IMeya yaseNewcastle izokwethula inkulumo yesimo sedolobha



UMhlongo yintatheli ebheke izindaba zohulumeni bendawo
UMasipala iNewcastle uke waba sematheni ngesikweletu esiphezulu senkampani ehlinzeka ngogesi kuleli u-Eskom.
Emasontweni amathathu edlule le nkampani ikhiphe isitatimende esiveza omasipala abenza kahle ngokukhokha izikweletu zabo, waveza ukuthi neNewcastle seyisalelwe izigidi ezibalelwa emashumini amathathu ukusesula.
IMeya yalo Masipala uDkt uNtuthuko Mahlaba iveze ukuthi njengoba sekuphele unyaka iNingizimu Afrika yathola owokuqala owahaqwa ukhuvethe, kwalahleka imiphefumulo eminingi, abaningi baphelelwa imisebenzi, okumqoka ukuthi abantu bangakhaliswa yilesi simo kepha kumele bazihlele.
Ichaza ngokungalindeleka enkulumeni yayo yesimo sedolobha iMeya ithe izoyethula isebenzisa izinkundla zokuxhumana ikhuluma ngezinkinga ezithinta izakhamuzi imihla ngemihla nezimqoka. “Angeke sizibalekele izinkinga eziphakanyiswe izakhamuzi zaseNewcastle futhi ngeke sikuzibe ukuthi kumele sithuthukise nempilo yazo zonke izakhamuzi,” isho kanje.
Iqale yaveza ukuthi kulo nyaka kuphela iminyaka engama-20 kwasungulwa oHulumeni Basekhaya. Ichaze oHulumeni Basekhaya njengesidleke kanye nesiphethu sentuthuko ezindaweni okwenza impilo yabantu ibe ngcono. “Okumqoka kuthina kulo nyaka ukusheshisa ukuhanjiswa kwentuthuko eyisisekelo. Izinhlelo esizibeke eqhulwini ukuhlinzeka ngezindlu, ugesi kanye nokuthuthwa kwendle kubantu abasaqala ukuba nemizi,” kusho iMeya.
Iqhube yathi uMasipala usazoqhubeka esethembisweni sawo sokuhlinzeka ngezindlu kubantu abaqalayo ukuba nemizi ikakhulukazi kulaba ababecindezelekile. “Izinhlelo zethu zezindlu kuH39, kuN11, kuCharlestown, eSiyahlala-la, eHospital Street, eJBC kanye naseBlaauwbosch ziyimisebenzi ebonisayo ukuthi isithunzi sabantu bethu sibuyiswa mihla yonke,” isho kanje.
Ithe uMasipala uphinde watshelekwa imali engangezigidigidi ezi-R4 ukuba wakhe izidlu ezingamafulethi ezingama-560 okuzodala amathuba omsebenzi angaphezu kwe-1000.
IMeya ithe uMasipala uphinde wathola imali yokwakha izindlu eziyi-1 256 ezibiza izigidigidi ezi-R6 okuzophinda kudale izinkulungwane zemisebenzi.
“UMasipala ube nezingxoxo neNyuvesi yaseNingizimu Afrika (UNISA) ukuba babe nendawo eNewcastle lokhu okuzohlomulisa abafundi baseNewcastle namaphethelo. INyuvesi izoqasha isakhiwo sikaMasipala iminyaka emithathu uma bethanda bangakwazi ukusithenga,” isho kanje.
Iqhube yathi lo Mkhandlu uvunyelwe ukuba wakhe imigwaqo eyisi-6 emisha eMadadeni, Osizweni kanye naseBlaaubosch. Yathi uMnyango Wezezimbiwa uvumile ukuthi basheshise uhlelo lokuhlinzeka ngogesi izindawo ebezingenawo okuyiseSiyahlala-la, iCharlestown, Ingogo, iNormandien kanye nezinye izindawo eziseBlaauwbosch.
Okumqoka kule nkulumo wukuthola ukuthi iNewcastle ikwaze kanjani ukuzihlela. “Njengoba sonke sazi ukuthi uMasipala usazihlela esikweletini esingachazeki kanye nenkohlakalo, kanti abaningi abenze lokhu bagcine bengajezanga ngezenzo zabo. Ukungena ngaphansi kukaMlawuli kubeke eqhulwini ukujeza kanye nokuveza izinhlelo zoMkhandlu obala. Asixolisi ngokuthi sibhekane ngqo nenkohlakalo. Izakhamuzi zaseNewcastle zifanelwe ubulungisa,” kusho iMeya uMahlaba.
Ithe ukulwisana nenkohlakalo kungezinye zezizathu ezenze ukuba baqoke inkampani yangaphandle ukuba ivundulule inkohlakalo esisemkantsheni walo Masipala. “Kamuva uMasipala uxoshe izisebenzi ezimbalwa emazingeni aphansi naphezulu. Amanye ala macala asenkantolo futhi siyawalandelela,” isho kanje. Ithe eqokiwe ngo-Ongoti Investigations ukuba iphenye uMasipala kuze kube imanje baneme ngemiphumela eyenziwa yile nkampani. Imiphumela ibidluliselwa ezinhlakeni ezifanele zezomthetho. “Ezinye zezinhlelo esizenzile ngenkathi singena ngaphansi kukaMlawuli ukubheka imsebenzi emqoka nokumele siyikhiphele imali. Sisungule ikomiti eliqapha lokho eliphethwe yisikhulu esiphezulu sezezimali,” kusho iMeya uMahlaba.