UKhuvethe lwenze salibala ingculazi

by Bayede News
Dec 2, 2022

Izolo umhlaba wonke ubugubha usuku lokuqwashisa ngengculazi iWorld Aids Day ngaphansi kwesiqubulo esithi, Linganisa. Lesi siqubulo besigxile kumyalezo ogqugquzela ukubumbana ekulweni nalolu bhubhane olusaqhubeka nokuntshontsha abantu buthule.
Umyalezo emhlabeni jikelele ubuthi imishanguzo ayitholakale kuzona zonke izindawo, abantu abazazi isimo sabo kuliwe nokuqeda isihlava sokucwaswa kwabahaqekile. UKhuvethe oluhlasele umhlaba eminyakeni emibili edlule lwenze kwalibaleka ngengculazi, kodwa iqiniso elimile ukuthi isekhona phakathi kwethu futhi iyakwazi nokusebenzisa amathuba uma abantu bengazinakekeli.