Now Reading
Abahlali baseMjondolo bazonika i-EFF ivoti labo kulolu khetho
Dark Light

Abahlali baseMjondolo bazonika i-EFF ivoti labo kulolu khetho

Ubunzima bosizi olubhekene nabantu abahlala emijondolo lenze ukuthi loMbutho wabo ube nochungechunge lemihlangano yokubhunga ngokujulile ukuthi uzolisebenzisa kanjani ivoti layo njengesikhali sokuletha impilo encono kwabampofu.

Umbutho wabantu abahlala emijondolo uzoqeda iminyaka eli-19 ngoMfumfu kulonyaka.  Ngakho ke akungabazeki nakancane ukuthi lombutho usuka kude, kanti futhi usunomlando obambekayo ekulweleni amalungelo, izimfuno kanye nokuthuthukisa ulwazi labantu abahlala emijondolo. Lombutho usuvikele izinkulungwane zemindeni ebibhekene nendluzula yokuchithelwa amakhaya ayo, nokugudluzwa emihlabeni eyakhe kuyo ngomasipala, kanye nabantu nezinkampani ezizimele ngokungemthetho.

Obekusidumaza kakhulu kusifikisela ngamahloni ukubona ingane iya esikoleni ekuseni, kuthi uma ibuya ayisenalo ikhaya. Bekunzima kakhulu kithina njengabaholi nabazali ukuthi sichazele izingane zethu ukuthi ikhaya selishone kuphi.

Ukhetho lalonyaka silibone libaluleke kakhulu njengokhetho lokuqala lowe-1994. Lapho sithe uma sijeqeza emuva sabona kuyiphutha elikhulu, futhi kuyihlazo ukuthi izwe lakithi lisabhekene nalezinselelo zobubha, ukungabibikho kwemisebenzi nokungalingani kwezomnotho, inkohlakalo ezinhlakeni zikahulumeni kanye nodlame njalonjalo.

Kubalulekile ukuthi ngikuveze lokhu ukuthi Abahlali baseMjondolo njengoMbutho uye wahlala phansi, wajula, wacabanga ngokubonisana nezinhlaka ezahlukene zombutho ukuthi, ungalisebenzisa kanjani lelithuba lokhetho njengesikhali ukwakha nokuqinisa umzabalazo wabahlali. Ungalisebenzisa kanjani lelithuba ukuqinisekisa ukuthi izimfuno zabahlali zibekwa eqhulwini kulemikhankaso yokhetho, esizweni nakuhulumeni uqobo. Ungalisebenzisa kanjani lelithuba ukwakha amandla nobunye babahlali nabasebenzi nje bonke nasemuva kokhetho.

Kube nochungechunge lemihlangano emiphakathini eyahlukene yabahlali nasezinhlakeni. Lemihlangano ibingaphenduli udaba lokuthi kuvotelwa liphi iqembu. Kodwa kuphume kubahlali uqobo ukuthi abasemethembi uhulumeni oholwa wuKhongolose. Asikusho ke ukuthi inhlosonqangi yabahlali ukuthi kuphunyuzwe iqembu elibusayo njengamanje, lidediswe emandleni ngoba lihlulekile ukuhlangabezana nezimfuno zabantu baseNingizimu Afrikha.

Abahlali bahlukumezeke kakhulu ngaphansi kukahulumeni waleli qembu. Ngaphezu kwezinkinga ezithinta bonke abahlali baseNingizimu Afrika abahlali basemijondolo bona babhekene nokubukeleka phansi okuyisimanga. Baphathwa, futhi babuswa ngodlame, nonya olwesabekayo, babuswa nangamanga. Bathathwa njengabantu abangenayo inqondo nabangakwazi ukuzicabangela bona.

Thina sesiyalazi iphunga lomuntu ohluphekayo, lenza ukuthi kungabibikho ofuna ngisho ukusondela azolalela izikhalo zaloluhlobo labantu. Sikuphi nje isidingo sokuthi uma umphakathi ukhala ngezidingo, sekungaze kuphoqeleke ukuthi abantu babhikishe ngoba engekho nje ofuna ukubalalela ngeqiniso, ukuze kugwemeke nodlame oludalwa yintukuthelo yabantu? Izwe lethu lidinga abaholi abakhaliphile, abaqotho nabathanda izwe lethu.

Abahlali babone sekuyisikhathi esifanele sokuphumuza iqembu elibusayo ngokuthi lidede emandleni. Babone kungaba yisu elihle ukubheka kwamanye amaqembu amakhulu akuleli futhi nakhuluma ngodaba lokubuyiswa komhlaba.

Kodwa ke Abahlali benze okungajwayelekile kulolukhetho ngokuthi bathi abasezukulalela lemiqulu yezithembiso yamaqembu ezombusazwe engafezwayo. Kodwa bakha olwabo uhlu lwezimfuno lamaphuzu okungenani angamashumi amabili aseqhulwini, ukuze kube ngamaqembu manje alalela imizwa, imicabango nezimfuno zabantu ukuthi bafuna ukubuswa kanjani.

Babe sebemema amaqembu ezombusazwe ukuthi azolalela, bese ezibophezela ekufezeni izimfuno zabahlali. Abahlali baba nemihlangano yazinyanga zonke ebizwa ngeGeneral Assembly. Kwaba yilo mhlangano owawuvulelekile emphakathini nakwabezindaba obizwa ngeGeneral Assembly, owahlala mhla zi-7 kuMbasal wathatha isinqumo. Isinqumo sabe sincike ekutheni amaqembu ezombusazwe aphendula kanjani, futhi azibophezela kanjani eMbuthweni wabahlali baseMjondolo. Umbuthano weminyaka yonke ebibanjwe nge Sonto, zingama-21 kuMbasa ebizwa nge Unfreedom uye wasetshenziswa ukwenza isimemezelo salesinqumo sokuboleka i-EFF amavoti Abahlali. Amalunga abahlali asemukele ngenhlokomo lesinqumo. Kanti noNobhala Jikelele weqembu elibolekwa amavoti i-EFF usinanele ngokuzibophezela ngokuthobeka futhi isimemezelo esiqukethe izimfuno eziseqhulwini zabahlali.

Sikuqaphelile ukuthi alikho iqembu esithi elaka left nelizibophezele kumbuso wesocialism nakubasebenzi kwiballot. Ngoba phela abahlali bakholelwa kumbuso ‘wesocialism from below’

Ngakho ke, isizathu esicacile sokuboleka i-EFF ivoti labahlali ukuthi likhombisile ukukhuluma lolulimi olubalulekile noluphuthumayo lokubuyiswa komhlaba. Futhi sibonile ukuthi ayibasabi abelungu nongxiwankulu.

Uma sekuxoxwa abahlali babalule ukuthi bamidwayidwayi futhi banezibazi ezijulile zokuhlukunyezwa wuhulumeni ka Khongolose. Lokhu kubalwa ukusatshiswa nokubulawa kwabanye abaholi babahlali.  Sizokhumbula ukuthi abahlali babulawelwe abaholi namalunga angamashu amabili nanhlanu. Izigameko zokugcina ngowezi- 2022 kubulawe abaholi abane eCator Manor, eThekwini. Kuzozonke lezizigameko uMphathiswa wamaphoyisa, oka Ndosi akayiqgizanga qakala eyokusocongwa kwabahlali. Kwala ngisho sengimncenga imbala akangayingena. Sabona lapho ukuthi impilo yomuntu omnyama ohluphekile ayilutho kanganani kuhumeni kaKhongolose.

 Sikhuluma nje kunobufakazi bamakhansela amabili eqembu elibusayo ayesebenzela umasipala wese Thekwini kanye nenkabi yawo agwetshwa udilikajele yiNkantolo ePhakeme yaseThekwini ngokubulala uThuli Ndlovu, owaye engusihlalo wabahlali KwaNdengezi.

 Sesiyalisaba leliqembu liyingozi kubahlali basemijondolo nakubantu baseNingizimu Afrikha.

See Also

Sibone lenhlekelele yokubulawa kwabahlali nebhekene ne Ningizimu Africa yonke yokubulawa ngabantu okumele engabe yibona abasivikelayo njengesizathu sokuthi kumele iqembu elibusayo lishenxiswe. Lokhu sizokwenza ngoku boleka I EFF ivoti ngombandela wokuthi liyahlangabezana namaphuzu angamashumi amabili ezimfuno zabahlali.

Kulengxoxo ebisemphakathi nasezinhlakeni zoMbutho, abahlali bakubeke kwacaca ukuthi iMK isafana neqembu elibusayo, kusengabantu ababodwa. IDA ayihambisani nokubuyiswa komhlaba kubantu abamnyama. Futhi umhlaba kubo yinto nje yokwenza inzuzo ngaphambi kwezidingo zomphakathi. Kanti futhi iDA ibukeka ingakugqizi qakala ukubulawa kwezinkulungwane zabantu base Palestine. Alizimisele ngokuseka iPalestine nokugxeka lesihluku esenziwa u Israel.

Siyafisa ke ukugcizelela ukuthi Abahlali abayijoyini i-EFF, futhi abavumelani nayo yonke imigomo nemibono yayo. Futhi bayoqhubeka nokuzabalazela ukulingana, ubulungiswa nenhlonipho, nesithunzi sawo wonke umuntu waseNingizimu Afrika. Lokhu sikusho ngokuqonda ukuthi umzabalzo wethu kanjalo nosizi esibhekene nalo aluzukuphelela kuma ballot ngosuku lokhetho. Siyaqonda futhi ukuthi imana yagcina ngezikhathi zikaMose ebhaybhelini. Thina kuzobiza ukuthu siqhubeke nomzabalazo wekusasa elingcono, nasemuva kokhetho.

Siyakuqonda futhi ukuthi kungenzeka ukuthi i-EFF izibandakanye ekubuseni ngokubambisana nalamaqembu ebesithi siyawagwema naseyingozi kubantu abalwela ubulungiswa kulelizwe. Siyazi ukuthi ekugcineni kosuku kuzomele uhulumeni akhiwe. Kulokho sithi, inqobo nje, uma i-EFF isiihlonipha, ibona ukubaluleka kwabantu abayivotelile, iyoxhumana nabahlali idllane indlebe nabo ngalesidingo. Sithi inqobo nje, uma bekwazile ukuhlangabezana nezimfuno zabahlali njengesivumelwano abasenzile siyothokoza.

Ukuhlangabezana nezimfuno zabahlali sithi, “akungabibikho okwethu ngaphandle kwethu”. Sithi abangasizabalazeli kodwa basizabalazise. Bangasenzeli kodwa basenzise. Bangasidwebeli inhlanzi kodwa basidwebise inhlanzi. Lokhu kuyosisiza, ukuze namhla sebengasekho phakathi kwethu sikwazi ukuziphilisa ngokwethu, ngoba bayobe besishiye nanekhono lokuzenzela.

Sinethemba ukuthi lesisinqumo sabahlali siyowenza umehluko emzabalazweni wempilo engcono. Siyokwenza ukuthi kushintshe amandla, nabese bephakeme kakhulu, behle, bakwazi nokulalela, nokuboniseka, nokubonisana nabantu baseNingizimu Afrika kanye nabampofu.


UMnu uS’bu Zikode unguMongameli we-Abahlali baseMjondolo Movement S.A

Scroll To Top