Iyayicela indlela ingangamela iGWM Tank 300
Kancane kancane iyayicela indlela esigabeni sama SUV iGWM ngezingqovungqovu zabo okuyi-Tank 300 ne-Tank 500. Kulokhu sikhuluma ngeGWM Tank 300 2.4T edonsa ngodizili esithole ithuba lokuyivivinya. NgesiZulu uma kukhulunywa ngeTank kuhunyushwa ngokuthi iThangi okuyinto esuke iyingangamela.
Isakhiwo ngaphandle singena ncamashi egameni layo ngoba iyingangamela, iphakeme, indlalekile yase ilishiya igabade ngo-224 mm. Ngokujwayelekile uma kwenzekile ngaqondana nemoto ewulolu hlobo akuvamisile ukuthi uma ngingena kuyo ngiqale ngokugaxelisa unyawo esitebhisini kuyima ngibambelela esiteringini, kodwa kwiTank 300 uyadinga ukubambelela ngoba iphakeme bo.
Ngaphambili igolozile base beyixina ngamalambu eLED ahambe aze agamanxe kubhampa, udedangendlale webhonethi. Izibuko nezibambo zezicabha zigqize ngombala onsundu. Isipele basithe chwa ngemuva, phakathi nendawo kunekhamera ngemuva nangaphambili. Okhakhayini iphuma nama-roof rails agqize ngombala omnyama. Amasondo angu-18 inch nerimu elingu-6 spoke okwenza kungabuzwa ukuthi eyokunqamula imimango namathafa.

Izokudidisa ngaphakathi
Indlela ebukeka ngayo ngaphandle yehluke kakhulu uma usungena ngaphakathi. Okokuqala nje ngaphambili baziqhelanise kamnandi izihlalo phakathi komshayeli nephasenja. Ingaphambili ungafunga ukuthi imoto encane ngoba okuningi abakwengezile kwaGWM okwesimanje. Kusuka kudashboard oshaya ngogabagaba lwesiscreen esingu-12.3 inch esiqukethe okuningi ngemoto. Isikhala esingamakhosombe esiphakathi kwezihlalo zangaphambili ongakwazi ukubeka isikhwama semali, izikhiye nenkomishi yetiye. Ngasohlangothini lwephasenja kunendawo yikubambelela engiyibone iwusizo uma ungena emgwaqeni omazombezombe noma uhamba ezindaweni zasemakhaya.
Ngibethulela isigqoko kwaGWM ngokwenza impilo yomshayeli kule-Tank 300 ibe lula. Akukho lapho ngizithole khona ngisusa amehlo emgwaqeni ngoba ngicinga igiya okanye amabhithini. Yonke into isobala okwezinqa zesele futhi ayikho nemicikilisho eminingi uma uzoyishintsha kuma-driving modes. Izihlalo zesikhumba esigijima nasezihlangothini ezicabheni nge-stitch esengeza ubuhle nezibambo ezisabhande ezenza impilo ibe lula emotweni enkulu njengalena.
Izihlalo zangaphambili ungafunga ukuthi ezasendlini base beyixina nangomsindo wezipikha. Abantu abahlanu bahlala ngokukhululeka. Kodwa ngokubona kwami kukhona abebengakwenza kwaGWM ngesikhathi sangemuva esiwudedangendlela njengokufaka isihlalo eceleni.


Ngesikhathi ngihamba ngayo ngikwazile ukulayisha izinsizwa ezimbili kulesikhala, zahlala ngokukhululeka. Ngendlela ingaphakathi layo elingithathe ngayo ngibone isizohamba ukuthi inkabi ishaya ngengengelezi yePanoramic Sunroof.
Indaba isenjinini
Sesikusho konke okumqoka kunakho konke injini, ukwethembeka, amandla nangendlela ecaphuna ngayo kudizili. Injini engu-2.4 litre edonsa ngodizili eneturbo ikhiqiza amandla afinyelela ku-135kW, itorque engu 480Nm.
Yize ngingazange ngilithole kahle ithuba lokuyivivinya emigwaqeni yezimoto eziphakeme ezinamandla, kodwa kukhona lapho ngiwezwe kahle amandla ayo njengoba idonsa ngawowonke amasondo, 4×4. Uma usuyidedele ngempela emgwaqeni ihubela phansi okungelula ukuthi uyizwe ngokuphelele ukuthi idonsa ngodizili. ingumshini ozishintshayo ingu-9 speed electronic automatic transmission.
Engingakusho ukuthi noma ngithe ukuyisikaza mbijana kumgwaqo ongemuhle lapho nginqamula eMbo ngidundubala kweseNkosi uMkhize ngaphandle kwaseKhilesi, ngokuqaphelile ukuthi i-suspension yakhona ayizwakali njengeyemoto eyingudlungudlu noma ishaya isikhinsi kuthule. Nakuba kwaGWM bethi idla amalitha angu-7.7 kadizili kodwa kukhona lapho ngikwaze ukuyibamba ku-7.1, nalapho futhi bengihamba nje ngesivinini esikahle engikubone kuwukonga okukhulu.
Kwezokuphepha ihamba yodwa. Iphuma ne:
- ABS, EBD ESC,
- Blind Sport Detention,
- Iphuma nama airbang angu 7 ngaphambili nangemuva,
- Emergency Lane Keeping,
- Rear Collision Warning,
- I-Hill Assist.
| Intengo | |
| IGWM Tank 300 2.4T Super Luxury 4WD | R699 900 |

