Ikhilikithi

UMaphaka ubhabhadiswe ngomlilo eqala ku-IPL

Igilwe ozakwabo intwana encane efike kwezwakala kwezekhilikithi uKwena Maphaka osayiniswe yiMumbai Indians.

This content is for subscribers only.
Login Join Now
IMumbai ibone umthente ohlaba usamila kuMaphaka

Umdlali wakuleli wekhilikithi nosemncane uKwena Tshegofatso Maphaka, unyelwe inyoni esandleni njengoba esayiniswe iMumbai Indian okuyiqembu elidlala ku-Indian Premier League (IPL).

This content is for subscribers only.
Login Join Now
Elakuleli liwole izindondo ekhilikithini yabaphuphuthayo

Iqembu lakuleli lekhilikithi labanokukhubazela emehlweni libukise ngeNew Zealand, liyihlula kuyona yonke imidlalo. 

This content is for subscribers only.
Login Join Now
Lingenza kahle elakuleli labangaboni kukhilikithi

Kulindeleke liqhubeke nokwenza kahle iqembu lalapha eNingizimu Afrika lekhilikithi yabangaboni njengoba libhekene neNew Zealand.

This content is for subscribers only.
Login Join Now
Bayivule kahle eyochunge abakuleli

Iqembu lakuleli lekhilikithi yabangaboni liyivule ngokunqoba imidlalo yochungechunge ebhekene kuyona neNew Zealand. Le midlalo ebanjelwe lapha eNingizimu Afrika, iqale izolo. La mazwe azotholana phezulu emidlalweni eyisithupha yeT20 bese ephinde etholane kowodwa we-One Day International (ODI).

This content is for subscribers only.
Login Join Now
Kuphelile ukuchanasa kweProteas kweyamaTest kuNew Zealand

Kuphele nya ngerekhodi leProteas lokungadliwa yiNew Zealand emidlalweni yochungechunge lwamaTest. Namuhla ekuseni, iProteas idliwe iBlack Caps ngamawikhethi ayisikhombisa emdlalweni wesibili weTest obuseSeddon Park kwelaseNew Zealand.

This content is for subscribers only.
Login Join Now
Ushubile oweProteas neNew Zealand eSeddon Park

Zindala zombili phakathi kweProteas neNew Zealand eSeddon Park eNew Zealand emdlalweni weTest yesibili. Okwaziwa ukuthi iyiphi ezogcina igobe uphondo phakathi kwala mazwe amabili. IBlack Caps ihamba phambili ngomdlalo owodwa kulolu chungechunge lwemidlalo emibili yamaTest.

This content is for subscribers only.
Login Join Now
IProteas ethubeni lokumangaza iNew Zealand kweyesibili iTest

IProteas izibeke ethubeni elingcono lokubuyisa izinduku kuNew Zealand osukwini lwesibili emdlalweni weTest edlalelwa eSeddon Park. INingizimu Afrika ibhekene neBlack Caps ochungechungeni lwemidlalo emibili yamaTest.

This content is for subscribers only.
Login Join Now
ElaseThekwini ethubeni lokuba ngompetha beBetway SA20 League

Leli qembu laseThekwini liqede endaweni yesibili ku-log emidlalweni yamaqoqo. Kowokuhlungela ukuzibekisela indawo kowamanqamu liqhathwe neSunrises Eastern Cape eqede eyamaqoqo iqhwakele.

This content is for subscribers only.
Login Join Now
Elinye ithuba lowamanqamu eSA20 kuDurban Super Giants

Izophinde ithole elinye ithuba lokuzibekisela indawo kowamanqamu eBetway SA20 League, iDurban Super Giants uma isibhekene neJoburg Super Kings namuhla ngelesi-5.30 eWanderers Stadium, eGoli.

This content is for subscribers only.
Login Join Now
Iziqhwaga zeTheku zixhoshwe yilanga eKapa kowekhrikhethi

Isale incela izithupha iDurban Super Giants (DSG) ngesikhathi iqunjwa phansi yiSunrises Eastern Cape emdlalweni owandulela…...

This content is for subscribers only.
Login Join Now
Ibunele ezandleni zeNew Zealand iProteas

INew Zealand ibukise ngeProteas emdlalweni wokuqala ochungechungeni lwemidlalo emibili yamaTest eBay Oval namuhla ezintatha. IBlack…...

This content is for subscribers only.
Login Join Now
Ihlulwe ukwenza i-U/19 yekhrikhethi yakuleli kweyomhlaba

Kuphelile ngephupho leNingizimu Afrika lokuqubula iNdebe YoMhlaba ngaphansi kwabaneminyaka engaphansi kweshumi nesishiyagalolunye. Elakuleli yilona ebelisingethe lo mqhudelwano. Kweyamaqoqo beliboshelwe eqoqweni elilodwa ne-England, iWest Indies neScotland.

This content is for subscribers only.
Login Join Now
Sekungaba umlingo onganqobisa iProteas

Elakuleli lidlala ngaphandle kwezihlabani zabadlali okubalwa kubona uKagiso Rabada, uLungisani Ngidi, uTemba Bavuma, u-Aiden Markram, uNandre Burger noKeshav Maharaj bonke abayingxenye yeBetway SA20 League.

This content is for subscribers only.
Login Join Now
Kuntwela ezansi kuSunrises

Ivuselele amathemba okuvikela isicoco sayo iSunrises Eastern Cape iqumba phansi iJoburg Super Kings ngamawikhethi ayisishiyagalolunye emdlalweni weBetway SA20 League obuseDP World Wanderers, eGoli izolo ebusuku.

This content is for subscribers only.
Login Join Now
IDurban Super Giants izibekisele indawo kowandulela amanqamu

Iqinisekise indawo yayo kowandulela amanqamu iDurban Super Giants (DSG) ithela othulini iPretoria Capital eKingsmead Cricket…...

This content is for subscribers only.
Login Join Now
IJoburg Super Kings izifake ethubeni lokudlala kowandulela amanqamu

Ivuselele amathemba okufinyelela kowandulela kowandulela amanqamu eBetway SA20 League, iJoburg Super Kings ngesikhathi iguqisa iMI…...

This content is for subscribers only.
Login Join Now
Ibuyele esicongweni iDurban Super Giants ngemuva kokuhlula izimbangi zayo ezinkulu

Lo mdlalo ububhekwe ngamehlo abomvu ngenxa yokuthi bekutholene phezulu amaqembu amabili alwela ukuqeda esicongweni esigabeni samaqoqo alo mqhudelwano omkhulukazi weT20 oqhubeka kwelaseMzansi.

This content is for subscribers only.
Login Join Now
IPAARL Rocks iqinise indawo yayo esicongweni seBetway SA20 League izolo ebusuku

Leli qembu laseKapa linqobe ithosi lakhetha ukuthi lizoshwiba kuqala. ISuper Kings ihlanganise ama-run ali-168 kusawe amawikhethi amathathu kuma-over angama-20.  UReeza Hendricks noMoeen Ali yibona abenze ezibukwayo ku-Innings yeSuper Kings.

This content is for subscribers only.
Login Join Now
IDurban Super Giants iqhubekile nokudedela induku

Ibuyele endaweni yesibili iDurban Super Giants (DSG) ku-logi yeBetway SA20 League ngesikhathi iguqisa iMI Cape Town ngama-run angama-36 emdlalweni obuyizolo eNewlands Cricket Ground, eKapa.

This content is for subscribers only.
Login Join Now
Intaka ibekelwe amazolo kuNdebe Yomhlaba yekhilikithi

Kuyasuka namuhla  ngemiidlalo yeNdebe YoMhlaba yekhilikithi yabaneminyaka engaphansi kweli-19, kwi-One Day International (ODI).  Lo mqhudelwano…...

This content is for subscribers only.
Login Join Now
I-Joburg Super Kings ibhekene nomqansa kuBetway SA20

Kumnyama ebusweni benkawu kuJoburg Super Kings esiphenduke ukudla kwenduku kuBetway SA20.

This content is for subscribers only.
Login Join Now
ElaseThekwini libhaxabula kwasani kweyeSA20

Ilokhu iqhubeke njalo nokuvulela isibhaxu iDurban Super Giants kuBetway SA20. Ngemuva kwemidlalo emithathu kulo mqhudelwano leli qembu laseThekwini aliyazi induku. Selinqobe imidlalo emithathu ilandelana.

This content is for subscribers only.
Login Join Now
Akazisoli ngesinqumo sakhe esigcine sidlisa amaProteas ebhekene nelaseNdiya

Akazisoli ngesinqumo sakhe sokubhetha kuqala ukaputeni wamaProteas uDean Elgar osethatha umhlalaphansi eqenjini lesizwe.

This content is for subscribers only.
Login Join Now