Owomkhaya usuqala ukuphelelwa yisasasa: Ertugral
Lukhathazekile ngokwehla kwesasasa lomdlalo wabakhaya baseSoweto, iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates, uqweqwe lomqeqeshi uMuhsin Ertugral oseke wahlala ebhentshini lazo zombili lezi zikhondlakhondla zamaqembu aseNingizimu Afrika.
Kusasa ngelesi-3.30 ntambama, Amakhosi azogudulisana neZimnyama emdlalweni weDStv Premiership obhekwe ngamehlo abomvu eFNB Stadium.
Womabili la maqembu adonsa kanzima. IChiefs ihlezi endaweni yesikhombisa ngamaphuzu ayishumi nambili emidlalweni eyisishiyagalolunye.
Ngakolunye uhlangothi eZimnyama ziyibambe endaweni yesithupha ngamaphuzu ayishumi nambili.
“Womabili la maqembu aselahle usiko lwawo lokudlala nokwenza izinto. Ngesikhathi ngifika eNingizimu Afrika eminyakeni eyedlule, iChiefs nePirates babaziwa ngebhola elidla utshani futhi bebophele abadlali abebedle ngemijiko eya phambili. Izinhlaka zabo zenkulisa zaziqine kakhulu futhi zikhiqiza abadlali abaseqophelweni eliphezulu njengoJabu Pule noBennedict Vilakazi. Womabili amaqembu kufanele abuyise lolu siko ukuze umdlalo wabakhaya uzobuyelwa yisasasa,” kusho u-Ertugral.
IChiefs sekuphele iminyaka eyisithupha ihlulwa yizicoco. “Uma ubheka umlando wala maqembu ukubeka kucace ukuthi ngaso sonke isikhathi abehlale eshaya ngezintandokazi zabadlali abasuka emaqenjini enkulisa. Iningi lalabadlali bebengabokuzalwa eNingizimu Afrika okuyinto esiyindlala manje. Angisho ukuthi abangasayiniswa abadlali bangaphandle kodwa kumqoka ukuthi womabili la maqembu akhiqize abadlali bomsinsi wokuzimilela kuleli. Uma la maqembu engabuyisa usiko, ngiyakutshela nezinsuku zenjabulo nesasasa lomdlalo wabakhaya lizobuya,” kuqhuba u-Ertugral.
Abalandeli angeke babuyele kusasa ngenxa yokhuvethe.
“Lolu bhubhane lokhuvethe luyisiphazamiso kakhulu ngoba abalandeli abavumelekile ukuya ezinkundleni. Lokhu kuyawuthatha umsoco womdlalo wabakhaya. Abalandeli bayawujiyisa lo mdlalo,” kulandisa u-Ertugral.
NgoLwesibili iChiefs ithelwe othulini yiStellenbosch FC ngo ngelilodwa eqandeni kwathi iPirates yaguqisa iSekhukhune United ngamabili kwelilodwa.
“Imidlalo yaphakathi nesonto ihlale izophazamisa amalungiselelo omdlalo wabakhaya. Umdlalo wabakhaya umdlalo ongeke uwufanise neminye imidlalo. Imiqondo yabadlali isuke isisemdlalweni wabakhaya. Kubanzima kubadlali ekutheni bagxile emdlalweni osuke uphakathi nesonto. Lokhu kugcine kuholela ekutheni iqembu likable amaphuzu phakathi nesonto okwandisa ingcindezi ngaphambi komdlalo wabakhaya. Njengomqeqeshi uyaye ufise sengathi ungathola isonto lonke lokulungiselela umdlalo wabakhaya. Le midlalo yaphakathi nesonto iyaphazamisa kodwa isuke ingekho into ongayenza. Umdlalo wabakhaya umdlalo oyisipesheli,” kubeka u-Ertugral.
Ngesonto eledlule iPremier Soccer League (PSL) idedele abalandeli abayizinkulungwane ezimbili abagomile ukuthi bazothamela umdlalo wabakhaya.
“Abalandeli yibona abenza umdlalo wabakhaya ube nesasasa. Ngaphandle kwabo umdlalo wabakhaya awufani. Okunye okwenza ukuthi lo mdlalo ungabi nesasasa yingoba womabili la maqembu akenzi kahle,” kuchaza u-Ertugral.
UStuart Baxter ocija Amakhosi noMandla Ncikazi noFadlu Davids bangaphansi kwenkulu ingcindezi.
“Womabili amaqembu asesigabeni lapho ezama ukuthola umgqigqo ngenxa yokuthi abaqeqeshi basebasha. Akuyona into elula ukubumba kuwona womabili la maqembu. Abalandeli bafuna imiphumela ngokushesha. Ngakolunye uhlangothi bafuna nebhola elihehayo. Ukuhlanganisa lezi zithako ezimbili ngokushesha akuyona into elula. Phela ukufaka isitayela sokudlala eqenjini elisha kuyaye kuthathe isikhathi.” kuphetha u-Ertugral ozakhele ugazi kuChiefs ngokuwola inqwaba yezicoco nokudlalisa abadlali abancane abangaziwa.
ULinda Mntambo noKeagan Dolly yibona abazobe bebhekwe ukuthi baweze amaqembu abo ngelibanzi njengoba bobabili basefomini embi.