Inkantolo imgixabeze izigidi, kepha inkampani iyala nesinxephezelo



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Ilowo nalowo muntu ophilayo emhlabeni kuba nosuku angasoze alukhohlwa empilweni noma ngabe kwenzeka into embi noma enhle.
Ngonyaka we-2014 ngoNtulikazi elaboHlanga lashicilela udaba lukaMnu uPhilani Ndlovu. Le nsizwa eyazalwa ingenakho ukukhubazeka namuhla isebenzisa isihlalo esihamba ngamasondo ngenxa yalokho okwayivelela ngowe-2012.
Njengengxenye yokwelusa imibiko yethu yeminyaka eyedlule, elaboHlanga lihambele uNdlovu. Akukuningi okuguqukile ngaye. Nanamuhla usahamba ngesihlalo esinamasondo kanti usahlala kwaG KwaMashu. Lapho ehlala khona kungumuzi onamagumbi amane, bese kuthi egcekeni kube nezinye izakhiwo.
Ngenkathi leli phephandaba liqala ukukhuluma naye ngowezi-2014 uGatsheni waxoxa udaba olubuhlungu ngalokho okwamehlela engazelele. Waveza ukuthi kwathi mhla zili-16 kuNdasa ngonyaka wezi-2012, wadubuleka nokwabe sekumhlalisa esitulweni ngenxa yokulimala kwamalunga athile omzimba. Okugqamile ngesikhathi ekhuluma nelaboHlanga ngokulimala kwakhe, ukuthi yize sekuphele iminyaka eli-10 isigameko senzeka kodwa bekungathi senzeke izolo lokho bekufakazelwa ubuso bakhe obebukhombisa umunyu.
Exoxa ngokulimala kwakhe uthe: “Impela kuqinisiwe makuthiwa elokufa alitsheni. Ngangizihambela nomngani wami, silinde ikhumbi ngaphandle kwaseLiberty lapho okudayisa khona utshwala eThekwini. Sathi sisalindile ngazithengela ugwayi, kanti kunomdlalo lona okuthiwa owezivalo lapho engithenga eduze kwakhona. Omunye umfowethu wayehlulwa njengoba wabe esebheje nangomakhalekhukhwini wakhe nawo wacwilwa, ilapho ingxabano yaqala khona exabana nalomnikazi walo mdlalo.
“Mabexabana baze bangena ngaphakathi emasangweni aseLiberty, balanyulwa unogada kodwa lutho ukulamuleka. Unogada wenkampani iM17 Security Intelligence wabe esekhipha isibhamu, ngabe sengitshengisa umngani wami ukuthi nakhu sekuphuma nesibhamu angiligwinyanga sabe siqhuma. Ukuqhuma kwaso inhlamvu yabe ingena enyameni kimi. Yangena lapha esifubeni, yedlulela emgogodlweni kwaba wukuqala koguquko empilweni yami,” kusho yGatsheni. Ubalule ukuthi waphuthunyiswa esibhedlela esiseduze i-Addington nalapho afike alala khona amasonto amabili. Kwenzeka lokhu nje wayesanda kugubha usuku lakhe lokuzalwa njengoba alibona ilanga ngomhla ziyi-7 kuNdasa ngonyaka we-1987.
Njengoba ehamba ngesihlalo esinamasondo nje kusho ukuthi akakwazi ukuthi avele ezihambele noma ikanjani kudingeka ukuthi kube khona ozomlekelela “Ngesikhathi kusekusha ukulimala kwami nganginethemba lokuthi ngophinde ngilulame, ngiphinde ngikwazi ukuzihambela. Kodwa kwathi makuhamba isikhathi ngabona ukuthi impilo yami yonke sengizohamba ngesitulo. Indlela okuyiyo ngingasho ngithi umzimba wami uboshiwe, kusebenza umqondo kuphela. Angikwazi ukuzenzela izinto eziningi, ngiyalekelelwa abantu. Kungcono ukuthi ngazalwa ngingakwazi ukuzihambela manje ngiyawazi umuzwa wokuzihambela kubuhlungu. Iqiniso nje kwesinye isikhathi ngike ngisho ukuthi ngabe kuncono ukuze kuthiwa ngavele ngahamba emhlabeni” kusho uNdlovu. Ngaphambi kokulimala wabe esebenzela inkampani yamaloli engumsizi womshayeli kanti phambilini wayesebenza eKFC.
Ukungenela kwenkantolo
Kwathi manxa kuhamba isikhathi nagokwelulekwa ngabantu abehlukene wabe esethatha isinqumo sokuthi abophe inkampani iM17 Security Intelligence, afune kuyo amademeshe okulimala kwakhe. Lolu kwaba wuhambo olude njengoba kuphele iminyaka lungena luphuma eNkantolo.
Inkantolo yamvuna esicelweni sakhe sokunxeshezelwa nokho sekukhona enye inkinga manxa sekumele akhokhelwe. Kwisinqumo secala elingu nombolo 9687/14 nelanqunywa ngomhla zili-19 kuMbasa ngowezi-2022, elabe lithinta uMnu uPhilani Ndlovu nenkampani iM17 Security Intelligence Pty (Ltd) ebuye ihwebe ngelika Special Commando Tactical Armed Forces.
Inkantolo yathi uNdlovu kakhokhelwe umehlokaboni wezigidi. Nokho uma sekufuneka inkampani lena ikhokhe sekuyaguquka ukukhuluma.
“Ngizwile kuthiwa inkampani unogada wayo owangidubula iyavalwa. Lokho akwehli kahle kumina, ngisho eNkantolo ngangibatshengisa ukuthi ngihambisana nabo ukuthi unogada wangidubula ngokungenhloso angibabophi kodwa ngidinga isinxephezelo ngoba ukudubuleka kwami kwabe sekushintsha impilo yami. Kwaqala ngokuthi bethi unogada akasekho emhlabeni, nokuyinto engikholwa ukuthi base begunstigde ukulibalekela icala. Njengoba ngilinqobile icala nyakenye, ngidinga beyikhokhile imali ebekwe iNkantolo elinganiselwa kwizigidi ezili-R18. Angikholwa futhi izovalwa, bazovala igama bese bethenga amasheya kwezinye izinkampani ukwenzela ukudukisa umkhondo,” kunaba uNdlovu.
Esinye isithombe esivelele elaboHlanga ukuthi uNdlovu kubo kuthenjelwe kuyena ukuze kuxoshwe ikati eziko. Lokho kugqame ngesikhathi izingane zodadewabo ziza kuyena zizocela imali yesinkwa.