Now Reading
ISILILO: Ukwedlula koMntwana uThibelamambuka
Dark Light

ISILILO: Ukwedlula koMntwana uThibelamambuka

INdlunkulu, abasebenza noMntwana uThibela nabangani bakhe bafele phakathi bengakwazi nokuyophosa itshe ngenxa yokhuvethe olungathi lwehlula ezinye izinkuvethe. Udlule emhlabeni uMntwana uNkululeko Cecil Thibelamambuka Zulu (59) kungazelelwe. Baningi abakhumbule uMntwana waKwayiphethe bezwa le ndaba ngoba ngokufana nokuthobeka nangokuthandwa yimvunulo, ubebakhumbuza yena uMntwana uThibela. Basho kwagcwala ukuthi inkonyane yomdlandla yeqa lapho kweqa unina. UMntwana kumenele zili-11 kuNcwaba ngowezi-2020 emva kobuthaka obamthathisa impesheni isikhathi singakafiki.

UMntwana uThibela uyindodana yokuqala kaMntwana uGideon Layukona Zulu noNdlunkulu uDolly Winnfred Zulu, uNdlunkulu uDlamini. Ezalwa ngabazali ababethanda imfundo, wafunda kulezi zikole kuthungathwa okwakuyikhona kungamalungela futhi asize abantu ngakho:

 KwaMondi Primary School, eNkosiyethu Roman Catholic School, eStar of the Sea, oBambiswano High School, eMlokotho High School, kwaGqikazi College of Education naseSikhawini College of Education. Abaningi afunda nabo bamkhumbula njengowayenomusa, ethanda abantu, ebona okuhle kubantu, ekhuluma ngokuhle kubantu, engathandi izimpikiswano nokuxakazisana. Incwadi yakhe yempilo esafunda uMntwana wayiqala kanjalo. Kodwa futhi wayebazisa ubuqhawe bukaZulu njengoMntwana owayemzala.

Waqhubeka  futhi uMntwana wayibhala incwadi yakhe yempilo esesebenza. Wasebenza eSqumbe Spar engomunye wabaphathi. Lapho ukhunjulwa njengowayenesihe nobulungiswa. Wayesemenywa futhi ukuba ngomunye wabeluleki ngesikhathi kukhiqizwa iKing Shaka Zulu Film.  Kusukela lapho-ke wayeseyofundisa eMavumengwane Primary School.  Ngenxa yamakhono akhe wakhushulelwa esikhundleni sokuba nguthisha omkhulu eMuntuyedwa Primary School.

Kukhona amakhaya ayokhunjulwa ngokomlando nangokwamagalelo alabo abaqinisa izinsika zesizwe. Lawo makhaya afana negeja liqeqebula amafusi, izimfunda nodedangendlale bamasimu empilo. Engathi futhi lawo makhaya afundisana ukuthi inkambo yempilo ihlatshelwa phambili kanjani. Lapho sekukhulunywa ngomuntu esethule, okushiwoyo ngaye, kuphathelene nekhaya akhulela kulo – ebuka, efundiswa, eyalwa, ebuyiswa endleleni, eqiniswa, ededelwa aqhathwe, elawuleka,  eqhelelana namahlongandlebe, ekhuzeka, eba neqholo nokuba qotho nokuba yingane ebusiswa ngabasekhaya nabomphakathi. Ijoka likhulu noma kungehli kahle ukuthi yijoka, mhlawumbe ngcono elithi yisibophezelo sokumelela ubuNdlunkulu uma usuke ungowakhona. 

UMntwana uThibela wakhulela ekhaya loMntwana ebona lokhu:  umuntu kufanele abahloniphe abazali. Umuntu kufanele akujabulele abonge ukuthi uyanakekelwa uyathandwa. Umuntu kufanele abazise abanye abantu akholwe ukuthi bayamsiza ukuba abe nguye. Umuntu kufanele ahlanzeke futhi azithande. Umuntu kufanele aneliswe yibanga lokukhula akulo futhi enze atshelwa ukuba akwenze yilabo abeluse ukukhula kwakhe futhi benza okwemukelekile nokuthandwa yilabo abanokulolonga kahle ikusasa lakhe. Umuntu kufanele aphane, abe nesihawu, athande wonke umuntu, anakekele wonke umuntu engabheke mbuyiselo naludumo. Umuntu kufanele akhuze. Umuntu kufanele akhuzeke. Umuntu kufanele alungise okudinga ukulungiswa angalindeli abanye. Futhi umuntu kufanele angathezisani nabanye uma enikwe amandla ukwelekelela lapho kudingeka khona ngisho kukhona abangalekeleli bebe befanele ukwelekelela. Umuntu kufanele abe yinxusa lekwabo nelomndeni wakubo kanye nesizwe sakubo ngaso sonke isikhathi. 

Nansi incazelo kaMntwana uGcwalisile inkosazana yoMntwana uGL Zulu njengoba ilotshwe ebhukwini layo lokuvalelisa uMntwana elithi: “Ewu, Lashon’ Ilanga”.  Kuleli bhuku uMntwana uGcwa uchaza uMntwana njengobedalwe waba yincwadi efundeka kunoma kubani.  Uthi lokho okufanisa nobungelosi. Noma ngubani owayeke wasondelana, wazana noMntwana, kwakuba sengathi kade bazana. Wayengakwazi ukufihla nokuguba uthando lwakhe lwesintu sonke. Wayefisa sengathi angahlale enzela abantu okuhle. Singakwenezezela ukuthi kwakuba sengathi abantu ngebe besahamba uma bemvakashele.

Nanka amazwi akhe esiwacaphuna bukhoma: “Ayikho into engicasula njengomuntu ongunontandakubukwa.”  Ichaza ngoMntwana indodakazi yakhe uMntwana uGcwa, uthi: “Wayethanda (uMntwana wakwaZiphethe) futhi ukululeka ngokuthi umuntu kufanele enze okuhle nasezitheni zakhe ngoba konke umuntu akwenzayo ukwenzela uMdali wakhe. Uma esesho njalo akekho owayengamvimba ekwenzeni lokho ayesuke esehlose ukukwenza”

Ngokumazi kwethu uMntwana nathi esethula lo mbhalo, singamkhumbuza umfundi isenzeko esebambekile uMntwana engasakwazi ukuya ePhalamende. Kukhona ilungu elangabaza ukugula koMntwana lasho kwathi bha ukuthi lalingakholwa. Kwathi kamumva sekukhanya ukuthi uMntwana kabambekile kangakanani, yaya le nsizwa Eshowe, iphelekezelwa ngabanye, yafike yaxolisa. Wakwemukela ukuxolisa kwayo uMntwana. Nayo seyedlula emhlabeni, mayilale ngoxolo. Abantu bakwaZulu bayakwazisa ukuxolela, baze baqamba nesiko lokukhumelana umlotha. 

Sikhuluma ngekhaya lakwaZulu elikhulisa abaNtwana baseNdlunkulu futhi eliyisibonelo nasemphakathini. Kayikho into eyoba yinhle yedlule ukukhumbula okuhle nokucwengekile ebeyenziwa nguMntwana uThibela, owakhuliswa ngale ndlela esiyithamunda lapha. UMntwana uGcwa uzisholo ngawakhe amazwi, ekhulumela bonke abakwabo, ngoba nabo bayakwazi ayekusho, uthi: “Uthando kaluzenzisi futhi uthando luyabekezela. Lesi zisho ngizibone ngamehlo ngazizwa ngoba uMntwana ubeyisibonelo sazo futhi engazisho nje ngomlomo kodwa ubeziphila. Ubelubonisa uthando lwakhe ngokuba nesandla esivulekile, ephana, ekwazi nokuzifaka ezicathulweni zomunye umuntu. Kuye kayikho into ebisemqoka ukwedlula ukuphathwa kahle kwabantu. Wabe engayifuni indaba yendlala nokulanjiswa kwabantu.” Njengoba-ke aBantwana abazalwa nguMntwana bakhulela kule nhlalo, nabo banjalo.

See Also

Kuhle ukuphawula ngothando lwakhe uMntwana uG L Dlamini ikakhulukazi ngale nyanga yabantu besifazane. Kuthiwa wayemthanda ngokumangalisayo uNdlunkulu Winnfred Dolly Zulu-Dlamini, owayengowasebukhosini bakwaDlamini.  ABantwana boMntwana uGL noNdlunkulu uDlamini, balwethamela uthando lokuphana, lokunakekelana. Lona leli bhuku lithi uMntwana wayethanda kakhulu ukuthengela uNdlunkulu okokugqoka, ethi ngumlobokazi wakhe. Wamthanda wamzwela ngisho esegula wathi akafuni ahlupheke embhekile, ngcono asondelele kundodakazi uMntwana uGcwa ngoba yena wayeselula ekwazi ukuya ngapha nangapha lapho kunokuphuthuma okwakudalwa ubuthaka bakhe. Bakhulela kulolu thando oMntwana uThibela njengoba athatha uNdlunkulu uGugulethu Shabalala ngowe-1994, baze behlukaniswa ukufa emva kokuba uMntwana naye eseke waba buthaka ngendaba kashukela.

Akekho owayazi ukuthi kuyothi gumbeqe kuthi mbo singabe sisakwazi ukuyokhuza umhlolo uma kukhona osesishiyile. Singabe sisakwazi ukuya emfihlweni. Singabe sisakwazi ukuphonsa igade. Sengathi labo abafana noMntwana uGL Dlamini wakwaZiphethe, nabamfuza, babekusola ukuthi kuyokwenzeka lokhu, ngokunika wonke umuntu isikhathi lapho behlangana naye. Sengathi babazi uma bemlalelisisa umuntu, bebuza konke ngaye okumphilisayo, ukuthi ziyafika izikhathi zokungavalelisani ngisho nangawo umhla wokugcina. Bakha imizi, imiphakathi, isizwe ngomoya wobuntu ababewusabalalisa. 

Uma namuhla, sibheka emumva, sicabange abathandiweyo kithi, sizama ukukhumbula ukuthi sasijahe kangakanani mhla sigcina ukubabona, kukhona ukujabha nokumangala.  Mhlawumbe kasivulanga muntu ebhuthini noma iphakethe, sithi: “Ake uthathe lapha mhlawumbe ulambile, mhlawumbe ungakuthanda lokhu.” Mhlawumbe ngelinye ilanga siyokwenza njengoMntwana wakwaZiphethe, sipheke silayishe ebhuthini, siyophana ngakho phambili. Mhlawumbe kuyothi lapho sicabanga ukuthi sake saba noMntwana uThibela, kasakhumbula ukumtshela okuhle, noma ukumenzela okuhle, noma ukwenza kahle phambi kwakhe, sicele intethelelo. 

 Ushiye uNdlunkulu, amadodana amabili uMntwana uLungalomndeni Zulu, Mntwana uMfundo Zulu, nabazukulu uMntwana uNdabuko, noMntwana u-Asimbonge. Wendulele futhi odadewabo ababili uMntwana uDkt uGcwalisile MaZulu Khabanyane noMntwana uColile MaZulu Ngidi kanye nabantwana abangabashana kuye.

Scroll To Top