Yize iSpar Proteas sehluliwe kepha uLona uphenduke iqhawe



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Sekungumlando ukuthi iNingizimu Afrika iyisingathe ngempumelelo iNdebe YoMhlaba yebhola lomnqakiswano, eyaqala mhla zingama-28 kuNtulikazi kuya mhla ziyisi-6 kwephezulu. Ukusingatha kwalomdlalo kweNingizimu Afrika, kube inqophamlando kwazise bekungokokuqala ukuthi usingathwe e-Afrika.
Njengoba lo mdlalo kulikhuni ukuwulandela kwabaningi, kudingakale ukuthi kube khona indlela yokufundisa ngawo abantu bakuleli ukuze kuthi kufika usuku lokuqala kwawo abantu sebeyazi ngawo. Lokho kwenzekile njengoba bekuthi uma kunguLwesihlanu abantu bagqoke imifaniswano yeSpar Proteas okuyiqembu lesizwe.
Kuhanjelwa izindawo zakoBantu kufundiswa ngawo. ElaboHlanga libe nengxoxo ekhethekile noLona Benya, okunguye obengumgqugquzeli omkhulu ekutheni abantu bezibandakanye nomnqakiswano.
“Ngiyaziqhenya kakhulu njengomgqugquzeli, lafezeka iphupho lami abantu bayihambela imidlalo ngaqala lapha KwaZulu- Natal yathi uma ifika iNdebe kuleli yafikela kulesi sifundazwe okusho into enkulu. Ngesikhathi semidlalo bengiqhubeka ngenza izinto eziningi ukudonsa abantu ekutheni begcwalise inkundla uma kudlalwa nokuthi kube iNdebe YoMhlaba engasoze yalibaleka emlandweni,” kusho uLona.
Ngokusho kwakhe impilo yakhe yonke ungumuntu wezemidlalo, njengoba uyise wayezifela ngombhoxo kanti unina uzifela ngalo ibhola lomnqakiswano naye ubeyihambele lemidlalo ebiseKapa. Into egqame ngayo lentokazi ukuhlabelelisa abantu ngesikhathi kuqhubeka imidlalo. Iculo ebelihamba phambili elithi “Kusekhayala”.
Ibuzwa ngemfihlo yaleli culo ithe:”Leli culo ngilithanda kakhulu ngoba umyalezo walo ujulile. Thina bantu baseNingizimu Afrika noma ngabe senzani noma kunjani kodwa, ikhaya sihlezi sibeka lona phambili,” usho kanje.
Esinye isithombe esigqamile ingesikhathi icula kanye nokaputeni weqembu lesizwe lebhola lombhoxo uSiya Kolisi kanye noMengameli wezwe uCyril Ramaphosa.
“Ezinye zezinto lezi engingasoze ngazikholwa, konke okuhle kwenzakalile. Izivakashi zakwamanye amazwe zihambe nesithombe esihle,” kubeka uLona. Uqhube wathi yize elakuleli lingawunqobanga umqhudelwano kodwa akusekude lokho kwenzeke.
Kungakapheli izinsuku ezingakanani kuphele iNdebe YoMhlaba, ubeseyingxenye yabesifazane abebeyingxenye yeMarketing Summit, ebizwange “Women who make moves in sports”, ethathe izinsuku ezimbili eSandton eGoli.
“Kumele siqale sishayele izandla iMomentum ngemisebenzi eyenzayo ukusiza abesifazane. LeSummit isho lukhulu ngoba izikhulumi bezigcizelela kwizinto eziliphupho lami kwiMaBenya Sports. Ukufika kukaSolwazi u-Anita Elberse waseMelika Harvard Business School Professor kusho lukhulu, kakhulu,” kubeka uLona.
Abanye besifazane akade beyingxenye yeSummit uNomvelo Magcaba-Shezi weMvelo Boxing, uJoyce Kungwane weTLB Promotions, iJaji
elibuye libe unompempe uSiya Vabaza-Booi ukukha phezulu. UngumsunguliweMaBenya Sport emaketha imicimbi iphathe nokuphathwa kwethalente.
IMaBenya Sport isebenza neSunflower WFC, iKingdom Stars, iKingdom Queens, i-EADP, iPrime Human Performance, iKZN Sport Confederation neDurban International Marathon.
Iphethe uZinhle Ndawonde odlalela amaSharks, uPrecious Mthembu owake wadlalela iSpar Proteas noPhiwokuhl Mnguni nyakenye onqobe KZN Sport Personalty neKZN Sport Women of the Year.
Esonga uthe uphupha ngokusebenza kakhulu nentsha athuthukise ezemidlalo.