Ukuqeqeshwa kwentsha kwezamandla elanga



UNyuswa ungungoti kwezokuxhumana kukahulumeni nombhali. Ubengumfundisi wezokuxhumana nobuntatheli kwangqondonkulu.
Ingqinamba ebhekene nezwe yokugqoza kwamandla agesi yenza kube nabantu abaningi nezikhungu abazama amaqhingasu okuphehla ugesi. Amabhizinisi nezikhungo zokusiza umphakathi ziphazamiseka kakhulu njengoba kunohlelo lokucimakonga ugesi.
Enye yezindlela yokuluhlinzeka amakhaya nezikhungo ngogesi ubuchwepheshe bukagesi ngamandla elanga. Ukuze kukwazi ukuthi lolu hlelo lusebenze kahle ludinga abantu abaqeqeshiwe ukufakela ingqalasizinda emakhaya nasezikhungweni.
Inhlangano engenzi nzuzo, iKwaZulu Natal Education Development Trust, ngokubambisana noMasipala eThekwini bethule umklamo wengqalasizinda yamandla kagesi avuselelwayo. Kulo mklamo abasha abayizinkulungwane eziyisi-6 ngaphansi kohlelo lweYouth for Energy Transition Programme (YETP), bazoqeqeshwa esikhungweni iShukela Training. IShukela Training yisikhungo semboni kashukela ekuqeqeshwa kuso abasembonini kashukela. Ngaphandle kokuqeqesha kwezolimo, lesi sikhungo siphinde siqeqeshe kwezobuchwepheshe.
Okhulumela iKwaZulu Natal Educaton Development Trust, uNhlanhla Ngubane, uthe leli thuba lizosiza ukuthi abasha bangagcini ngokuqeqeshelwa amakhono bazophinde bathole bakwazi ukusika umbengo emathubeni ezomnotho kule mboni yezamandla kagesi.
Izinga eliphezulu lokungasebenzi kwentsha ezinye zezinkiinga ezinkulu eNingizimu Afrika. Ngokwezibalo zakamuva umuntu ngamunye osebenzayo usiza amalunga omndeni ayisi-8, okusho ukuthi abantu abayizinkulungwane ezingama-48 bazothola ukuhlomula ngenxa yalolu hlelo.