Now Reading
Amatshitshi aseqhulwini lomgomo wokuvikela ingculazi
Dark Light

Amatshitshi aseqhulwini lomgomo wokuvikela ingculazi

Emizamweni yokulwa nokubhebhetheka kobhubhane lwengculazi uMnyango Wezempilo kuleli uzobeka eqhulwini amatshishi okuzoba yiwo azothola kuqala umgomo iLenacapavir ovikela ukutheleleka ngegciwane. Ngokwesifiso sikaNgqongqoshe Wezempilo uDkt u-Aaron Motsoaledi amaconsi angama-900 000 azokwanela abantu abangaphezulu kwama-450 000 ngoba umgomo uzothathwa kabili ngonyaka. Okwamanje lomgomo ophasiswe ngo-elethu ngososayensi nabacwaningi eMelika ukhiqizwa inkampani yamakhambi yakulona leliya lizwe eyaziwa ngeGilead Sciences. 

“Abantu esibone ukuthi kube yibo esibabeka phambili ngokuthola lomgomo amatshitshi angakasuleleki ngengculazi ngoba yiwo asengcupheni enkulu yokutheleleka. Abanye abasengcupheni yokutheleleka kalula abazohlomula ngalo mgomo kuqala emuva kwamatshitshi amayengandoda, amadoda aya ocansini namanye amadoda, ilabo asebazishintsha ubulili, abesifazane abazithwele nabancelisayo,” kusho uMotsoaledi

Ngokusho kukaNgqongqoshe akubanga indlela elula ukuthi elakuleli lihlomomule ngalo mgomo ngenxa yokuthi ubumba eqolo. Utshele izithunywa emhlanganweni wokubonisana obuhlanganisa izinhlangano zomphakathi ezilwa nengculazi, abezempilo, iSouth African National Aids Council, iNhlangano Yamazwe Yezempilo nabamele i-UNICEF ukuthi ukungenelela kweGlobal Fund kwenze kwaba lula ukuthi bathole lomgomo.

“IGlobal Fund isilekelele ngokuthi izoyikhokhela yonke imigomo yokuqala engama-900 000 ezothunyelwa ezweni emuva kokuba inkampani ekhiqiza lomgomo iGilead Sciences ivumile ukuthi intengo yomgomo umunye izoyehlisa ifinyelele ku-40 dollars.Izinkampani ezi-6 zibe sezishaya indesheni kuGilliart zimnxenxa ukuba azinike ilungelo lokukhiqiza umgomo ofana ncamashi nalona ikakhulukazi njengoba bekunguGilliart kuphela onelungelo lokuwukhiqiza,” kuchaza uMotsoaledi.

See Also

Uthe banethemba lokuthi lezinkampani ezi-6 zizobe seziqaleli ukukhiqiza lomgomo ngasekupheleni konyaka wezi-2027 kuya kowezi-2028. UNgqongqoshe ubuye wakhumbuza isizwe ukuthi luncane kakhulu usizo abebeluthola eMelika ngokukhiqiza amaphilisi okudambisa ingculazi ama-ARV’s. Uthe imali ethenga ama-ARV’s iphuma esikhwameni sikahulumeni okuyimali ayibeka eceleni ukubhekana nezinhlekelele, kuthi olunye usizo luqhamuke kwiGlobal Fund. Bevile ezigidini ezi-5 abantu abangaphansi kohlelo lwama-ARV eNingizimu Afrika. Kulesi sibalo abekho abantu bangaphandle abakuleli ngokungemthetho abalanda ama ARV emitholampilo nakwezinye izikhungo.

Kusuka kuqiniswe umkhankaso wokuhlolela lolu bhubhane baningi abantu asebephumele obala ngokudla imishanguzo nangokukhuluma ngokungesabi ngaleli sifo okunomthelela ekwehleni kwaso.

Scroll To Top