Ekuqokweni kwakhe uHassan, iTanzania yangena emlandweni wamazwe ambalwa ezwenikazi i-Afrika aseke aholwa abesifazane.
IHamas idedele izidumbu zabantu bakwa-Israeli izolo.
UMengameli uBiya oneminyaka engama-92 ubanga nabasebancane.
U-Erdogan uncome "imizamo nobuholi" bukaMongameli waseMelika ukuqeda impi eGaza.
Ubexinwa ngeminyaka yakhe kuyona yonke imikhankaso abeyenza.
Kube nesibalo esiphezulu sezokuvikela ngoMsombuluko kusihlwa kuvimbe imibhikisho eholwa yintsha emadolobheni amaningi aseMoroccan, lapho intsha…...
Usenukisa okweqaqa uNetanyahu.
Kudalwa yini ukuthi njalo makunezimpi ezwenikazi, bese kufanele zixazululwe ngamazwe angaphandle, ikakhulukazi awaseNtshonalanga?
Izakhiwo ezishisiwe bezishunqa abanikazi bezitolo bekhuculula imfucumfucu eshile enkabeni yeNairobi izolo.
Umholi we-Economic Freedom Fighters uJulius Malema uthi iqembu lakhe liyeseka ngokuqinile i-Iran.
Uhulumeni waseNingizimu Afrika uthi ukuqaphele ngokukhathazeka okukhulu ukungena kweMelika empini ye-Israel ne-Iran.
“Manxa nibulala mina, akusho ukuphela kwempi. Mina sengimdala nomzimba ubuthaka. Lena akuyona impi yami kepha ngeyentsha yase-Iran.“ - Ayatollah Khamenei
I-Rwanda isiveze ukuthi izohoxa ku-Economic Community of Central African States (ECCAS).
Isifunda i-Los Angeles siyasha.
Ayisabhekani phakathi kuka-Elon Musk noHlanya.
UTrump uthi uke waxoxa noMnuzane.
UMurwira usenxuse ukuthi kube nezingxoxo phakathi kwabo bonke ababambe iqhaza eDRC.
Usopolitiki weqembu eliphikisayo e-Uganda osesitelekeni sokungadli uphuthunyiswe esibhedlela ngemuva kokuba isimo sakhe sempilo sibe sibi.
Iqembu lamavukelambuso i-M23 selinxuse uhulumeni waseDemocratic Republic of Congo (DRC) ukuthi ubambe iqhaza ezingxoxweni zokubhekana nenkinga ekhona ezweni.
IHamas imemezele ukuthi izoyeka ukudedela abathunjwa bakwa-Israel.
Amavukelambuso e-M23 athathe izintambo zokulawula idolobha iNyabibwe empumalanga yeDRC.
UMilei uyalele ukuthi i-Argentina ihoxe ngenxa “yokwehluka okukhulu” mayelana nokuphathwa kwezindaba zezempilo kwe-WHO.
UMkhandlu Wamalungelo Abantu we-UN uzoba nomhlangano okhethekile wokudingida isimo edolobheni elisempumalanga yeCongo.
Iqembu lamavukelambuso i-M23 eDemocratic Republic of Congo (DRC) selimemezele ukuthi kuzomiswa ukulwa, okuzoqala namuhla.