Iqhaza lentsha emikhakheni eyahlukene kwezomnotho
Kuyiqiniso elingephikiswe muntu ukuthi abantu abayi nganxanye bengemanzi. Ngokunjalo intsha yaKwaZulu-Natal neNingizimu Afrika yonke ngeke ifise okufanayo. Uma sigqugquzela intsha ukuba isukume ibhukule ibambe iqhaza emnothweni asilindele ukuthi yonke intsha izoba ngosomabhizinisi. Enye yentsha ingabamba iqhaza emnothweni ngokuba ngabasebenzi kanti enye ingalandela wona umkhakha wezamabhizinisi.
IKwaZulu-Natal Youth Economic Empowerment Strategy ewumqingo obhekelele ukuthuthuswa kwabantu abasha kwezomnotho esifundazweni esiphawule ngayo kweledlule ikuqhakambisa kokubili ukuzimbandakanya kwentsha kwezomnotho ngabe ukuba ngabasebenzi noma ukuba ngosomabhizinisi. Kubalulekile ukuthi umuntu omusha abheke amakhono akhe nezifiso zakhe bese ethatha isinqumo ngendlela afisa ukufaka ngayo igalelo kwezomnotho wesifundazwe kanye nezwe lonke.
Ngenxa yezinkinga ezinxantathu ezikhungethe umnotho wezwe esiziphawulile futhi ngazo kweledlule okubalwa ukwentuleka kwamathuba emisebenzi phakathi kwazo; abantu abasha bazithola sebesencindezini yokuthatha noma yini ephambi kwabo ukuze bazimbandakanye emnothweni.
Enye yezinhloso yale ngosi ukubuyisa ithemba entsheni ngokuyigquqguzela ukuthi ilandele izifiso zayo nakuba sazi ukuthi kuba umqansa ukulandela izifiso zakho njengomuntu ikati libe lilele eziko. Ikakhulukazi uthola abantu sebengena kwezamabhizinisi bengazimiselanga ngenxa yokuthi umsebenzi abawutholi. Nokho akufanelanga ngabe kunjalo ngoba ukuba usomabhizinisi isinqumo okumele umuntu asithathe ebhekile hhayi ngephutha. Yingakho kubalulekile ukuba sibuyekeze izimboni ezihamba phambili kuzwelonke nasesifundazweni kanye nalezo eziqhakambiswa iKZN Youth Economic Empowerment Strategy ukuze abantu abasha bebe nolwazi ngezimboni ezinamathuba kwezamabhizinisi.
Kubalulekile futhi ukuthi umuntu omusha ongena ebhizinisini azibone njengengxenye yokuthuthukiswa komnotho. Osomabhizinisi abancane yibona ababalulekile ekuthuthukisweni komnotho wamazwe emhlabeni jikelele. Ukuba nabantu abaningi ikakhulukazi abasha bezibandakanya ebhizinisini kungakhulisa umnotho wezwe kwenze nokuthi amathuba emisebenzi avuleleke ngoba phela belu bebaningi abaqashi kunalabo abadinga ukuqashwa. Yingakho abantu abasha kumele bakubuke njengomkhakha abangawukhetha ukungena ebhizinisini hhayi njengento oyenza uma ungawatholi amathuba omsebenzi. Ibhizinisi likunika ithuba lokuba uguqule impilo yakho kwezomnotho ngokwenza inzuzo kepha akupheleli lapho ushinthsa nempilo yalabo obanikeza izidingo ezilethwa ibhizinisi lakho ngakho akusikho nje ukuthola imali kubo kepha ukubanika imikhiqizo noma usizo abaludingayo.
Okubaluleke kakhulu ukuthi izimboni esingena kuzo njengabantu abasha zibe nomthelela emnothweni wezwe. Ukufukulwa komnotho akungabi ijoka likaHulumeni kuphela. Noma sesiwaqalile amabhizinisi asingabheki uHulumeni sonke. Intsha kumele isabalale ngomqondo ize nezimpendulo ezidingwa izwe ukuze lithuthuke naye uHulumeni akubone kubalulekile ukwenza ibhizinisi nentsha ngenxa yemisebenzi nezimpendulo ezilethayo emnothweni. Kungabi ukuthi intsha iyakhangeza ilindele ukunikwa izinto mahhala uHulumeni. Konke lokhu ngeke kwenzeka uma intsha ingaziciji futhi izilungiselele ngokungena ezimbonini ezibalulekile emnothweni. Ngeledlule siphakamise ukuthi abantu abasha babheke imikhakha esematheni ekuthuthukisweni kommnotho uma beqala amabhizinisi. Okusemqoka ukuthi intsha inethuba lokuya esikoleni ifunde ngalezi zimboni kanti lokho kwenza kube lula lapho umuntu esekhetha ukungena ebhizinisini lento ayifundele. Ikakhulukazi uma sikhuluma ngokukhomba indlela ekwenziweni kwezinto ngesimanjemanje kuba lula kumuntu owufundele lowo mkhakha.
Uma sisika elijikayo kwezokuxhumana ngobuchwepheshe esikhathini samanje sekukhona ngisho izinkundla zokuxhumana komphakathi ngabo ubuchwepheshe. Abanye benza ama-app asiza umphakathi; osomabhizinisi kanye noHulumeni ukusebenza nokuletha izidingongqangi. Into ebuhlungu ukuthi okuningi esikusebenzisayo noma izinkampani eziningi eziletha lobo buchwepheshe zivela kwamaye amazwe. Sekuyisikhathi ukuthi intsha yethu isebenzise amakhono ayo emfundo ukwenza imisebenzi emisha kwezamabhizinisi. UHulumeni wesifundazwe unezinhlelo ezibhekelele ukuthuthukiswa kwabantu abasha emikhakheni eyehlukene yamabhizinisi lokho okubizwa ngeSector-Focused Approach kuyona i-KZN Youth Economic Empowerment Strategy. Abantu abasha kumele balibhekisise iqhaza labo kuyo yonke imikhakha eqhakanjiswayo.