Uhluleke nawukuzibamba wakhihla isililo uNks uThandi Mbhele, obekuzovulwa indlu yakhe entsha eseFrere.
Ukushuba kwesimo eMiddle East kubukeka kuzoqhubeka nokukhula ngemuva kokuthi u-Israeli efunge wagomela ukuthi uzoziphindiselela kuHezbollah.
Kushone abantu abali-19 ngesikhathi indiza encane iphahlazeka isha isuka enhlokodolobha yaseNepal iKathmandu izolo, ngokusho kwezikhulu.
Izishoshovu ezigqugquzela imibhikisho emelene noHulumeni waseKenya zicubungula kabusha iqhinga lazo.
Imizamo yokuketula umbuso eBolivia ibhuntshile ngemuva kokuthi umholi weqembu eliphikisayo uJenene uJuan Jose Zuniga eboshiwe ngemuva kokuthi amasosha agasele endaweni kaMengameli kanye neyeCongress enhlokodolobha yaseLa Paz.
Isibalo sabashonile sesinyuke safinyelela kwaba ngama-41 kulandela ukuhlasela kwangoLwesihlanu, ngoNhlangulana ziyisi-7, ngabasolwa ngokuvukela umbuso ezigodini ezisempumalanga neDemocratic Republic of Congo.
Ngesikhathi amaqembu esabamba eyeka ngokuthi azobambisana kanjani lapho lingekho elinqobe ngamalengiso, izinsuku ezili-14 ezinqunyiwe zokusungulwa kukahulumeni ziya ngomutsha wendoda.
Okhethweni oluyingqophamlando, uClaudia Sheinbaum ube ngumoMengameli wesifazane wokuqala waseMexico, uthole ukunqoba okubalulekile ngamalengiso okungumlando.
Izithunywa zakwamanye amazwe ezingaphezu kwama-40 ezisemazingeni enhloko yombuso, ongqongqoshe bezangaphandle kanye nezinhloko zePhalamende zihambele inkonzo yomngcwabo kaMengameli wase-Iran ongasekho u-Ebrahim Raisi eTehran.
Isifundazwe ikakhulukazi iTheku liyaqhubeka nokuba nesibunge kumaqembu ezepolitiki njengoba ukhetho lungesonto elizayo. Namuhla libovu iTheku…
Ombayimbayi bakwa-Israeli bangene bajula empumalanga yeRafah ngoLwesibili.
Ngempelasonto umkhankaso ogqugquzelwa yinhlangano engenzi nzuzo wokutakula abafundi abaswele ngezicathulo owaziwa ngokuthi, #1MillionSchoolShoes, uhambele kule ndawo ukuyodlulisela usizo.
Abaholi base-Afrika engqungqutheleni yezokuphepha eNigeria bacele ukuthi kulungiswe kabusha izikhungo ezilwa nodlame ezwenikazi.
U-O.J. USimpson, isihlabani se-American Football kanye nomlingisi owakhululwa ecaleni elavusa amadlingozi ngowe-1995 lokubulala unkosikazi wakhe…