Balwa buthule o-Advocate uMadonsela noMkhwebane



UZulu uyintatheli ephenyayo esimkatshubovu.
Yize kungekho okhuluma ngakho kongoti ababheka ipolitiki nakwabezindaba, izinkomba zithi kukhona impi ekhona phakathi kwalowo owayenguMvikeli woMphakathi u-Advocate uThuli Madonsela kanye naloyo othathe isikhundla sakhe u-Advocate uBusisiwe Mkhwebane. Le mpi eliwa buthule ibonakala isingenwe nangabathile emaqenjini aphikisayo kanye nabezindaba.
Ogadle kuqala kube ngu-Advocate uMandonsela ngesenzo sakhe esatshengisa ngokusobala ukuthi akamethembi u-Advocate uMkhwebane owayezothatha izintambo kuye. Kwathi nje sekusele izinsuku ezimbalwa aphume esikhundleni u-Advocate uMadonsela wenza uphenyo oluthinta ukugolonjwa kombuso (state capture) olwabe lungaphelele, yize yena athi seluphelele. Sasingekho isidingo sokuba alwenze yena ngoba lowo kwakuwumsebenzi wehhovisi lakhe, ngamafuphi noMvikeli woMphakathi olandelayo naye wayengaqhubeka nophenyo alwenze kahle enesikhathi.
Nokho okaMandonsela nokuthokozelayo ukwaziwa njengomuntu ogagazisa izikhulu zikaHulumeni wayengeke alenze lelo phutha lokuthatha udumo’lwakhe aselusebenzele iminyaka alunike omunye umuntu. Lapha kungenzeka ukuthi unesizathu njengoba kube ngesikhathi sakhe lapho leli hhovisi libe ngundabamlonyeni futhi lahlonipheka.
Naye u-Advocate uMkhwebane yize egebise ikhanda uziphindiselele. Lokhu ukwenza nje kancane, kancane, kajahile. Ethula umbiko wehhovisi ekomitini lephalamende elibhekele ukusebenza kwehhovisi loMvikeli woMphakathi wakubeka kwaba sobala ukuthi usezinhlelweni ‘zokuhlela’ kabusha ukusebenza kwehhovisi. Kusuka ekugwebeni ukusetshenziswa kwezinkampani zangaphandle ekwenzeni uphenyo nasekungaxhasweni zinhlangano zangaphandle. Lesi sinqumo singathatheka kancane kepha nxa isibuko ngeso elibanzi, sihlose ukuqeda noma ukucisha ngo-Advocate Mandonsela. Okunye okuyizinkomba kube ngumbiko othinta ukwebiwa kwezimali ngamabhange ngesikhathi sobandlululo.
Lo mbiko mdala kakhulu, u-Advocate Mandonsela usolwa ngokuthi kagcinanga ngokuwugugusha kepha nangokungawubeki eqhulwini ngoba wawungagadli kuHulumeni obusayo. Izinkulumo ezikhona zithi lo mbiko njengoba usuputshukile nje usuwehluke kancane kunalowo owabe uhlanganiswe ngu-Advovate Mandonsela yena owabe engasondelanga ekutheni ibhange i-ABSA ikhokhe imali nokuyinto u-Advocate Mkhwebane ayiphakamisayo embikweni wakhe wesikhashana.
Ukuphawula kwezingqapheli nabezindaba ngalulu daba kukhomba khona ukuthi nabo sebethathe uhlangothi. Kukhona abeseka u-Advocate uMandonsela nabathi umsebenzi wakhe awunakusolwa banuka u-Advocate Mkhwebane ngokudicilela phansi lokho, bathi kayena uMvikeli Womphakathi kepha usevikela uHulumeni. Bese kubakhona abathi empeleni u-Advocate Mandonsela uphazamisa ukusebenza njengoba ephawula ngezindaba zehhovisi angasekho kulo.
Lezi yizinkomba nobufakazi bokuthi nembala ikhona impi ekhona nokuthi lesi kuseyisiqalo.