Lisekhona isasasa langesikhathi kuqalwa ibhizinisi?



UDhlomo ungungoti wezamabhizinisi nombhali wamabhuku ehlukene ngokwakhiwa nokuphathwa kwamabhizinisi
Uma ukhuluma nosomabhizinisi ngokwamheha ebhizinisini akulo uyokutshela izizathu ezithile, ezinye zazo ezingase zingakugculisi. Kungenzeka ukuthi baningi ababone isasasa nedumela lesanithayiza nezifonyo baphuthuma basungula amabhizinisi abebethemba ukuthi yiwo azobawelisa ngelibanzi. Sizobuyela kuleli phuzu ngokuqhubeka nale ndaba. Ongoti ekuhlaziyeni osomabhizinisi baveza izizathu ezahlukene ezenza umuntu asungule kumbe angene ebhizinisini.
Esinye sezizathu esenza abanye basungule amabhizinisi, wukungena emlandweni womndeni. Uma kubalwa abantu abenza okuthile ukuphakamisa igama lomndeni kuyinto eyenza abanye bedlule ezingeni lokuba baneliswe wukuvuka ekuseni baye emsebenzini, okuyokuthi sebengasekho bangaphinde babalwe njengababalulekile emlandweni womndeni.
Baningi bangena ebhizinisini ngenxa yokuthanda imali eningi. Uma ngithi imali eningi, ngiyibalula ngoba umuntu oqashiwe uyayihola imali, kodwa inkolelo ithi uma unebhizinisi uthola imali eningi ngoba yonke imali engena ebhizinisini iba ngeyakho, bese uyaba ngononina. Ubuningi bemali ebhizinisini yinto edinga ukuxoxwa kabanzi ngoba umuntu ubona ubuqiniso bayo ngoba eselisungulile elakhe ibhizinisi. Isithombe semali eningi siyagqama uma usayibukela kude eyokusungula ibhizinisi, bese kuvela ubuqiniso bayo uma usungumlawuli jikelele.
Umuntu kuyamjabulisa ukuba ngumphathi. Bambalwa kakhulu abantu ongathola ukuthi bagculisekile ezingeni abakulo lokuphathwa kusukela ebuncaneni baze baguge. Kuvamisile ukuba umuntu asebenze afinyelele ezingeni elithile lapho ezibona khona ukuthi usengenyukela ezingeni elilandelayo lempilo, lapho ezokuba nengxenye elawulwa nguye, aphendule ngayo empilweni yakhe. Bakhona-ke abangena ebhizinisini ngaleyo ndlela yokuthanda ukuphatha, kube nezinto kanye nabantu abalalela futhi benze lokho okushiwo nguye.
Kunabantu abasungula ibhizinisi ngenxa yothando lokuba nomsebenzi umuntu awusungule ngokwakhe. Kumnika isithunzi azizwe kunento ayiphilelayo omunye umuntu uma esebona abantu bephuma bengena ebhizinisini elibiza igama lakhe. Omunye kusuke kuyizinkomba zokufezeka kwenhloso yokuza kwakhe emhlabeni ukubona kunabantu abethembele kuye ngomsebenzi noma umkhiqizo othile owumphumela wengqondo yakhe.
Omunye umuntu uthi ngokufunda abe nolwazi oluthile, nokusebenza umsebenzi othile anolwazi lwawo bese ebona ithuba lokuzisungulela elakhe ibhizinisi azolihlahlela alibumbe ngendlela emgculisayo. Lokhu uthando nolwazi ngomkhiqizo nomsebenzi othile, ilukuluku lokuphatha, isasasa olibona emsebenzini noma emkhiqizweni othile.
Kuyenzeka-ke kwesinye isikhathi umuntu ahehwe yisasasa lesikhashana asukume naye aqoqe okwakhe azilungisele ukuqala lolo hlobo lwebhizinisi. Kuba nzima-ke kulowo uma kuthi esangena liphele isasasa bese ebona sengathi wenza iphutha ngokusungula lolo hlobo lwebhizinisi.
Kuye kuthiwe olunye lwezimpawu zokuba ngusomabhizinisi wukuba namehlo avulekile aqaphelayo, asheshayo ukubona ithuba lokwenza imali. Kumele usomabhizinisi abe ngumuntu omi ngamazonzwane ukuze asukele phezulu uma kuvuleka intuba yokwenza imali ngokushesha. Ngicabanga ukuthi baningi abebewavulile amehlo nezindlebe belindele isimemezelo sikaHulumeni mayelana nokuvulwa kwezikole.
Ekuqaleni kwaleli sonto zivuliwe izikole, babuyela othisha ngaphandle komsindo omkhulu owezwakala ngenkathi zivula emva kwemvalelwakhaya esezingeni lokuqala. Kulo nyaka awuzwakali umsindo nesasasa lokuqashwa kwezinkampani zikhokhelwe izigidi zamarandi ukuba zihambise izimpahla zokuhlanza izikole. Akukabi bikho zinkulumo mayelana namasanithayiza azothunyelwa uHulumeni ezikoleni. Okumangalisayo ukuthi ukhuvethe lubuye ngamandla njengoba selubuya isibili, futhi alumniki thuba lowo osehaqekile.
Emva kwemvalelwakhaya eyayisezingeni lokuqala kwaba wumzukuzuku ukufinyelela esivumelwaneni nezinhlangano ezimele othisha ukuba kubuyelwe ezikoleni, ngokwesabela impilo yothisha nabafundi. Kwadingeka ukuba uHulumeni anikeze isiqiniseko sokuthi uzothumela imikhiqizo yokuzivikela kuzo zonke izikole. Lokhu kwakusho ukuthunyelwa kwezifonyo namasanithayiza ayezokwanela abafundi bakuleso nakuleso sikole. Kwabe sekudingeka ukuba kwenziwe izinhlelo zokutholakala kwale mikhiqizo nezokuthunyelwa kwayo ezikoleni. Kwabe sekuqala umkhankaso omkhulu othinta amabhizinisi.
Esingase sikukhumbule wukuthi kulo mkhankaso kwadingeka ukuba kuqokwe izinkampani ngesikhathi esifushane, kwabe sekuphumelela ezithile ezaqokwa ukuba zihambise imikhiqizo ehlukene ezikoleni ngesikhathi esifushane. Kwaqubuka impikiswano kwezinye izindawo mayelana nokuqokwa kwezinkampani namanani ayekhokhelwa izimpahla ezathunyelwa ezikoleni. Akuthathanga isikhathi eside kwathula cwaka kwaphela ukukhononda. Kwezwakala ukuthi kunezinkampani ezasungulwa ngokuphuthuma ezinye kwathuntuthwa uthuli kwahanjiswa amaphepha ukuze kuvinjezelwe izigidi zemali ezaziphuma emthonjeni ongashi owuHulumeni.
Umbuzo esingenakuwuphendula njengamanje ngothi, kazi zingaki kulezo zinkampani ezasungulwa ngesasasa ezisasebenza.
Siyakukhuthaza ukuthi ofisa ukusungula ibhizinisi azinike isikhathi acwaninge abone izindlela nezimboni angazinza kuzo, sigcwaliseke isifiso sakhe.