Now Reading
Abanye bathi uzigwaze ngowakhe umqeqeshi weChiefs kanti abanye bathi ubhecwa ngobubende
Dark Light

Abanye bathi uzigwaze ngowakhe umqeqeshi weChiefs kanti abanye bathi ubhecwa ngobubende

Bancoma isinqumo sokuxoshwa komqeqeshi weKaizer Chiefs 

Mhleli: Lo baba waqale wasibeka endaweni yesishiyagalolunye. Sithe sisathuswe ilokho wasibukanisa nezingane ezincane. Sisamangele sinjalo wathi akakaqedi ngathi wasigabisela ngendebe sahlala esicongweni unyaka wonke sazosuka ekugcineni. Angithi uKomphela abalandeli baba nesandla ekuhambeni kwakhe. Yini eyehlukile ayenzile yena? Ukhona yini umklomelo wokuqhwakela kodwa uqede ushwibe izandla? Abalandeli beSundowns bayamthanda ngoba ubagixabeze ngesicoco. Yibo futhi abakhala ngokuxoshwa kwakhe. – nguMzoh E Msomi

Mhleli: Okokuqala iqembu lakhishwa uyena kuTop 8 azange alifice seliphumile. Waphinde wazosenza inhlekisa sadliwa yiTS Galaxy nangu futhi ehlala unyaka wonke esicongweni waphunyukwa yiligi ngosuku lokungcina. Kungangcini lapho wagawulisa i-Arminia Bielefeld yaseGermany ngezembe okukuqala ngqa emveni kweminyaka engama-34 ikuBundesliga umlando futhi loyo ongemuhle. – nguTeeboz Fuze

Mhleli: KuChiefs akubaluleke ngalutho ukungena kwaphezulu kwayisi-8 kodwa nosikompilo oluwukudlala kahle nokunqoba izindebe lubalulekile. Nokho-ke ukungabi bikho kwabalandeli kuyilimazile iChiefs ngoba bayakwazi ukuba nomthelela kokusuke kwenzeka enkundleni. Kwazise phela iMpofana yazuza izindimbane zabalandeli neziwengu-ke ngenxa yokudlala kahle nokujwayela ukuhlabana. IJalimane ngalingabaza ngisabona iCV yalo lifika okukuqala neyayichaza kabanzi ngokusiza amaqembu ukuvika izembe nokungeyona-ke inkinga yeChiefs leyo.  Kodwa ukubhaxabula kwalo iBhakabhaka kwalenza kwaba sengathi kukhona elingakwenza kanti akukho lutho olubabazekayo kulo mlisa.  Yebo nabadlali abamsulwa kule mbedumehlwana. – nguJimmy Gadlela 

Mhleli: Manje bekumele ahlale ngisho ebheda kwanele ngokwenziwa uKomphela ehlala amasizini amathathu engenzi lutho. Lona yena wenze into yamehlo, edliwa ihlathi kufayineli yeNedbank Cup ngeyezi-2018/19. Manje lokhu bese kukubi kakhulu, kumfanele ukuxoshwa wandisa uhlobo olubi lwebhola eNingizimu Afrika into engasadlalwa nasezweni lakhe. – nguSbo Masondo

Mhleli: Inkinga yakhe akakwazi ukushintsha indlela yokudlala uma izitha zimvimbezele lokhu okubizwa ngoPlan B. Okunye okugqamile ngaye ukuhluleka ukubumba abadlali babe into eyodwa, bebengahlangene emva kokubuya kumvalelwakhaya. – nguSyabonga Mabhi Mdletshe

Mhleli: Akahambe ayolingisa ezingqayini. Kungani uBobby ehambisa abadlali abangcono ashiye izithipha oKambole. U-Ekstein, uMahlasela, uGodihno noMalangoana bahanjiselwani?  – nguMgazy Sobethu Menziwa


Abayizwa kahle eyokuxoshwa kukaMidderndorp

Mhleli: Engingakusho ngeChiefs yakulezi zinsuku zokugcina, kangikholelwa ekutheni inkinga ikubaqeqeshi kodwa ngiyibona ikubaphathi beqembu uqobo; uBobby Motaung nguyena owisa iqembu likayise. Isizathu esenza ngisho kanjalo ukuthi iChiefs ayifuni ukungena emakethe iyothenga abadlali abanohlonze nabasezingeni eliphezulu kepha ekugada kakhulu abadlali asebephelelwa izinkontileka namaqembu abawadlalelayo. Nizongifakazela uma nineqiniso futhi uma ibhola nililandela ngeqiniso, uKomphela naye waxoshelwa into engekho yinina balandeli. – nguSiyabonga Nguzunga Ngwenya

Mhleli: Leli Jalimane liwenzile umsebenzi futhi oncomekayo into kube ipolitiki phakathi eqenjini. Mzukwana ekhipha isitatimende esithi unozinti uKhune akekho ezinhlelweni zakhe kanti abanye abadlali abakholelwa kulo nozinti abangakuthandanga lokho, baqala bahosha izinyawo ngokuvikela uzakwabo ukuba ijazi lingagcwali umoya. Kube yisibomu kubadlali ngoba ubengeke ahambe umqeqeshi ukuba uyithathile le ndebe kepha bekuzohamba unozinti kanye nabanye engingeke ngabadalula. – nguSicelo Xelelo

See Also

Mhleli: Ubaba uKaizer Motaung kumele atshele abalandeli iqiniso ukuthi akuseyena othatha izinqumo kodwa sekukhona amanye amadoda asephendule iqembu laba yilokhu okufunwa iwona, aguqula nosiko lweqembu yingakho lungekho uzinzo. Kubukeka kumele abaphathi  beChiefs bazinuke amakhwapha ngale kwalokho akekho umqeqeshi ozoyinqobela izicoco bazoxosha baqashe njalo nje. – nguVusumuzi Khuzwayo 

Mhleli: Inkinga inkulu ePhefeni. Umqeqeshi naye uzigwaze ngowakhe ngokungabi namaqhinga ayimfihlo. Amaqhinga akhe bese ziwazi izitha kodwa inkinga yaqala lapho ezikaShintsha Guluva zivuma ukukhohlwa kalula ukuthi iqembu selingaphezulu kokuba elakwaMotaung kepha sekungelabalandeli abadela konke okuncane abanakho ukuze bayoligqugquzela. Uma kusayiniswa abadlali sekwathathwa abangabizi nabangenalo udumo olungako. Uma kuke kwakhona iqembu okubangwa ukusayinisa umdlalo nalo bayahoxa, nayo-ke inkinga ezikise lo mkhumbi. – nguMsawenkosi Mseni

Mhleli: Ayikho into axoshelwe yona lo mqeqeshi, alikho iphutha alenzile uhlanganise abadlali abahle kule sizini umgqigqo wakhe waphazanyiswa ukhuvethe. Uma iChiefs imxoshele ukuthi izothatha uHunt ngeke ngiyisole kodwa okunye nokunye cha. Ubuhlungu benhliziyo nje isinqumo sokuxosha umqeqeshi, umuzwa wesikhashana isixazululo lapha ukuthenga abadlali abasezingeni. Lo mqeqeshi iqemubu ulilande endweni yesi-9 yalwela ukuthatha isicoco ngabadlali abahlanganise yena. Waletha uNorkovic wageja ngaphansi kwepali komunye umdlalo kudingeka amaphuzu aphelele, wenzeni ngempela umqeqeshi? – nguSiyabonga B. Nkosi

Mhleli: Sibi lesi sinqumo esithathwe iChiefs sokuxosha iJalimane bengibheke ukuthi balinike ithuba lesibili, angazi ukuthi iChiefs iyoshintsha abaqeqeshi kuze kube inini. Abadlali nabo basenzele phansi njengabalandeli beMpofana kodwa-ke singathini washo uBobby wathi iChiefs ibhizinisi lomndeni. Singobani-ke thina esingabatshela ngento yakubo? Umqeqeshi ozothatha izintambo ayikho naye into azoyenza ngalaba badlali esinabo uyongibuza ungiphale ulimi. – nguSenzo Buthelezi

Scroll To Top