Ugesi
UNgqongqoshe kagesi uKgosientsho Ramokgopa uthe uhulumeni usethubeni elihle lokufeza izethembiso azenza mayelana nohlelo lezwe lwezamandla. Ekhuluma ePitoli ethula umbiko wakhe wamasonto onke kwabezindaba mayelana nesimo segridi kazwelonke ngenxa yenkinga kagesi ezweni, uRamokgopa uthe ungaphezu kwama-50% womsebenzi womnyango wakhe uphelele noma uhamba ngendlela.
Owayeyimeneja yophenyo lobunhloli kwa-Eskom uNkk uDorothy Mmushi usole inkampani ngokwehluleka ukumvikela nokumeseka ngemuva kwezinsolo zokuthi wasatshiswa ngokubulawa okusolwa ukuthi kwenziwa izinkabi. UMmushi oseshiyile kule nkampani, uveze lukhulu mayelana nezinsolo ezidlangile zenkohlakalo elahlekise lenkampani izigidi zamarandi.
Ngesikhathi izwe lisenkingeni yagesi eya ngokushuba uMengameli uCyril Ramaphosa usephike wema ngentaba ukuthi ukuhlinzeka ngogesi kungumsebenzi waHulumeni kaZwelonke. Lokhu ukusho ngesikhathi efaka amaphepha okuphendula enkantolo, lapho abamangali abali-19 okubandakanya namaqembu aphikisayo embale noHulumeni kaZwelonke njengabafanele ukuphendula.













