Now Reading
IMeya yaKwaDukuza ithi bazoyibona ngamehlo intuthuko abantu bakuloMasipala
Dark Light

IMeya yaKwaDukuza ithi bazoyibona ngamehlo intuthuko abantu bakuloMasipala

View Gallery

Ikhehla elizobe lihlanganisa iminyaka eli-101 ngoLwesihlanu, selizohlala endlini entsha.

IMeya yaMasipala IkwaDukuza uMnu uSiduduzo Gumede ubona besawuqhuba kahle umsebenzi wokuthuthukisa umphakathi wakuloMasipala, lokho kwenziwa ukuthi babambisene namakhansela ngokuhlukana kwawo.

UMnu uGumede ongemusha ekubeni umholi kuloMasipala, namuhla zingama-53 izinsuku angena eHhovisi njengeMeya kusukela kwakhishwa uMnuz u-Ali Ngingi ngoNcwaba nonyaka.

Namuhla uMnu uGumede, amaKhansela nabasebenzi bakaMasipala bahambele izindawo ezimbili lapho abeyobheka ukuqhubeka kwamaphrojethi, eyokuqala kube iMgigimbe Informal Settlement Upgrade Project. Ilunga lomphakathi elinguMnu uMandla Dlamini elihlomuhle ngendlu kanye nokudla okube isipho sakhe njengoba ngoLwesihlanu ezobe egubha iminyaka eli-101 edla anhlamvana.

Indawo yesibili kube iphrojethi ebizwa ngokuthi iSihle Phakathi Housing, nalapho umsebenzi wokwakhiwa kwezindlu nakhona kusaqhubeka

“Umuntu ehhovisi ungene zikhona izinkinga ebezikhona, kodwa lokho sekuyinto esingumlando njengoba sibona ukuthi kusebenzeka kahle kakhulu. Okwenza lokho ingoba sihlanganile saba nezingxoxo ezijulile nabaphathi baMasipala, amaKhansela ngenhloso yokuqhamuka neqhinga lokuthi siya kanjani phambili. Sibe sesibheka nenkece esinalo kumasizini ukuthi singenza kanjani ukuzama ukubhekana nazo zonke izinkinga esinazo” kusho uMnu uGumede.

UMasipala iKwaDukuza wakhiwe ngamaWadi angama-30, nethe iMeya bazozama ngakho konke ukuthi bewahambele wonke amaWadi.

“Siyafisa ukuphatha imali ngendlela silwe nenkohlakalo. Izinhlelo esinazo ziningi kakhulu, njengoba namalunga omphakathi esinekela izikhalo zawo esizimisele ukuqhamuka nezisombululo zazo”.

See Also

Ubuye waveza ukuthi ifuna kube khona okwenziwayo ngenhloso yokubhekana ngqo nenkinga yezinhlekelele eziye zibangelwe wukuguquguquka kwesimo sezulu

”Sike sabona isimo esibi lapha KwaDukuza ngenxa yokuguquguquka kwesimo sezulu. Okubi wukuthi lokhu kugcine kulimaza ingqalasiziunda yethu okubandakanya imigwaqo, izindlu kanye nezikole. Sifuna ukuba nobudlelwane nabeMinyango yeziNhlekelele ngenhloso yokunqanda lesi simo singaphindi sikhahlameze le ndawo.

UMnu uGumede ukhuluma kanjena nje kuzokhumbuleka ukuthi ngonyaka odlule yonakale kakhulu ingqalasizinda yaKwaDukuza ngenxa yezinhlekelele okwavela ukuthi zidalwa wukuguquguquka kwesimo sezulu. Uthe bazimisele ngokusebenzisana nabezomlilo.

Ube esefisela abafundi bakuloMasipala abenza umatikuletsheni ukubhala okuhle.

Scroll To Top