Ithimba loKlebe (Hawks) seliphinde lagasela ekomkhulu leCity Power eGoli namhlanje liyoshaqa ubufakazi. Lokhu kumayelana nokuthengwa…...
Icala lokukhwabanisa, lokweba kanye nelokushushumbisa imali elibhekene nalowo owayengumkhulumeli we-ANC kuzwelonke, uPule Mabe, lizobuyela enkantolo yaseGoli, ePalm Ridge, eKurhuleni.
Inhlangano ezimele, iDefend our Democracy ithi isinqumo sokuyisa uNgqongqoshe uThembi Simelane eMnyangweni wezokuHlaliswa kwaBantu, esikhundleni sokumxosha, siwukungalungi ezweni.
Lapha ubufakazi bumbeka endaweni embana uDkt uMkhize ngoba uvela njengomkhohlisi okwathi azi kamhlophe ukuthi kwenzakalani kepha wazihlangula ekuqashweni kwenkampani iDigital Vibes.
Kuze kube yinamuhla elaboHlanga lisajeziswa ngalolu daba olwabikwayo NgoMasingana wezi-2018 elaboHlanga lashicilela udaba olithinta inkohlakalo…...