Uncelise abasekhaya nabezizwe uMathabo Kunene
USolwazi uMazisi kaMdabuli Kunene, kwakuyinyosi evelele, umbhali nomhayi wezinkondlo onekhono. Ubekwe kobandayo ngowezi-2006, abantu besazibuza ngemfihlo yakhe yokuphumelela empilweni. USolwazi uthi uhambo lwakhe lwempilo belumazombezombe, lunemisele nezigodi, ngoba uchithe impilo yakhe eningi ekudingisweni ngenxa yenqubo yabandlululo eyayixosha abantu kwelengabadi yabo. Uthi noma kunjalo, wanqoba zonke izithiyo, wavula nemigoqo eyayivimbile ngenxa yokwesekwa akuthola kunkosikazi wakhe, uMama uMathabo Kunene.
UNkk uMathabo Kunene noMtimande (uSolwazi Kunene) bahlangana epaki, eLondon, besekudingisweni. USolwazi uKunene wayetshale isihlahla soMdoni kuleyo paki. Isizathu salokho ukuthi uzalelwe eMahlongwa, oGwini oluseNingizimu yeKwaZulu-Natal, lapho kunezihlahla zoMdoni khona. Lesi sihlahla asitshala uSolwazi, sasimkhumbuza ekhaya eMahlongwa, KwaZulu-Natal, eNingizimu Afrika. UMama uMathabo, ungumhlengikazi ngokuqeqeshwa, uzalelwe eRusternburg, eNorth West, wakhulela eCape Town. Abazali bakhe babengothisha beyithanda imfundo.
Ufunde e-Adams College, eManzimtoti, eningizimu yeTheku. Wafaka isicelo sokuyofunda e-University of Cape Town, kodwa wadumala sebemenqabela ukuthi afunde khona ngenxa yebala lakhe. Iziphathimandla zenyuvesi zathi akaye ezikhungweni zemfundo ezazibekelwe aboHlanga. Ulifulathele leli ngowe-1971, waya eLondon lapho afike wasebenza khona esibhedlela sezingane. Uqhubekile waya e-USA wafunda wagcina esethola iziqu zeBachelor of Arts (BA) wagogoda ngesiNgisi. Ukuba kude nasekhaya lapho azalelwa khona akuchazanga ukuthi akabe yivila elizithela ngabandayo uMama uMathabo. Simbone esungula iLos Angeles Youth Coalition, ayayigxile ezikoleni ezingama-50 zezingane zabantu ababexoshwe ubandlululo eNingizimu Afrika. Uklonyeliswe ngendondo iWinnie Mandela Women’s Ministry esese-USA, ngeqhaza lakhe ekulweni nobandlululo engaphandle kwezwe. Ubushabasheki bakhe uMama uMathabo, buvele noma esebuyile kuleli lizwe ngowe-1993, ngoba usungule izinhlangano eziningi ezinye ezithuthukisa abesifazane kwezomnotho. Impilo yayingelula futhi ingekho buthebelele eLondon ngoba babekude nasekhaya, bekhumbula nemindeni yabo abayishiya eNingizimu Afrika.
Ukuzithuthukisa yikhona okwakungabenza bangabi nokhwantalala nomzwangedwa bagcine sebenemicabango yokuzibulala, sebelahle ithemba. Yayikhona imindeni yabaseNingizimu Afrika eLondon ababebaleke ekhaya ngenxa yobandlululo. UMndeni waKwaTambo, okaMnu u-Oliver Reginald noNkk Adelaide, owakwaNgcobo kaMnu AB noNkk uLauretta, owakwaMnu uWilson Chonco, owakwaMasabalala Yengwa, owakwaRoobie Resha, owakwaMnu uJoe Matthews, ukubala nje embalwa. Yayifunda le mindeni eLondon, izilungiselela ukuthi uma izwe selibuya, iNingizimu Afrika isikhululeka, ibe nabaholi abakulungele ukuphatha. UMama uMathabo wathola ukuphoxeka e-USA ngendlela uMengameli wakhona uMnu uRonald Reagan ayethatha ngayo ubandlululo olwaluqhubeka eNingizimu Afrika. Wayezithele ngabandayo, enenqubo eyayibizwa ngeConstructive Engagement.
Engafuni ukungena ezindabeni zaseNingizimu Afrika. ELondon nase- USA uMama uMathabo, wayephendula umuzi wabo noSolwazi uKunene ikhaya langempela ngoba ilapho imindeni yababesekudingisweni eyayibuthana khona. Abaculi ababesekudingisweni okungabalwa kubo oBusi Mhlongo, uHugh Masikela, uTodd Matshikiza, uMirriam Makeba, uDolly Rathebe, nembongi uZakes Mokae babebuthelana kwaKunene ngoba uSolwazi uKunene wayeyiciko naye. UNkk uMathabo Kunene ube ngumama wababesekudingisweni futhi ekhuthaza intsha ukuthi ifunde izithuthukise. Usekhona eThekwini uMama uMathabo, unguMqondisi weSolwazi Mazisi Kunene Foundation neNandi Heritage (PTY) Limited. Incwadi kaSolwazi Kunene, engempilo yeNgonyama uShaka kaSenzangakhona, esihloko sithi “UNodumehlezi kaMenzi” isanda kushicilelwa yize iphume engasekho emhlabeni. USolwazi uKunene wabhala amaqoqo ezinkondlo engaphandle kwezwe ngezilimi ezahlukene ezinye zihunyushelwe olimini lwesiZulu.