Now Reading
Imbokodo ifundiswa ukuzibambela mathupha ezimotweni
Dark Light

Imbokodo ifundiswa ukuzibambela mathupha ezimotweni

Ukungabi nolwazi kugcina sekuholele ekutheni abesifazane babe yizisulu emgwaqeni 

Ukukhula kwesibalo sabesifazane abathenga izimoto ezweni kufaka inselelo yokuthi bangagcini nje ngokubamba isiteringi, kepha bakwazi nokubhekana nezimo ezahlukene ezivamise ukufikela abashayeli emgwaqeni.

 Yize kuvamisile ukuthi abesifazane bathenge izimoto ezintsha sha esikhathini esiningi ezingavamile ukuba nezinkinga, kodwa kukhoa izimo okungelula ukuzigwema ezehlela wonke umshayeli. 

Kungalesi sizathu inkampani yezimoto kuleli iHyundai Automotive South Africa ibambe isithangami esibizwa ngeHeels on Wheels, okuwuhlelo lokucija imbokodo ngamakhono athile nokuyinika isibindi nokuzethemba uma iemgwaqeni.

Kulolu hlelo abesifazane bacijwa ezintweni ezihlukene njengokushintsha ithayi, ukuhlola u-oyela namanzi, ulwazi lokubona kudashboard uma kunento engahambi kahle emotweni okuvame ukuvela ngelambu elibomvu,  nezinye izinto ezingabasiza lapho bezithola benenkinga emgwaqeni. Ngalolu hlelo kwaHyundai bahlose ukuvala igebe phakathi kwabesilisa nabesifazane ngolwazi okumele abesifazane banalo ngezimoto olugcina lwenze babe yizisulu emgwaqeni

Ngokusho kwabakwaHyundai isibalo sabesifazane abangu 55%  kuleli bangabanikazi bezimoto zale nkampani ngakho kumqoka ukubungaza imbokodo nokuyazisa ingasileli ngemuva ngokusebenzisa uhlelo iHeels on Wheels. Ngokusho kukaMichael Rohde onguMqondisi kwa-Aftersales kwaHyundai Automotive South Africa imbokodo imqoka kakhulu ezimotweni zabo.

See Also

“Imbokodo ingabathengi abathatha izinqumo, abaziyo ngabakufunayo futhi yibo abawumhlahlandlela embonini yezimoto.” URohde uthi uma owesifazane eyiqonda kahle imoto yakhe uzizwa ephephile, khona lapho baba nokuzethemba okuyinto emqoka kule nkampani. 

Ucwaningo emhlabeni lubalula ukuthi izinqumo ezithathwayo zokuthengwa kwezimoto ezintsha zisuke zithinta kakhulu abesifazane. Ucwaningo luveza ukuthi banesandla kuzo, okusho ukuthi ababi nje izibukeli lapho kuthathwa khona izinqumo kodwa ekugcineni kuba yibo abashayeli.

Scroll To Top