Banengwa iJunta eNiger

by Anathi Mtaka
Aug 18, 2023


Anathi Mtaka
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
I-United Nations isichaze ngokuthi “sikhathaza kakhulu” isinqumo sebutho lezempi iJunta elibusa iNiger sokumangalela uMengameli owachithwa futhi okhethwe ngentando yeningi ngokuvukela umbuso. Umehluleli umemezele ngempelasonto ukuthi uMengameli uMohamed Bazoum, kanye nomndeni wakhe abasavalelwe, bazoshushiswa ngokubukela phansi ukuphepha kwangaphakathi nangaphandle kweNiger. IMelika ithe iohatheke kabi ngesinqumo seJunta yabe isichaza isinqumo sokuthwesa uMengameli uBazoum icala njengento engenasizathu futhi yaxwayisa ngokuthi ngeke sibe nomthelela ekuxazululeni le nkinga ngokuthula.