Umkhosi woMhlanga: Ubuyekeza indulo, uvikela inamuhla nekusasa



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Intwasa esikuyo uMandulo ingemqoka manxa kukhulunywa ngemikhosi kaZulu. Kuku lentwasa lapho sikhumbula khona umbumbi kaZulu (iSihlalo) iNgonyama uShaka nesizukulwane sayo. Ngokomlando oqoshiweyo uNodumehlezi webuza mhla zingama-24 kuMandulo ngowe-1828. Nokho kulentwasa (leli gama lisetshenziswa ngokuhlonipha elinye igama leNgonyama uBhekuzulu) kaMandulo ukhona omunye umsebenzi omqoka kuZulu nabeNguni. Lona nguMkhosi WoMhlanga. Yize lapha kwaZulu wavuselelwa yiSILO esidala ngonyaka we-1984, lona ngumkhosi omdala kakhulu nosho okufanayo kuzo zonke izizwe zabeNguni.
UMkhosi WoMhlanga ungezinto ezimbili; amatshitshi okuyizinkulungwane zezintombi ezisuke ziliqhamukisa kuzo zonke izingxenye zeleNdlovukazi uMthaniya nangaphandle. Okwesibili ungoqalo (umhlanga) oluphathwa yilamatshitshi. Lezi zinto zombili nazo zinokuthile okumqoka ngazo. Zombili zisho ukuzalwa kokusha. Kwinkolosiko yaboHlanga njengesintu kasiveli kumuntu thizeni, isibonelo kulaba benkolo yobuKhrestu kwindoda okwabe kuthiwa ngu-Adam nowesifazne okwabe kuthiwa ngu -Eva. Kithi kuthiwa savela emhlangeni.
Ekuxoxeni kwaboHlanga besaseNkabazwe (Kemet) kuvela ukuthi uqalo lolu lwabe luluphawu lokubuyisana nobunye. Okuthe uma sekuhlangenwe kunobunye inhloko yesizwe yabe isiluHlanga lezwe (okungamele kuqhathaniswe nesithakazelo sabakwaMthethwa oHlangalezwe). Lokuba nguHlanga lezwe kweSILO kusho ukuthi singumxhumanisi wezolo, inamuhla nekusasa. Ngoba usuke engowemihlaba emithathu loyo wezolo (umzulu weZinyandezulu), owesikhathi aphila kuso kanjalo nekusasa njengoba oyiSILO engafi kepha engunaphakade, yikho sithi sebuzile nje.
Lezi zinkulungwane zamatshitshi ezibutheleka esigodlweni zisuke ziyofakaza okukhulu nokujulile. Nokho singakayi lapho ake sikuveze ukuthi loMkhosi awungakho ‘ukubhushuzela’ noma ukuba nqunu kwamatshitshi kepha ungumkhuleko. Ngaba nenhlanhla yokuzwa ngaso qobo ISILO esidala ngalenxeye yokuba ngumkhuleko kwaloMkhosi.
ISILO sathi kimi: “Abadala (iZinyandezulu) basondelene kakhulu nezingane. Ubumsulwa kwazo kusuke kuyibo. Ngakolunye uhlangothi basondelene namaxhegu nezalukazi ngoba basuke sebelungele ukuya kubo. Lezi zingane zisuke zingamadlebe namehlo eZinyandezulu, ngobuhle nobumsulwa kwazo sisuke nathi sizwe sifunga ukuba sizozivikela. Khona lapho nazo zisuke zingubufakazi bokuqhubeka kwesizwe ngoba kuzo kuphuma omama abazala izizukulwane zalesi sizwe.”
Kuyamangalisa ukuqonda kwalokhu okwabe kushiwo yiSILO kimi kanye nokukhuluma kwaboHlanga. Kuthi lapho umuntu esegugile eselixhegu kuthiwa usebuyele ebunganeni. Lokhu kukhuluma singakuhumusha ngokuthi oselixhegu usuke esesondelene nabafabengafi, esemsulwa bathi abanye usuke engase namanyala. Lobu bumsulwa noma ukumqoka kwakho siyakubona nalapho kuqhutshwa uMkhosi weNkosazane uNomkhubulwane.
USomlando uJabulani Maphalala usho okusondelene nalokhu esikushoyo nokwashiwo yiSILO. USolwazi uthi ngoMhlanga: UMhlanga oxhumene nalo Mkhosi ngokomlando wuqalo oluthathwa
UMkhosi WoMhlanga akuwona owokubukisa kwamatshitshi ngomzimba kodwa ungumthandazo wokuthi abesifazane abayizimbali zesizwe bahlale benezimilo eziyisibonelo kuZulu, beqotho njalo njengomuthi wokuqala ukumila eNingizimu yezwe laseKhemethi [amaGriki alibiza nge-Egypt] e-Ethiopia. Ngenxa yokuthathwa kwalo njengomuthi wokuqala, kukholelwa ukuthi uqalo wuhlanga lwezwe olwaluhlanganisa iNingizimu neNyakatho yezwe laseKhemethi [Kmt]. Ngolimi lokuqala lwase-Afrika, iMedu Netcher [Mdw Ntr], isiZulu esiyingxenye yalo, lolo qalo
yiSwt noma uHlanga Lwezwe. Ukubiza kwethu iNgonyama ngalelo gama kususelwa lapho. Uqalo lwalumile ngase-Ethiopia okwakuyiNingizimu yeKhemethi [Kmt] okulapho kwaqala khona impucuko yomhlaba jikelele eduze komfula iHapi [Nile]; singabala: ukubhala, imethamethiki, ifiziksi, inkolo nokunye, kwagcina kuyisisekelo sempucuko yanamuhla” kusho uSolwazi.
Uphinde aveze okumqoka ngolimi: “Umhlanga okhiwa yizintombi ezingamatshitshi emfuleni umele uqalo, iSwt. Ungukubuthwa kwamatshitshi ngokobuntanga kwazise izintombi zigcina zinikezwe igama lebutho lazo ekupheleni komkhosi. Ukwethulwa komhlanga eNgonyameni kuwuphawu lokugcizelela ukuthathwa kwayo njengoHlanga Lwezwe, nophawu lokuzigqaja ngobuZulu namasiko abesifazane abangabavikeli bawo. Lo mhlanga usikhumbuza ngemvelaphi nokubumbeka kukaZulu njengesizwe eNkabazwe ye-Afrika. UMkhosi WoMhlanga akuwona owokubukisa kwamatshitshi ngomzimba kodwa ungumthandazo wokuthi abesifazane abayizimbali zesizwe bahlale benezimilo eziyisibonelo kuZulu, beqotho njalo. Lokhu kuyokwenza amaZulu ahlale enemindeni ehlonishwayo emhlabeni. Ukuze amaZulu ahlale ebumbene iNgonyama yawo eyiSwt kudingeka inakekele ukugcinwa kwawo wonke amasiko esizwe njengoba kuyiyona ewuhlanga lwezwe nezulu eliphezulu,” kusho uMsuthu.
Inamuhla nekusasa
Kuningi ukujula ekuvuselelweni kwaloMkhosi lapha kwaZulu yiSILO sidondolozela ngeNdlovukazi uMtanenkosi ngonyaka we-1984. Ukuvuselelwa kwawo kwaqondana nesikhathi esabe sinzima nesabe sisabatshazwa phesheya kwezilwandle. Lesi kwabe kuyisikhathi sokufika kwengculazi.
Eminyakeni nje lomkhosi uvuseleliwe elakuleli lagutshuzelwa yingculazi kwakhalwa isimayemaye, lapho idla omdala , omncane igadle nasembungwini imbala.
Kwathi lapho ososayensi, nabathandazi besabamba beyeka uMkhosi WoMhlanga (nokuhlolwa kwezintombi) kwaba yihawu. Phela lesi sifo sabe singena ngocansi, uma izintombi ke zingalwenzi ucansi kwabe kusho ukuthi ngeke iva lizihlabe.
NgaloMkhosi basinda abantu nokusho ukuthi indulo laba yimpendulo enkingeni yenamuhla liphinde futhi libe ngumvikeli wekusasa ngoba uma bengafi abantu okusho ukuthi bayobe bekhona (izizukulwane) nakusasa.