Now Reading
Akukho lapho ungayihlaba khona i-Emzoom R Style
Dark Light

Akukho lapho ungayihlaba khona i-Emzoom R Style

Isisho sesiZulu esithi alikho isoka elidla imbangi ithule ngisibone singena khaxa embhalweni wanamuhla wale ngosi yezimoto. 

Kulokhu isoka akubuzwa ukuthi iGAC GS3 Emzoom, imbangi yilabo encintisana nabo emakethe yezimoto. I-Emzoom ingenye yezimoto zamaShayina ezitheleke kuleli kwancane indawo okwenze umkhakha wezimoto wavuleleka nokuncintisana kwaya ngokuba umqansa. Yize sekunesikhathi impela yethuliwe kepha nakithi ligcine lifikile elingaliyo lokuvivinya lomshini okukhanga ukude. Empeleni bese kuyimoto yesibili yakwaGAC ukuba ngiyivivinye emuva kokuqala ngeyakwabo i-Emkoo.

Nakulokhu kube ngesifanayo lapho kudingeke khona ngiphendule imibuzo ethinta phakathi umlando walezimoto, inkampani ezikhiqizayo  nokwethembeka kwazo.. 

Isukaphi iGAC Emzoom

Indlela engiphendule ngayo lombuzo ifana ncamashi nalena yokuqala engayinika ababede bengibhedla ngawo ngesikhathi ngihamba nge-Emkoo. ENingizimu Afrika le moto yenganyelwe  inkampani ebizwa ngeSalvador Caetano engaphansi kweGAC Motor. IGAC Motor yasungulwa ngo 2008 kanti isikhule ngendlela eyisimanga eChina.

Le nkampani iqale ukusabalala ngaphandle kwaseChina ngo 2013 lapho iqale ukudayisa nezimoto zayo emazweni ngamazwe. (Lolu lwazi luqokelelwe kokubhalwe ngale nkampani akusilo elombhali). Sengineminyaka eyevile ku 25 ngibhala ngezimoto okwenza kube lula ukuqaphela izinto ezithile ezintsha  nezingashayi khona emotweni.

Angikusho ukuthi iGS3 Emzoom kusuka ngaphandle kuya ngaphakathi akukho lapho engizithole ngiyihlaba khona. Akulona lolu hlobo lwemoto ovele ugxume uhlale kulo, ubuhle bayo buyakuphoqa ukuthi uzinike isikhathi. Ukube bekuyintombi ngabe ikhuzelwa lize liyoshona. Le Emzoom esikhuluma ngayo ngeyohlobo lwe R Style esingathi iyiSporty yadla nangokuxinwa ngobuchwepheshe besimanje namandla athe thuthu. Lamandla azwakala kahle uma uzoyifaka egiyeni lika sport mode. 

Ishaya ngezinqawe ezimbili ngemuva, ibhuthi oyivala ngokucindezela ibhathini, amalambu asebenza nge-automatic, okuzishaya sama roof rails okhakhayini okugqize ngombala owehlukile nowomzimba okwengeza ubuhle, ingaphambili lidle ngokucija okuqoqekile, amalambu angaphambili ahambe aze agamanxa kubhampa ezinhlangothini.

Ngemuva ispoiler sinekepisi elidle ngobude. Akukuningi  engingakusho nge-Emzoom yohlobo lwe-Executive neComfort ngoba angizange ngiluvivinye kodwa engikuhoshile kozakwethu ababehambele umcimbi wokwethulwa kwale moto ukuthi zishiyana ngezinto ezincane. 

Nangaphakathi umumpu

Akudingi uchaze okuningi ngoba ingaphakathi le R Style liyazikhulumela. Esithole ithuba lokuyivivinya ibingumbala oluhlaza kokwesibhakabhaka ngaphandle, yase igqiza ngophuzi lapha nalaphaya.

Umbala osasibhakabhaka baqhubeke nawo nasezinhlangothini ezicabheni, ingaphambili kudashboard ohlangothini lwephasenja. Isihlalo somshayeli ungakwazi ukusi-ajasta ngokucindezela ibhathini sizihambele bese ivala ngogabagaba lwesun roof lwento oyoze uyilahle. Benze isiqiniseko kwezokuphepha ngoba iphuma nama airbag angu 6.

See Also

Ngaphezu kwalokho kuphinde kube netouchscreen engu 10.25-inch ekwazi ukuxhuma i-Apple CarPlay ne- Android Auto, bese kuba i-instrument cluster equkethe okuningi ngemoto engu 7.0-inch. IGS3 ungakwazi ukuyishayela ngezindlela ezintathu ezihlukene kusuka ku Eco, Comfort ne Sport. Igiya lakhona elithe chwa kwi centre console egqize ngombala ocwebezelayo lingacishe likudide. Uyakwazi ukushintsha indlela yokuyishayela bukhoma kanti futhi ungakwenza lokhu ngokulandela imiyalelo kwi screen. 

Injini namandla

Injini engu 1.5-litre turbocharged yeGS3 ikhiqiza amandla afinyelela ku130kW ne torque engu 270Nm. Idonsa ngamasondo angaphambili nogearbox ongu 7 speed dual clutch ozishintshayo.

Esikhathini esiningi ngihamba ngayo kukancane lapho ngiyifake khona ku sport mode ngoba ngikuqaphelile ukuthi iyadla kuphethroli. Ukubhonga kwayo okuqoqene uma uku sport mode kuyidonsela amehlo nakwabanaye abashayeli. Bengilindele ukuthi njengeSporty izozwakala isinda futhi ibambelela kepha ilula emgwaqeni ovulekile.

Ngiphoxekile ukuthi imoto ekuleli zinga ingabi nama paddles okuyishintsha. Ngokwami uma ubheka izinto ozitholayo kule moto uqhathanisa nencintisana nazo emakethe akukho okukhalisayo ngentengo yayo ka-R549 900 ehambisana newarranty yeminyaka engu 5 okanye ibanga lika-150 000 km ne service plan yeminyaka engu 5 okanye ibanga lika-60 000km, iservice yenziwa njalo emuva kuka-15 000km.

Amagaraji akwaGAC KwaZulu-Natal atholakala eGateway eMhlanga, inkabeni yeTheku, isePinetown  emgwaqeni omkhulu nase-Empangeni.

Scroll To Top