Silokhu siqaqadwa yinundu isiphuku kuleli
UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Izwe nezwe linesiphuku salo. Lesi siphuku okuwumnotho yilo izwe elikwazi ukwenza izinto ngaso zenzeke. Kayigcini ngokondla abantu kepha iqinisekisa nokuhlonipheka kwalelo lizwe. INingizmu Afrika kule minyaka ibhekene nengwadla njengoba isiphuku sayo simantwenguntwengu njengoba lokho kuqinisekisiwe esontweni eledlule. Umbiko owenziwe ngumholi weBhangengodla nongahlukile kunaloyo owakhishwa ngabe-International Monetary Fund (IMF) uveza khona ukuthi sinqunu. Ngenxa yalesi simo sekukhona ababuza imibuzo enqala, ukuthi ngabe leli okwake kwathiwa lingolobisi nezinyosi liyokwazi yini ukuzondla eminyakeni ezayo. Ezweni lapho imizi eminingi imiswe yisibonelelo sikaHulumeni, ukuguqa komnotho kungadala ukwesaba futhi kukhonge nenhlekelelo. Esimemezelweni salo iBhangengodla libuyekeze ukukhula komkhiqizo wonyaka wezwe (GDP) nonyaka ngama-0,4% kusuka ema-0,5% .
Ngowezi-2020/2021 babuyekeze kwababekuhlonzile, iGDP bayibeka kuma-1,2% besuka kuma-1,4%. Ngonyaka olandelayo wezi-2021 bathi sizokwehla siye ku-1,6% sisuka kuma- 1,7%. Kuthi ngowezi-2022 ibe ngama-1,9%.
Ukwehla kweGDP kudalwe ukukhula okuncane kwemikhiqizo obekungalindelwe ngekota yesithathu neyesine onyakeni wezi-2019. Emuva kwesonto eledlule kube khona ukwehla kancane kwamaphaphu ezakhamuzini zezwe emva kokuthi iBhangengodla likhulume mayelana ne- izinga lemalimboleko. IBhangengodla lithathe isinqumo esijabulise osomabhizinisi namabhange kakhulu emveni kokuthi lingaguquli isilinganiso sokuthenga kabusha (izinga lemalimboleko) sezwe sigcine sima kuma- 6,5%. Lokhu kugcinwa kwalesi silinganiso sokuthenga kabusha kulandela emuva kokuba ngonyaka odlule ngoNtulikazi isibalo salesi silinganiso sasingama-6,75% sehliswa ngaleyo nyanga ngamaphoyinti angama-25 saya kwama-6,5%.
Izinga lemalimboleko inquma inani lapho iBhangengodla lezwe elibolekisa ngayo kwamabhange ahwebayo. Leli nani esuke selikhethiwe ilona elinqumayo ukuthi amabhange ahwebayo wona abolekisa ngamalini kwamakhasimende awo. I-izinga lemalimboleko isetshenziselwa ukuba ilwe nezinga lokwenyuka kwamanani. Izinga lokwenyuka kwamanani lakwamuva lihleli kwama-4,3% okuyizinga elamukelekayo ngaphansi kweBhangengodla ngoba ngokwalo fanele izinga lokwenyuka kwamanani ihlale kwama-3% kwangama-6%.
Ngesonto eledlule iStatistic South Africa (Stats SA) imemezele ukuthi ukunyuka kwezinga lowenyuka kwemali lisuka kuma-4% kuqhutshwe ukunyuka kwamanani okudla, kanye neziphuzo ezingadaki, izindlu kanye nezinsiza. Lokhu kunyuka kokudla kube okuphezulu kusukela ngoNhlolanja wezi-2017. Ezinye zezinto ezithintekayo uma kunyakaza izinga lemalimboleko: Ukunyuka kwezinga lemalimboleko kuchaza ukukhuphuka kwempahla okuchaza ukuthi ukuthenga indlu noma ukutshala imali empahleni kuzobiza kakhulu. Konke lokhu kukhulunywa kokunganyuki kwezinga lemalimboleko kuchaza ukuthi izakhamuzi zaseNingizimu Afrika zizokwazi ukuboleka imali ethe ukuthi xaxa ngoba ukube yenyukele lokho bekuzochaza ukuthi imali abantu abangayiboleka emabhange ibizoba ncane nemali ekufanele bayikhokhe ngenyanga ukwehlisa izikweletu ibizoba phezulu okuba yinkanga kulabo abasuke benezikweletu eziphezulu noma asebekweleta ngokweqile.