SIPHANDLE: Izivakashi noma izakhamuzi ezimqoka
Njengoba sezihubela sakusha ngomhlangano omkhulu wanmazwe angaphansi kwe-G20 emhlabeni ozobanjelwa esifundazweni iGauteng ezokuphepha ziqinisiwe nxa zonke emadolobheni akulesi fundazwe.
Kusuka esikhumulweni sezindiza i-OR Tambo, iLanseria, amahhotela nemigwaqo emikhulu njengo R21 oxhumanisa iGoli nePitoli amaphoyisa abonakala ubusuku nemini.
Emasontweni amabili edlule uMasipala waseGoli nowaseTshwane baqale umkhankaso wokukhuculula lamadolobha. Umkhankaso ugxile ekukhucululweni kwezitaladi, amabhilidi ahleli abantu ngokungemthetho nalabo abalala ezitaladini.
Amaphoyisa kaMasipala iJohannesburg Metro Police Department ngokubambisana neSAPS naboMbutho Wezokuvikela iSANDF ngoMsombuluko bebephume ngobuningi kunezivimbamgwaqo ezingengxenyeni ezihlukene nesifundazwe. Kuze kube yimanje kuthiwa sekuboshwe abashayeli abevile kuma-50 ngokwephula imithetho yomgwaqo.
Kule mikhankaso kutshalwe nabasebenzi boMnyango Wezasekhaya abahlola amaphepha abantu bangaphandle nezimvume zokuba kuleli. Isibalo esikhulu samaphoyisa ukubonakala uma kuzoba nezivakashi kuleli kuthiwa sagcina ukubonakala ngowezi-2010 ngesikhathi seNdebe Yomhlaba kuNobhutshuzwayo.
Umbuzo omkhulu uthi asuke ekephi lamaphoyisa nabezokuvikela lapho besuke bedingeka khona uma umphakathi unezinkinga. Ilungu lomphakathi uMnu uTau Mabone waseDiepsloot eGoli uthe emlandweni wendawo abahlala kuyo kuyaqala ukuthi kutshalwe amaphoyisa ubusuku nemini.
“Esikhathi esiningi amaphoyisa afika ngoba kunomonakalo omkhulu njengokuphuma kwesidumbu noma kuqubuke umlilo nakhona kuba emuva kwamahora amaningi. Siyafisa ukubona lokhu kuqhubeka nangale komhlangano weG20.”
UMnu uNkosiyakhe Sikhosana uthe namanje usamangele ukuthi kanti amaphoyisa mangaka eGauteng futhi kubonakala enazo zonke izinsiza zkwenza umsebenzi. Uthe uma uyobika udaba esiteshini akwenzeki amaphoyisa ungawatholi kodwa kuthiwe kushda izinsiza njengezimoto. “Kuyacaca ukuthi abantu abamqoka yizivakazi kunathi baseNingizimu Afrika”. kusho uSikhosana.
Isikhalo esifanayo sizwakale kakhulu kubadayisi basemgwaqeni eGoli abathe sekuneminyaka befaka izicelo zezimvume zokudayisa kodwa bechithwa. Uveze ukuthi kukhucululwa nje ngoba kwenzelwa izivakashi ezizohamba okucacayo ukuthi uhulumeni awubakhathalele abantu baleli lizwe abangenalutho.
Ephendula ngalezikhalo okhulumela uhulumeni waseGauteng u-Elijah Mhlanga uthe akulona iqiniso ukuthi kukhucululwa ngoba kwenzelwa izivakashi.
Amaphoyisa ahlala ekhona eGoli kusuka esikhumulweni sezindiza nasemigwaqeni zinsuku zonke. UMhlanga uveze ukuthi nangale komhlangano weG20 amaphoyisa azoqhubeka nokubonakala ngezinga elifanayo eGauteng.

