Sebelahle ithemba ngesinxephezelo abasuswa kwakhiwa ilokishi


Umphakathi owasuswa ezindaweni zawo ngesikhathi kwakhiwa ilokishi KwaMakhutha ngowe-1958 usulahle ithemba ngokuthi uyophinde unxeshezelwe njengoba sekuhlangene iminyaka engama-29 isicelo sawo singasukunyelwa.
Umphakathi wasuswa inkampani yamakhemikhali ezinze Ezimbokodweni ukuze kwakhiwe inkompolo yabasebenzi eyagcina isiyilokishi.
Kwababeyinhloko zamakhaya ngalowo nyaka sebashona, nakulaba ababefake isicelo sokunxeshezelwa sekusele ingcosana esaphila. Emhlanganweni ebanjwayo emuva kwesikhathi eside kade kuthule, umphakathi ukhala ngokuthi aboMnyango Wezomhlaba ubashiya nezethembiso ezingekho.
Ake anyuka amathemba ngenyanga edlule ngesikhathi aboMnyango Wezomhlaba behambele kule ndawo bezokwazisa umphakathi ngegxathu eselihanjiwe ngesicelo sawo. UMnu uThobelani Ngcobo ongomunye wabaphambili esicelweni sokunxeshezelwa kwabasuswa uthe, ababoni beyoke baphinde banxeshezelwe emuva kokhetho ngoba kuningi okuzoshintsha ohlangothini lukahulumeni. “Namuhla ngineminyaka engama-70 nami asiseningi isikhathi engisazosiphila kuyacaca ukuthi kwasekuqaleni kwakudlalwa ngathi”.
Uthe akukho abangakwenzile okusuke kucelwa izithunywa noMnyango njengokuhambisa omazisi, ubufakazi bokuthi bawumnsinsi wokuzimilela endaweni baze bagcwalisiswa nemininingwane yasemabhange abo.
UNkk uThembeni Nzuza owakhulela kule ndawo osehlala eXobho lapho ashadela khona uthe kunzima kakhulu ngoba uma kubizwe imihlangano kumele bahlele nendawo yokulala ngoba basuka kude. Ngaphandle kwalokho uthi nokugibela kuyabadla ephaketheni.
Omunye oyilungu lomphakathi okhulume naleli phephandaba uthe njengoba kuyiwa okhethweni kunzima ukukholwa abantu ikakhulukazi uma bezothi umphakathi awukhiphe omazisi. Abebephuma eMnyangweni Wezomhlaba bathe akukuningi abakuzele emphakathini kodwa babhekene ngqo nesicelo salo maphakathi bazobazisa bonke abadingakalayo ngoba kubalekelwa ukuthi kugcine sekugxambukela nabantu abangaqondene nalesinxephezelo.