Ubuholi baseNkandla buzimisele ukusiza ekuthuthukiseni intsha
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.



Bangama-96 abafundi abafunda ezikoleni ezingaphansi kukaMasipala iNkandla, abahlomule ngemifundaze yokuthi babhalisele ukuyofunda ezikhungweni zeMfundo Ephakeme.
Lokhu kuvezwe uSekela-Meya osabambe njengeMeya eNkandla, uNkk uNonhlanhla Nzuza, kumcimbi obekukonyeliswa abafundi abenze kahle kumatekuletsheni nyakenye.
Lo mcimbi wenzeke okokuqala ngaphandle kukaMnu uMbhekiseni Biyela okade eyiMeya kuloMasipala, odlule emhlabeni ngoZibandlela nyakenye. Ubuhanjelwe iMeya yesiFunda iKing Cetshwayo oholwa uMnu Sikhumbuzo Dlamini, iMeya yaseMfolozi uMnu uXolani Bhengu obeyisikhulumi sosuku abantwana baseNdlunkulu, umphakathi kanye nabazali.
“Kuyasithokozisa kakhulu ukubona abafundi balapha eNkandla bejabule, emva kokuba bethole imifundaze. Besinesifiso sokuba sibanikeze bonke abafundi abafake izicelo zemfundaze, kodwa ngenxa yokuthi siwuMasipala ongenayo inkece eningi sibe sesinikeza laba abangama-96. Sibadonse ngendlebe labafundi abanyelwe inyoni esandleni yokuthola imifundaze, ukuthi lapho abaya khona beqhubeke ngokuzimisela. Abayile ukuyozimela bona nje, kodwa bayomela imindeni yabo noMasipala Inkandla” kusho uNkk Nzuza.
Uveze ukuthi ilinganiselwa kwizinkulungwane ezingama-R600 imali ekhishiwe ukuze kusizakale izingane, njengoba zithole namaLaptop, omakhalekhukhwini kanye namaTablet. UMasipala Inkandla okhandwe ngama-Wadi ali-14, uphumelele ngo-89,14% nyakenye.
“Lo mcimbi uhlezi wenzeka minyaka yonke sikhuthaza intsha eyenza umatikuletsheni kulo nyaka ukuthi nayo yenze kahle, ngoba ngonyaka ozayo kobe kungayo. Siwubuholi baseNkandla, sizimisele ukuthuthukisa intsha yalapha kithi ngayoyonke indlela. Ezinsukwini ezedlule besihambela izikole lapho besinikezela ngomfaniswano kanye nezicathulo zesikole, kubafundi bakumabanga aphansi” kubeka uNkk Nzuza.
ElaboHlanga likhulume noNabobahle Buthelezi (19) othole umfundaze obefunda eBizimali Secondary School, uveze ukuthi zimujabulise lezi zindaba.
“Ngijabule kakhulu ukuba ngibalwe nabanye abahlomule ngemifundaze, bengiwudinga kakhulu ngoba ngifisa ukuthi ngingahlali ekhaya kodwa ngiyofunda. Sengizokwazi ukuyikwenza iLibrary & Information Science, kwenye yamaNyuvesi ahlonishwayo kuleli iDurban University of Technology (DUT). Ngiyabonga kwiMeya yethu engasikhohlwanga siyintsha” kusho uNabobahle.
Kwizikole eziphumelele ngo-100% iMashinga Secondary School, Inkosi Usishakuza Secondary School, iSenzakahle Secondary School neVuleka LSEN School.
IBizimali Secondary School iyona ebe nabafundi abaphumelele ngama-Bachelor amaningi angama-300 Bachelors ithole indondo, isitifiketi kanye nezinkulungwane ezingama-R20.
Umfundi obaqweqwade bonke kuloMasipala kube uThembalethu Banele Zuma, obefunda eBizimali Secondary School. Ngokusho kukanina uthe lomfundi kuyimanje useWits University lapho eyokwenza khona izifundo zakaScience.

