Now Reading
I-National Dialogue izoqhubeka: Mashatile
Dark Light

I-National Dialogue izoqhubeka: Mashatile

IPhini likaMengameli uPaul Mashatile uthe iNational Dialogue izoqhubeka nokwakha izwe elingcono. Lokhu kulandela ukuthi i-Democratic Allaince (DA) imemezele ngempelasonto ukuthi ngeke ibambe iqhaza kwiNational Dialogue ukuziphindiselela ekuxoshweni kwelungu le-DA ePhalamende kanye nePhini likaNgqongqoshe wezoHwebo, izimboni kanye nemiqhudelwano, u-Andrew Whitfield, nguMengameli Cyril Ramaphosa.

UMashatile ubekhuluma ngesikhathi soHlelo Oludidiyelwe Lokuhlinzeka Ngezinsiza Emadolobheni kanye Namadolobha eWelkom. Ugcizelele ukuthi iNational Dialogue akuyona eyamaqembu ezepolitiki kodwa ngeyokuthuthukisa abantu.

“INational Dialogue izoqhubeka. Njengoba sazi, sinengqungquthela ngoNcwaba zili-15. Ngakho-ke, sisaqhubeka ngoba iNational Dialogue ayiphathelene namaqembu ezombusazwe.
I-National Dialogue ingeyabantu. Sifuna ukubandakanya abantu abaningi. Sizobe siphumela ezigcemeni ezahlukene, sixoxisane nabantu, sikhulume nabo, ngoba ekugcineni, sifuna ukuvela kuleyo ngxoxo sithi, lolu uhlobo lweNingizimu Afrika esiyifunayo” kusho uMashatile.

Scroll To Top