Now Reading
Ekagesi ingaphezu kwepolitiki nosopolitiki
Dark Light

Ekagesi ingaphezu kwepolitiki nosopolitiki

Emlandweni zikhona izehlo okuthi uma zifika impendulo kuzo ingaveli ohlangothini olulodwa noma lolo obekulindelwe ukuba luphakame.

Isibonelo nje udaba lokuhlukunyezwa kwabesifazane nje akulona olwabo kuphela kepha ngolwethu sonke. Muva nje isehlo esesifinyelele kulelo zinga ngukucima kukagesi kuleli. 

Lesi sehlo esiqale mahlayeni mahlayeni namuhla sesiphenduke inhlekelele ewodloza konke osekwakhiwe kwezomnotho.  Akugcini lapho kepha isiqalile ukucijisa imikhonto phakathi kukahulumeni, abaholi kanye nomphakathi.

Khona lapho namaqembu epolitiki awazibekile phansi. Wonake njengokwejwayelekile kulezi zimo afana namanqe, achoboza izibhucu.

Iqiniso lithi ukucima kukagesi sekungaphezu kwepolitiki yamaqembu kanye nosopolitiki. Sekulingana nathi bantu baseNingizimu Afrika abalahlekelwa ngokukhulu. Kulingana nathi thina esibolelwa ngukudla emakhaya, esiba senkingeni yokuvela kobugebengu uma sekumnyama.

Ingangathi ezibhedlela okuthi makucima ugesi izimpilo zethu nabathandiweyo zibe sengcupheni, ingangathi ezikoleni lapho abafundi nothisha bephazamiseka ekwenzeni umsebenzi wabo, ezindaweni zokukhonza, emabhizinisini akhasayo nakhona ingangathi.

Akekho usopolitiki noma iqembu okumele lisihole kulempi kepha yithi qobo ngakho belu ngoba ingangathi. Yikho elaboHlanga likugqugquzela ukuba ube yingxenye yokubhekana no-Eskom ngqo. 

Bhekana nawo lapho ungakhona ngoba vele umonakalo wenzeka lapho ungakhona.  Ekwenzeni njalo ungacekeli impahla ngoba lokho kuyojivaza lokho okuhle esikwenzayo.

See Also

Sigqugquzela ukuthi umphakathi ubambisane ekubhekaneni no-Eskom. Singakwenza lokhu uma singabambisana. Simema izazimthetho zaboHlanga ukuba zime ngakithi.

Ukuba basilekelele ekufakeni icala elingakaze libe khona kuleli,  sibophe u-Eskom size sifune namademeshe okudla, nempahla  le eyonakele ngenxa yokuphela kukagesi.

Konke njalo lokhu sikwenza njengomphakathi, sizihola thina, sihlonipha nento esiyiqalile nesiyilwelayo.

Ingozi nephutha esingalenza ngalezi zikhathi ezinzima wukuba sivumele amathamelangozi athathe lomkhakaso bese ewenza umdlalo wepolitiki. Asingavumi. Asiqaphele nokuthi singasetshenziswa njengoba sezihubela sakusha ngokhetho lukazwelonke oluzokuba ngonyaka ozayo. Maningi amathuba okuthi sitshelwe ukuthi ukucima kukagesi  sekuzoba umlando ngoba kwenzelwa ukusikhohlisa sivote.

Scroll To Top