Ayiqome lapho ethanda khona

by Anathi Mtaka
February 3, 2023


Anathi Mtaka
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
UNgqongqoshe Wezangaphandle we-European Union uJosep Borrell usamile ekutheni nakuba iNingizimu Afrika isalokhu ibambisene ne-EU ikhululekile ukukhetha uhlangothi odabeni lwempi ese-Ukraine.
UBorrell useNingizimu Afrika futhi uhlangane nozakwabo, uNaledi Pandor, kuleli sonto eledlule. Uthe amazwe akhululekile ukuthi aziphathele imigomo yangaphandle wona siqu.