inhlangano ebhekele izilwane iSPCA ihlabe ikhwelo kwabanalezi zinja ukuba bazinikele kuyo izigcine. Sekukaningi kukhalwa ngokuthi lolu hlobo lwezinja alukukungele ukufuywa emakhaya.

Ezinye izigameko ezibikwayo ngazo ngezokubulala ezinye izinja emakhaya nalapho zisuke zihlangana khona. Liyancomeka igxathu elithathwe iSPCA, kodwa kungakuhle ukuba nohulumeni ashaye umthetho wokuba lezi zinja zingafuywa emakhaya.

See Also

Asazi zingaki ezinye izigameko zokubulawa kwabantu yizo ezingabikwa. Ingcabha isingakuhulumeni ukuba alungise lesi simo ngale kwalokho abantu bazoqhubeka nokufa ngoba kuyacaca nokuthi abanikazi balezi zinja nabo uqobo ziyabehlula.

Bakhona abanikazi bazo esibancomayo ngokuthi abazange bachithe isikhathi emuva kwekhwelo leSPCA abavele bazibuyisela.

Ngesikhathi sokuloba lapha le nhlangano ikhiphe isitatimende esithi sezingaphezulu kwama-20 izinja osuzitholile zivela kubanikazi abathi bayazinikela. Uma kungakenzeki kuwena kulula ukuphawula nokuvikela lezi zinja.

Sinolwazi lwemindeni okumanje kusenzima ukukholwa ukulahlekelwa kwayo ngenxa yamagovu amapit bull abulala izingane nabathandiweyo bayo.

Scroll To Top