I-ANC ilahlwe yicala: Bajeziselwe ukushinga nokudakwawumbuso



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Kuningi obekungejwayelekile ngalolu khetho. Okokuqala kuze kwaphoqa iNkantolo Yomthethosisekelo ukuba nakanjani ukhetho lolu lube khoba emuva kokuba inhlangano eyengamele ukhetho i-Independent Electoral Commission (IEC) yona ibiphakamisa ukuba lube ngonyaka ozayo.
Isinqumo seNkantolo sisho ukuthi amaqembu kumele akhankase esikhathini esifushane kakhulu nokwenze kwanobubhudubhudu. Okunye okugqamile ngamabatha ka-IEC nokungenzeka ukuthi aseqale umkhokha ongahle ungcolise isithunzi sale nhlangano. Amanye ala maphutha abe-IEC bawavumile.
Nokho okube ngundabamlonyeni kube yisenzo sabavoti nabahlaze iqembu elibusayo i-African National Congress (ANC). Leli qembu liqhubekile nokuhlehlelwa zikhuni kulolu khetho njengoba amalungu alo aqome ukungayi kovota kwathi lawo ayile ukuyovota avotela amanye amaqembu. Lokhu nje KwaZulu-Natal kwenze iqembu leli langena ehlazweni lokulahlekelwa yimikhandlu kanye nezihlalo komasipala abaningi. Kuthe kusa nje ngoLwesibili sezihlangana izibalo kwazwakala isililo nokumangala ngesikhathi uKhongolose wemukwa yi-Inkatha Freedom Party (IFP) uMasipala uPhongolo. Kuthe kusenjalo wawa nowaseDumbe. Lezi zindaba okuthe kuphakama ilanga zabe sezisabalele zidale imibuzo nokwethuka kumalungu kaKhongolose nabethuswa yizigi zendlovu (IFP). Liphakama ilanga ngoLwesibili sabe sizwakala isililo kanjalo nezigi zendlovu eMkhanyakude, eMtubatuba, kwaHlabisa, eKing Cetshwayo, oThukela, kwaMaphumulo, eMsinga, eNquthu.
ElaboHlanga likhulume nePhini likaSihlalo we-ANC esifundeni iMzala Nxumalo uMnu uKhaya Khumalo noveze lokhu athi yizizathu ezenze bathelwa othulwini yi-IFP. UKhumalo uvumile ukuthi ubehlulile umdlalo eZululand kepha waba nokuthile: “Yebo sehlulilwe futhi lokhu kwaseZululand kusobala kithi kepha simangazwa wukuthi nakwenzinye izindawo kube ngesifanayo nokwenza sizibuze imibuzo ukuthi kulokhu i-Inkatha yenze kanjani. Lapha nje eZululand sehlulwe wukuthi i-Inkatha ngobuchule kusuka ngoNcwaba kuze kube wusuku lokhetho ibisebenzisa imali yomkhandlu ukuqhuba izinhlelo zeqembu. Wonke amasonto bekuba khona izinhlelo zomkhandlu kuyiwa emphakathini kepha uma ukhona ubone ukuthi yimicimbi yeqembu,” kusho uKhumalo.
Ube esesho izinsolo ezishaqisayo ngenye yezinhlangano zosizo nathe ibiyimpelesi ye-Inkatha. “Enye into esibulele wukusebenzisana kwe-IFP nabe Gift of the Givers kuhanjiswa ukudla kubantu ngesandla se-Inkatha. Lokho-ke ubungekulwisa ngoba abantu bayakudinga ukudla.” Khona lapho uMtungwa uthe phezu kokuba bekhale ngaphansi kepha bayaziqhenya ngokuthi bawanqumile amaphiko e-Inkatha nokuzocaca kungekudala.
“Yebo sehluliwe, lihambile iDumbe noPhongolo kepha bheka izinombolo lapho bekukhonya khona i-Inkatha. Lapha sikwazile ukuyishiya nenxeba elizobhibha libalimaze kusasa. Uma nje siqala kwaNongoma sibasuse ema-54% namuhla bangama-42%. Olundi sabasusa ema-91% namuhla bangama- 57%. EBaqulusini khona sibasuse ema-45% namuhla bangama-40%,” kusho uKhumalo.
ElaboHlanga likhulume nobeyiMeya yaseDumbe uMnu uMavuso nochaze ukuthi kwenzakaleni. Uthe: “Selidume ledlula ngendaba yokhetho, kepha egameni lenhlangano ye-ANC eDumbe; ‘Sifisa ukwedlulisa amazwi ethu okubonga izakhamuzi zaseDumbe ezibe nathi iminyaka emihlanu kusukela ngowe-2016 kuze kube lulunye kuLwezi abantu bakithi eDumbe bayazi ukuthi noma singakwenzanga konke kodwa bangofakazi ukuthi kukhona umehluko abawubonile ngaphansi kobuholi be-ANC emkhandlwini waseDumbe. Yebo siyavuma akukho soka lingenasici, futhi akukho silima sindlebende kwaso, kepha noma kunje umzabalazo wona uyaqhubeka,” kusho uMavuso.
ElaboHlanga likhulume nokhulumela i-ANC KwaZulu-Natal, uMnu uNhlankanipho Ntombela uyivumile induku wabeka nezizathu: “Ukungaphumi kwabavoti ngobuningi ezindaweni lapho siqine khona kwaba nomthelela ekwahlulekeni kwethu. Uma sibheka imiphumela yangowezi-2019 bekucace bha ngowezi-2021 futhi sawaxwayisa amaqabane ngalokhu abanye abalalelanga. Besilibele ukuklwebhana sodwa sakhohlwa esigunyazwe khona emiphakathini owawusivotele ukuba sezikhundleni. Kwezinye izikhathi amaqabane esawathumela ayengafanelekile engaqondi umthwalo osemahlombe awo ngokubusa nangokusiza abantu. Izikhathi eziningi bekudingeka ukuba singenelele njengesifundazwe ukulawula labo abathunywa ukuba benze imisebenzi yabo abangakwazanga ukuwenza bona,” kusho uNzobo.
Uqhubeke wathi: “Omasipala abaningi abangaphansi kolawulo lomphathi abaholwa yi-ANC kunalawo abeholwa amaqembu aphikisayo. Uhlelo lokuqokwa kwabazongenela ukhetho bekunezinselelo zakho akuzange kuphele ngesikhathi, saba namacala angaphezu kwama-300 ayesalenga njengoba sasesiya okhethweni sesigxile kulo isikhathi sesisincane esingekho ngaphezu kwenyanga. Inhlangano yazibophezela ukuba ibhekane nezinkonondo nokuphikisa emveni kokhetho. Akusiwona wonke amaqabane akujabulela lokhu.”