UMkhandlu uPhongolo uzoklomelisa abamabhizinisi
UKhumalo uqweqwe lombhali wamabhuku nemidlalo yomsakazo.
USUKU okade lwalumenyezelwa selufikile. Lolu wusuku lokuklomelisa osomabhizinisi bendawo yasoPhongolo abenze kahle kwiminxa eyehlukene. Umcimbi UPhongolo Business Awards nohlelwe wuMkhandlu uPhongolo uzobanjwa ngale mpelasonto.
Emcimbini okulindeleke ukuba uhanjelwe ngamakhansela, aMakhosi , osomabhizinisi nosozimboni nabanye kuwo kuzobe kungatuswa nje imikhiqizo noma ukwandiswa kwamathuba emisebenzi ngosomabhizinisi kepha kuzotuswa nalabo abenza ngakhona njengoba beyoklonyeliswa nabathi behweba kepha bebe bekhokhela izinsiza ezilethwa ngumkhandlu.
Ephawula ngalo mcimbi kanye nomongo wawo, loyo oyiMeya YasoPhongolo uNks uBawinile Nhlabathi uthe: “UPhongolo njengazo zonke izindawo zasemakhaya kwaZulu-Natal naseNingizimu Afrika lubhekene nenselelo yokufukula izingampilo lezakhamuzi ezakhele loMasipala, kusuka kungqalasizinda, amakhono kanye namathuba emisebenzi. Lokhu kulindeleke ukuthi sikwenze ngesabelomali esincane esinaso. Ngokomklamo isabelomali sethu (Budget) asenele.
Uma ubuka lesi sabelomali uqhathanisa nezibalo ezithi kule ndawo yakithi sinesibalo esicela ku-35% sabantu abangasebenzi, bese siba nesibalo esilinganiselwa ku 77% salokhu okubizwa nge-independent ratio, nokuyisibalo esikhulu kakhulu, kuyakhanya ukuthi usemkhulu umsebenzi okusamele siwenze ngokubambisana,” kwendlalela iMeya.
Uqhubeke wathi: “Kungalesi sizathu singuMasipala siqhamuke nomqondo wokusebenza ngokubambisana nosomabhizinisi bendawo. Lokhu sikwenze ngoba sikwamukela ukuthi osomabhizinisi bendawo bawumgogodla womnotho wendawo futhi yibo abawubuso boPhongolo.
“NjengoMasipala siyakwamukela ukuthi eminyakeni eyedlule lolu hlelo esizolwethula namuhla belungekho. Lokhu bekungewona amabomu kepha bekungenxa yohlelo ebesilwakha ngoba besifisa ukuthi lo msebenzi ungabi ngowonyaka owodwa kepha kube ngowaminyaka yonke. Esinye isifiso sethu wukuthi lolu hlelo lulunjaniswe nezinye izinhlelo zikaMasipala ezibheke intuthuko yendawo (local economc development) kanye naleyo edidiyelwe (Integrated Development Plan),” kuchaza iMeya.
Ngezindondo uthe: “Uhlelo esizolwethula namuhla ngolwezindondo ezizobe zinikezwa osomabhizinisi bendawo. Laba ngabantu abangagcini nje ngokuba ngosomabhiznisi nosozimboni kepha umsebenzi nokwenza kwabo kubeka indawo yakithi ezingeni elingcono nxa kufika entuthukweni yomnotho wendawo. Kithina lona akuwona umcintiswano kepha wukubungaza okuhle. Lokhu kumqoka ngoba siyafisa ukuthi bonke abangenele umncintiswano nalabo abagcina beqokiwe bazi ukuthi njengoMasipala siyawutusa umsebenzi wabo ekuthuthukiseni indawo yangakithi,” kuphetha uNks Nhlabathi.
Emuva kokuvulwa kwethuba lokuba umphakathi uphakamise amagama kube yilaba abangene ohlwini okuzokhethwa kulo kusasa:
Abaqokelwe esomqashi wonyaka:
- Junk Shop – Johan Erlank
- Sugar Mill
- Pongolo Metals – Mr Mathe
Abahambisana nemigomo kaMasipala:
- Pongolo Metal – Mr Mathe
Umlimi ovelele:
- Phumelela Farmers
IProject evelele exhaswe nguMasipala:
- Mnothoula Number Two Trading
- Secondart Co-op Limited
- Stars Multi-Purpose
USomabhizinisi osemncane ovelele:
- TT Vilakazi – The Ground Entertainment
- Mr Thobani Mema – KMH Trading
USomabhizinisi ovelele wesifazane:
- Elaida Heystek
- Marry S Ntshangase
Oyinxusa:
- Chane Badenhorst
- Nkululeko Khanyi
USomabhizinisi osemnkantshubomvu:
- Willemiena Erlank
Ibhizinisi elinehuha kubavakashi:
- Dive in B‘nB
- Ngwenya Bed and Breakfast
USomabhizinisi ozimele:
- Smangele Mthembu Markert
- Sbongile Thabede
Kuzohlonishwa nosomabhizinisi abathathu asebeqhube umsebenzi iminyaka engama-30 bethuthukisa namalungu omphakathi.