Kungani uSpar ushiye uZungu okhalweni?


Inkulumo yabadala ithi kumqoka ukugcina abangani abaqotho nabama nawe ezikhathini ezinzima. Ubumqoka kwale nkulumo kubukeka kucace kumfo kaManzini ongumnikazi wenkampani iPacinamix. Ingxenye yenkampani kaMnu uPrince Manzini Zungu iPacina Retail yiyo eyanikezwa ithenda yokuhlinzekela ukudla ezinganeni ezibalelwa ezi-2.4 kweleNdlovukazi uMthaniya.
Le thenda isibe lichilo njengoba kuvele ukuthi inkampani kaZungu yehlulekile ukuhlinzeka iningi lezikole nokudale ukuwumuzela kumaqembu ngaphakathi nangaphandle kweSishayamthetho.
Akugcinanga lapho ngoba nezinhlangano ezingekho kuhulumeni nazo zibabaze umhlola. Enye yalezi zinhlangano kube nguMsinsi ekhulume nelaboHlanga ngesonto eledlule. Umholi walenhlangano uMnu uXolani Dube ube ngowokuqala ukudalula ukuthi ngeyobani inkampani ehlomulile nehluleke ukwenza umsebenzi.
UDube uthe: “NjengoMsinsi sidumele ukuthi kulenkohlakalo yokwephuca izingane zaboHlanga isinkwa ezikoleni kuthinteka nomndeni wakwaZungu. Lo mndeni siwuhlonipha kakhulu kepha njengoba kuvela izinsolo zokuthi uyathinteka kungakuhle ukuba uphumele obala. Yini ungabizi abezindaba uziqhelelanise nalokhu?” kubuza uDube.
Waqhuba wathi uNyamazane “Lo mndeni uphethe iqembu laboHlanga AmaZulu kepha usolwa ngokulambisa izingane zaboHlanga. Abanye abathintekayo yinxanxathela yezitolo zakwaSpar exhumene nalo mndeni kanye neqembu aMazulu. NjengoMsinsi sizovakashela lenkampani emahhovsi ayo ePinetown ngenhloso yokuthola izimpendulo.”
Emuva kokuphuma koshicilelo lwelaboHlanga ngaphansi kwesihloko esithi: Amadlegwavuma: Ngubani owebe isinkwa sezingane ezikoleni? Kuningi osekwenzekile. Kuqale ngokuthi uMnu uSandile Zungu nongumphathi weqembu likanobutshuzwayo AmaZulu Football Club, eziqhelelanisile nalethenda.
UZungu ubhale isitatimende kwabezindaba emuva nje kokuphuma koshicilelo, kagcinanga lapho njengoba ebe esebhalela ngqo elaboHlanga
USandile Zungu uyazihlangula
Uthi alikho iqhaza alibambile ohlelweni lwethenda yokuthunyelwa kokudla kwezingane ezikoleni.
Ephawula ngalokhu uManzini uthe, “Igama lami seliphathwe ezinkundleni zokuxhumana kwakhulunywa nangalo nasemphakathini (kuhlanganisa nenkulumompikiswano eSishayamthetho) ngokuphathelene nohlelo lukazwelonke iNational Schools Nutrition Programme KwaZulu-Natal.
Ngifisa ukukucacisa ukuthi uSandile Zungu akukho lapho ebambe khona iqhaza ohlelweni lokuthunyelwa kokudla kwezingane ezikoleni, iNational Schools Nutrition Programme KwaZulu-Natal (noma ngabe kukuphi). Angikaze ngibe ingxenye yalolu hlelo, futhi angisoze ngaba ingxenye yalo. Ngokufanayo, akukho ngisho neyodwa inhlangano engisebenzisana nayo eyingxenye yalolu hlelo olubalulwe ngenhla. Ukubeka nje ngokusobala, anginawo umdlandla nentshisekelo kuhlelo iNational Schools Nutrition Programme KwaZulu-Natal. Nginxusa abantu ukuba bapheze ukusebenzisa budlabha nokuxhaphaza igama lami. Empeleni akunabulungiswa futhi kudicilela phansi igama lami.”
Kuthe kusenjalo yanda ingcindezi njengoba amaqembu aphikisayo abebanga umsindo obukhomba iqembu elibusayo i-African National Congress (ANC) KwaZulu-Natal. Umholi we-Action SA uMnu uMncwango kalibazisanga njengoba ebhalele uNdunankulu wesifundazwe uMaDube Ncube nayilapho emnxuse ukuthi kenze uphenyo olunzulu. Kagcinanga lapho kepha unxuse nokuba uhulumeni wesifundazwe anqamule isivumelwano nePacina Retail.
Kuthe kusenjalo labe seliphuma iqhina embizeni kwavela ukuthi ngekabani lenkampani elambise izingane. Akugcinanga lapho ngoba kube sekuvela nabalingani bayo abagcine sebeziqhelelanisa nayo encwadini ayibhalele uZungu (Mnu uPrince Manzini Zungu).
Inkampani iSpar uma ngentaba
Sawubona Manzini
Usitshele ukuthi unikezwe ithenda yokusabalalisa uhlelo lokuphakelwa kwezingane ezikoleni. Ngithanda ukugqamisa ukuthi ukubamba kwethu iqhaza kulolu hlelo bekunomkhawulo ekuhlinzekeni ngosizo lokuhlinzeka kanye nokuhlinzekwa kwezidingo ebangeni elithile. Lokhu kusho ukuthi sizohlola uhlelo endaweni eyodwa bese sihoxa njengoba kuchaziwe kwithenda.
Njengoba manje usunikezwe ithenda egcwele, sikubeke kwacaca ukuthi okwamanje, ukuhlinzekwa kwethu nosizo lwethu ngeke kwahlangabezana nobubanzi bethenda. Siyaqinisekisa ukuthi ngokwesivumelwano sakho sakamuva nathi kuzodingeka ukuthi wazise uMnyango Wezemfundo ukuthi uSpar esifundazweni awukwazi ukuba yingxenye yethenda ngokugcwele nokuthi ngenxa yalokho kuvunyelwene ngohlelo oluhlukile. Lokhu kufanele kubhalwe phansi futhi sidinga isiqinisekiso salokho.
Kuzomele balethe isicelo sezinsiza zesikweletu, okuzokwenziwa ngaphansi kokucubungula okufanele;
Faka ama-oda nesikhungo sethu sokusabalalisa, ama-oda azohambisana nalokhu: ukutholakala kwesitoko esivela esikhungweni sokusabalalisa kanye nabahlinzeki bempahla; binkokhelo yalezo zimpahla, kusengaphambili, lapho sithola ikhotheshini yethu.
Okuzolandelwa ukulethwa kwezimpahla endaweni yokugcina izimpahla.
Thumela uhlu lwezidingo zomkhiqizo wakho oluzokhipha imikhiqizo yeSpar okungenani kusasele izinsuku ezingama-21.
Ube nabasebenzi abadingekayo kanye nempahla yokusebenza ukuze ulethelwe endaweni yakho yokugcina impahla, yawo wonke ama-oda azolethwa, kungaba ngesikhungo sokusabalalisa;
Ukuthatha isibopho sokusatshalaliswa kwazo zonke lezo zimpahla ezindaweni ezihlukahlukene ezichazwe yithenda.
Incwadi yabameli
Encwadini yabameli benkampani iNorton-Rose Fulbright ethunyelwe uMsinsi Wokuzimilela zingama-24 kuMbasa ngowezi-2023 ngaphansi kwesihloko esithi: Spar Group and Hilton College Don’t Be a Safehouse of Alleged Scoundrel National School Nutrition Programme in KwaZulu-Natal.
Abameli bacacisa ukuthi bamele uMnu uPrince Manzini Zungu kanye nePacina Retail Proprietary Limited. Bayakuqinisekisa ukuthi bayitholile incwadi yoMsinsi ethunyelelwe uSpar Group nabaphathi beHilton College equkethe okungelona iqiniso futhi okuhlambalazayo. Incwadi ithi njengabameli bathunyelwe ukuba balungise okulandelayo: Bathi loyo abamumele okushiwo ngaye kuthunaza igama lakhe ngoba kuwukuqabela okungenabo ubuqiniso. Bathi uZungu abamumele uyakuphika konke okushiwo ngaye ngoba kungamanga futhi akukho lapho kusizakala khona umphakathi ngakho. Bathi okushiwo uMsinsi ngoZungu kuyimizamo yokumdicilela phansi, nokudukisa umphakathi kusetshenziswa igama lakhe.
Kuthe kusenjalo iqembu elibusayo nobekucaca ukuthi lingaphansi kwengcindezi libize isithangami sabezindaba nayilapho liveze ukuthi inkontileka lena izonqanyulwa. Lokhu kuvuse imibuzo ekuthe kungani lokhu kungavezwanga ngumnyango wezemfundo kunalokho kuphume ngomlomo weqembu.
Amaphuzu e-ANC ngohlelo
Esitatimendeni uKhongolose KwaZulu-Natal uthe ezinsukwini ezedlule abantu baKwaZulu-Natal bezinhlanga ezahlukene, abadala nabancane basho ngazwi linye ukuthi kunezinkinga ngohlelo lokudla kwezingane ezikoleni iNational School Nutrition Programme.
Esitatimendeni le nhlangano ithe ithole ukuphawula okuqhamuka ezinhlakeni ezithintekayo kusuka ezinhlakeni zezemfundo, ubuholi bomdabu, obezenkolo, osopolitiki, intsha bonke bekhipha ilaka labo ngendlela lolu hlelo oluhamba ngayo. Siqhuba sithi i-ANC ihlanganile noMphathiswa Wezemfundo uMhlonishwa uMbali Fraser wabeka uvo lwakhe ngendlela acubungule ngayo isimo ngendlela uhlelo oluqhutshwa ngayo emuva kokuhambela izikole ezithile. I-ANC ithi emuva kokuba uMphathiswa ehambele izikole ube esekuveza ukuthi nebala wanelisekile ngokuthi lolu hlelo lulengela eweni, futhi kudingeka ukungenelela okusheshayo.
UKhongolose ube usuqhamuka nezisombululo zokulungisa isimo okube yilezi:
- Ukuthi inkontileka yamanje kufanele inqanyulwe ngokushesha ngaphakathi kohlaka lwesivumelwano;
- Ukuthi uMnyango kumele uye eNkantolo ePhakeme ngokushesha ucele ukuthi lokhu kuhoxiswa kube umyalelo wenkantolo;
- Sisamile ekutheni imali engaphezu kwezigidigidi ezi-R2.1 eyabelwe lolu hlelo kumele isetshenziselwe ukuqhubeza uguquko kwezamabhizinisi futhi kugqugquzelwe ukuthuthukiswa komnotho wendawo.
- Umnyango ubheka izindlela ezingaphakathi kohlaka lwenqubomgomo, oholwa nguMgcinimafa wesiFundazwe ukuze uguqule inkontileka nezinkampani ezincane eziqokiwe. Ububanzi benkontileka kufanele bandiswe ukuze kuqinisekiswe ukuthi lawa mabhizinisi kufanele athenge ukudla ngokuqondile kubahlinzeki bempahla futhi akulethe ezikoleni.
- Sithole imibiko ngamaSMMEs aphoqeleka ukuthi ahambe amakhilomitha angamakhulu ukuyolanda ukudla ezikoleni. Abanye kufanele baqashe izinqola namaveni. Lokhu sekuwumthwalo ngenxa yokukhuphuka kwentengo kaphethiloli.
Ukuze kuhlangatshezwane nalawa ma-SMME uHulumeni wesiFundazwe kumele asheshe angene esivumelwaneni sokusebenzisana neThala lapho ezoqinisekisa khona ukwesekwa kwalawa ma-SMME ukuze angakwazi ukubhekana nezinselelo zokungena nokuphuma kwemali.
Lokhu kuzophinde kunikeze Ithala ithuba elihle lokuzibonakalisa njengesikhungo soguquko kwezomnotho kosomabhizinisi abajwayelekile emphakathini wethu.
- I-ANC iyalele uhulumeni wesifundazwe ukuthi enze isiqiniseko sokuthi ngoLwesibili zingama-2 kuNhlaba wezi-2023 zonke izikole esiFundazweni saKwaZulu-Natal zibe nokudla okwanele inyanga yonke .
- UMgcinimafa weSifundazwe kumele asondele ezinhlelweni zokuPhathwa kweSupply Chain njengomgcini woMthetho wokuPhathwa kweziMali zikaHulumeni;
- Zonke izinkontileka ezihambisana nalolu hlelo kufanele ziphumelele ukuhlolwa kwenani lemali ngendlela enobulungiswa nesobala;
- IHhovisi likaNdunankulu kufanele lidlale indima yalo yokudidiyela ngempumelelo maqondana nokuqaliswa kohlelo lokuvikeleka kokudla nokudla okunempilo;
- Kumele kube nokuxhumana njalo ngokuqhubekayo mayelana nokwethulwa kwalolu hlelo.