Ngabe sekuyisiqalo sokuziveza njengeNkanyezi kuGigaba
Seziqalile ukuvela izinkomba zokuthi umbango wesikhundla sokuhola uKhongolose kulokhu ungaba phakathi kwabaholi abasebancane.
Ngaphansi kwesimo esejwayelekile ngesikhathi lapho kusondela ingqungquthela yokukhetha ubuholi ku-ANC ebanjwa njalo emuva kweminyaka emihlanu, cishe asuke ekhona amagama abaholi ababili aphambili embangweni. Umsebenzi wezithunywa zaleli qembu awubi umqansa kwazise kusuke sekunesikhathi eside labo baholi ababhekiwe bevukuza amagatsha ahlukahlukene benxenxa ivoti.
Ngesikhathi sengqungquthela yasePolokwane ngowezi-2007 kwakusobala ukuthi umbango wawuphakathi kukaMnu uJacob Zuma noMnu uThabo Mbeki. Kwaba ngesifanayo nasengqungqutjeleni yaseMangaung ngowezi-2012 uMnu uZuma edla umhlanganiso. Ngowezi-2017 wawusobala umbango phakathi kukaMnu uCyril Ramaphosa noDkt uNkosazana Dlamini-Zuma. Sekungumlando ukuthi uRamaphosa waphumelela osekuyihlandla lesibili ephethe lesikhundla.
Kulokhu ingqungquthela yokukhetha ubuholi izobanjwa ngonyaka we-2027 emuva kokhetho lohulumeni bezindawo. Yize kuseseva, kepha kulokhu kubonakala kungelula ukuqagula ukuthi yibaphi abaholi ababili anagama abo azosala esigqokweni. Ngakolunye uhlangothi ziyavela kancane izinkomba zokuthi umbango kungenzeka ube phakathi kwabaholi abasebencane.
Igama likaMnu uPanyaza Lesufi onguSihlalo we-ANC eGauteng lide livela njalo uma kuphathwa eyokuhola ngonyaka wezi-2027. ULesufi onguNdunankulu eGauteng akakufihli ukuthi sesifikile isikhathi sakhe. KwaZulu-Natal uMnu uMalusi Nkanyezi Gigaba kungaba ngomunye wabaholi ongaba yithemba lesifundazwe kuKhongolose. Muva nje uGigaba uzobonakalisa njengowehlukile ebohilini baleli qembu. Ezinyangeni ezedlule akazange ahlonize ekhuluma ngokuthi leli qembu selihlehlelwe zikhuni sekuyisikhathi sokuthi lishintshe ukwenza.
Ngeledlule igama lakhe libe ngundabuzekwayo kuvela ukuthi ubizelwe enkantolo lapho bekubhekeke ukuthi abekwe amacala ngokuthinteka kwegama lakhe kuKhomishini eyayiphenya ngezinsolo zokugwamandwa kombuso. Yize engabekiwe ngokusemthethweni amacala, kepha uGigaba usekushilo ukuthi konke okwenzeka kuye kunomthelela wezepolitiki. Khona lapho uthe uyazethemba izinkantolo zakuleli futhi uzobambisana nezinhlaka ezengameli udaba lwakhe. NgeSonto elizayo uGigaba umenywe ukuba yisikhulumi sosuku kuWard 74 no 74 egatsheni laseLamontville eThekwini kuMgubho weminyaka engama-70 Womqulu wenkululeko iFreedom Charter.
Ukumenywa kukaGigaba ukuba isikhulumi sosuku ngesikhathi ziqina izinkomba zokuthi kungenzeka abekwe ngokusemthethweni amacala kukhona abakuhumusha ngokuthi ngaphakathi ku-ANC unabo abazwelana naye nabafuna ukumbona ehola ngelinye ilanga.
Elinye ilungu lale nhlangano ebuholini baseThekwini elicele ukungalulwa liphawule kanje, “UGigaba mdala ebuholini, khumbula ukuthi waba nguMengameli Wophiko Lwentsha lwe-ANC amahlandla amabili. Lokho nje kukodwa kukhomba ukuthi labo abayibutho lakhe abasengaphakathi enhlanganweni bayakholelwa kuye”. Useke wabamba izikhundla eziningi kuhulumeni ngesikhathi sikaMengameli uZuma okubalwa esokuba uNgqongqoshe Wamabhizini Kahulumeni , uNgqongqoshe Wezimali.

