Now Reading
UKaunda washiya umlando wangunaphakade eZambia
Dark Light

UKaunda washiya umlando wangunaphakade eZambia

Cishe unyaka wezi-2021 uzongena emlandweni waleli lizwe ngokuningi okwenzekile kodwa kubili okugqamile. Ukudlula emhlabeni kowaba ngumholi wokuqala emuva kokuba lithole inkululeko uDkt uKenneth “KK” Kaunda. Bese kunguyena kuphela kubaholi abadala abasasele ababa ngabokuqala ukuhola amazwe emuva kwenkululeko, uma singambali owaba nguMengameli waseNamibia uSam Nujoma (osadla anhlamvana) ngoba uza ngemuva koDkt uKaunda. UKaunda uzokhunjulwa ngokukhoselisa izinhlangano ezazilwa nenkululeko ezweni. I-ANC yayinamahhovisi amakhulu eLusaka ethathwa njengesizinda sayo. 

Okwesibili kube ukukhishwa emandleni kweqembu iPatriotic Front. Namanje ukhetho lwangoNcwaba wezi-2021  lusengundabamlonyeni kulandela ukuqunjwa phansi kweqembu elikhulu iPatriotic Front ebiholwa u-Edgar Lungu aphinde abe nguMengameli wezwe. 

Kuloluya khetho umhlanganiso wagcina udliwa uHakainde Hichilema we-United Party for National Development (UPND). Bese kuyihlandla lesihlanu uHichilema ezama inhlanhla kwesobumengameli kodwa izinto zingamvumi. Kusuka ethathe izintambo zombuso abantu baseZambia babuyelwe ngamathemba okuthi uzozifeza izethembiso zabo. 

Okunye aqale ngakho okubonakale njengophawu lokushintsha izinto ukuxoxisana ne-International Monetary Fund nabo bonke abakweletwa uHulumeni ekutheni basizwe ngezezimali kuphinde kube nezingxoxo ezibheka ukuthi kungahlangatshezwanwa kanjani ekukhokheleni izikweletu. Into ayekhankasa ngayo kakhulu uHichilema ukuqeda inkohlakalo egubuzele iZambia, ukubuyisa umthetho ezweni nokuvuselela umnotho wezwe. 

UMengameli akakufihli ukuthi mkhulu umthwalo osemahlombe akhe, nokuthi abantu bambhekile njengoba bamethemba bekhipha uLungu esikhundleni. Phakathi kokunye athembisa ukukwenza kulo nyaka ukulungisa isimo esikhona emaphoyiseni kaHulumeni nezingxenye ezithile zezinhlaka zabezindaba okuthiwa zisabonakala zeseka iPatriotic Front. UHichilema unobuhlobo obuqinile nosomabhizinisi bomhlaba nalabo abathembekile eqenjini lakhe. 

Umeluleki wakhe asondelene naye uMunakupya Hantuba oyisikhulu esiphezulu kwa-African Life Financial Services noMnu uValentine Chitalu osemabhodini amaningi ezinkampani. UNgqongqoshe Wezezimali uSitumbeko Musokotwane nguye owaba ngowokuqala ukuqashwa uHichilema ngesikhathi engena esikhundleni. UNgqongqoshe Wezobukungiswa uMulambo Haimbe waba ngowesibili, kanti nokuqashwa kwakhe kwathathwa njengokumqoka njengoba uhulumeni wawunezinhloso ezinkulu zokulwa nenkohlakalo. 

Okubonakala kumkhinyabeza uHilichema ngukuthi nakuba anqoba ukhetho ngamaphesenti angama-59, kodwa iqembu lakhe lalingadumile okhethweni lwezifundazwe. I-UPND yathola amavoti angama-46.2%, nezihlalo ezingama-82 kwezili-185. Lokho kwakusho ukuthi kuzomele isebenzisane namalungu azimele ePhalamende ukuze izwi layo likwazi ukuzwakala. Selokhu engenile esikhundleni kuningi osekubonakala kushintsha kancane kancane ezweni. 

Okugqame kakhulu ukwehla kodlame lwezepolitiki nokuthuthukiswa kwezindawo zasemakhaya. Uhlelo lwakhe lokubuyisa impahla kaHulumeni kuze kube yimanje seluphumelele ukuqoqa imali eyizigidi ezingama-K63. 

NjengoHulumeni odlule, i-UPND ithembisa ukubuyisa inkululeko kwezokwazisa nolwazi, ukwelusa ngendlela engcono abezindaba kanye nokubuyekeza uMthethosisekelo, kukhona konke lokho akukho ukuthuka kubantu.

Ukulwa nenkohlakalo

Usekubeke kwacaca ukuthi angeke angenelele emsebenzini wabaphenyi uma kuziwa ngasekulweni nenkohlakalo. Lokho kunyusa izinhlonzi ezinhlanganweni zomphakathi ezisaba ukuthi uma kungekho ukungenelela kwezepolitiki, izinhlaka zophenyo zizozenzela umathanda zihlasele kakhulu labo abayizimbangi zabo kwezepolitiki. 

Kukhona nokuthi iHhovisi likaMengameli elizinze eLusaka kumele kube yilo elibhekelela ukuthi kuyaliwa nenkohlakalo. Emuva kweminyaka eminingi engasohlangothini oluphikisayo, labo abahambisana noHilichema bathi isikhathi sakhe sesifikile kumele izithelo zokunqoba ukhetho zibonakale. 

Umfelandawonye weqembu i-UPND uhlanganisa izinhlangano ezili-11 ezincanyana, kodwa nalapho akukho okutheni ezikwenzile okubonakele ngesikhathi sokhetho uma kubhekwa ngasekukhuliseni iqembu ngabalandeli. 

Akwenzile uMengameli unikeze lezi zinhlangano izikhundla ezintathu zobungqongqoshe wathembisa ukuthi uzobuya nangokuzayo kumele zilinde kancane. IPatriotic Front esiyiqembu eliphikisayo yenza konke ukuhlasela inqubo yokubusa kwe-UPND. 

Okunye abakushoyo ukuthi uHichilema useyivukana elibhibhidlayo kwezepolitiki. 

See Also

Ukuhlukana emaqenjini

Iqiniso ukuthi iPatriotic Front isiyenzisa okomuntu omuka nomfula osebambelela ngezidindi. Uqhekeko kuyo lugqame okwekati elimhlophe ehlungwini muva nje. Isize yashiywa nangabanye abebeyizethenjwa zayo. Kumanje leli qembu limatasa libheka ukuthi lizoqhubeka kanjani nokuya phambili ngoba lifuna umholi omusha emuva kukaLungu. 

Khonamanjalo nelinye iqembu elake laba semandleni iMovement for Multi-Party Democracy, isezinkingeni ezinkulu okungangokuba isize yaqembukelana phakathi. Lokho kuyizindaba ezinhle ku-UPND ngoba kusho ukuthi akekho obaphonsela inselelo noHichilema ubusa ngokukhululeka. Okunye okwenza acishe anethezeke ukwesekwa izikhondlakhondla zamazwe njenge-United States of America, i-United Kingdom ne-European Union. 

La mazwe athi azimisele ukusiza iZambia ukwembula ukhasi elisha. Lokho kuyenza ingaphumuli iPatriotic Front esola uHichilema ngokuguqela amazwe asempumalanga nokuthi ufuna ukubuyisa umthetho ovumela izitabane ezweni okuyinto ephambene noMthethosisekelo okubeka kucace ukuthi uhambisana nenkolo yobuKhrestu. Iqembu okubonakala lingase lizibonakalise iSocialist Party eliholwa ngowayengumphathi wephephandaba iPost uFred M’membe. Umyalezo wakhe ogxile kakhulu entsheni othi, “sekuyisikhathi soguquko namandla kubantu” wamukelwa kakhulu nasezindaweni zasemakhaya. UM’membe uthi akabhekile ukuba umengameli ngelinye ilanga.

Ikhopha nogesi

Izimbiwa zihamba phambili eZambia futhi nangaphansi kobuholi bukaHichilema zisaqhubeka nokuba seqhulwini. Naphezu kokuba intengo yekhopha yenyukile muva nje, kodwa kukhulu nokufunwa kwayo ngenxa yokuthi iyasetshenziswa kubuchwepheshe iGreen Technology. 

Ezinye izinto okuthiwa zibuye zehlisa umkhiqizo wekhopha ukubhekana ngeziqu zamehlo phakathi kukaHulumeni obuholwa yiPatriotic Front nabezimayini. UHichilema uthi ufuna ukubuyisa uzinzo kube nokubambisana okuzozuzisa zonke izinhlangothi. Okunye okuseqhulwini ukulethwa kukagesi kubantu. 

Kunezinhlelo ezinkulu zikagesi ezakhiwayo njengeSolar-Hydro nogesi ozodonsa ngomoya. Njengamanje bangama-31% abantu baseZambia abanogesi ezindlini.

Scroll To Top