Now Reading
BAHLANGENE PHEZULU PHANSI NGAMAHELE: OweDA uphika eyokwazi uMatlala
Dark Light

BAHLANGENE PHEZULU PHANSI NGAMAHELE: OweDA uphika eyokwazi uMatlala

Yize ukubambisana buqinile kuHulumeni Wobumbano ePhalamende phakathi kweDemocratic Alliance noKhongolose kepha izigameko zakamuva zokunindana esidlangalaleni kwabanye abaholi abaphezulu balamaqembu zikhombisa ukuthi bahlangene phezulu phansi bangamahele. Kungenzeka yini ukuthi ubufakazi obethulwa kuKhomishini kaMadlanga naseKomidini lePhalamende eliphenya ngezinsolo ezenziwa uKhomishana Wamaphoyisa uGeneral uNhlanhla Mkhwanazi ngokuhlangana kwamaphoyisa, abaholi nezigebengu kunomthelela kulokhu. Izolo iDemocratic Alliance iveze ukuthi izothintana nabameli bayo ngenhloso yokubheka ukuthi ingethathele yini izinyathelo zomthetho uMkhulumeli we-ANC uNkk uHlengiwe Bhengu-Motsiri ngesitatiemnde asenzile lapho egxeke khona abezindaba ngokungalulandeli udaba lokuthi umholi weDemocratic Alliance eTshwane uMnu uCilliers Brink ungomunye wosopolitiki owake wahambela emzini kasomabhizinisi uMnu uVusimuzi  “Cat” Matlala eSandton. 

Uthe abezindaba kulezinsuku bacheme isidana neDA ngoba konke ukungcola okuyamaniswa nayo abakulandeli. “Ubani nje oseke wakhuluma ngokuthi uBrink naye wayexhumana oMatlala,”mkusho yena. Khona lapho ubuye waveza ukuthi abakuphiki ukuthi iDemocratic Alliance iphethe kahle komasipala abathile abangaphansi kwayo kodwa igxile ezindaweni zabamhlophe futhi iphethe ngendlela enganambithisiseki.

Izinsolo zokuthi uBrink okunguye oqokwe iqembu lakhe esikhundleni sobuMeya eTshwane wake wahambela emzini kaMatlala ziqale ukusabalala ngeledlule ezinkundleni zokuxhumana. Izolo uBrink unabe kabanzi ngalezinsolo waqinisekisa nokuthi usexhumene nommeli wakhe ukubheka umsusa wale nkulumo ephenduke indabegudwini ezinkundleni zokuxhumana. “Angikaze ngiye emzini kaMatlala inkulumo eyenziwa umkhulumeli we-ANC iyangihlambalaza, ingehlisa isithunzi futhi ayinabo ubufakazi,” kucacisa uBrink Uthe akumthusi ukukhuluma okufuze lokhu okuqhamuka ngomkhulumeli we-ANC ngoba njenge DA basebenza kanzima ukwembula izinqe uKhongolose eTshwane.

See Also

UBrink uthe uqale ukuzwa ngegama likaMatlala ngesikhathi uGeneral Mkhwanazi eligagula kwabezindaba. “Into engingayitshela uMkhulumeli we-ANC ukuthi kumele kuqala athole ubufakazi bento ngaphambi kokubhebhethekisa amanga. I-ANC isiyajwayela ukuba semandleni manje ayikholwa ukuthi abantu nabezindaba bayijikelengenxa yenkohlakalo nokungethembeki,” kusho uBrink. Uveze ukuthi neDemocratic Alliance abasho ukuthi yenza yonke into ngendlela ehlelekile kodwa lapho ishelele khona iyafunda kulelo phutha ilungise.

Scroll To Top