ISekela Mengameli ezinsolweni zenkohlakalo

by Anathi Mtaka
Dec 2, 2022

Isithombe: AFP

Anathi Mtaka
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Inhlangano ebhekele inkohlakalo yaseMalawi ibophe iPhini likaMengameli wezwe uSaulos Klaus Chilima ngezinsolo zokukhwabanisa kulandela uphenyo lwezinyanga ngokuziphatha kwakhe. Enkulumweni yesizwe ngoNhlangulana, uMengameli waseMalawi uLazarus Chakwera waphuca uChilima amandla ngesikhathi umqaphi emsola okokuqala ngenkohlakalo.