ISithangami sigcizelele ubumqoka bokuba nolwazi
Zonke izinhlaka ziyavumelana ekuthini kumele izinhlaka zobukhosi kanjalo nemiphakathi yasemakhaya zicije ngolwazi ukuze zikwazi ukuvikela umnotho wayo
INGONYAMA Trust Board (ITB) okuwuhlaka olubheke umhlaba ongaphansi kobukhosi KwaZulu-Natal ihlela inkundla yokubonisana phakathi kwezinhlaka zobukhosi okuhlanganisa amakhosi ezizwe nezinduna kanye nezinkampani ezenza umsebenzi wokumbiwa phansi okuhlanganisa abezimayini kanye nalabo abamba isihlabathi kanye nenkwali. Lokhu kumenyezelwe nguMahluleli uJerome Ngwenya oyisandla sokuphosa seSILO ku-ITB. Umongo walo mhlangano kuwukubonisana nokucobelelana ngolwazi nokuzothi emveni kwalokho kuphume indlela yokusebenza ezolandelwa yizo zonke izinhlaka ezithintekayo, ezizobe sezinolwazi olufanayo.
Isimemezelo sikaMahluleli uNgwenya senzeke ngesikhathi iBAYEDE ibika ngokunyakaza kwemiphakathi yasemakhaya ekhala ngokuthi umnotho wayo uxhashazwa yizinkampani ezithi zilethe ‘intuthuko’. Esithangamini ebesidingida lolu daba nebesihlelwe ngokubambisana phakathi kweBAYEDE kanye noKhozi FM umphakathi uveze izinto eziningi ngethemba lokuthi abe-ITB besebenzisana nohulumeni bazozisukumela.
Phakathi kwezinto amalungu omphakathi akhala ngazo wubudedengu obenziwa yizinkampani lapho zimba bese zishiya kanjalo nokugcina kudale ingozi kubantu nasemfuyweni. Umphakathi uphinde wakhala ngokuthi izimayini ezihweba endaweni zigcina zingelona usizo ekubeni zihweba ngengcebo eziyithola kuyo. Okunye okugqamile wukungaqondi kahle kwemiphakathi kanjalo nezinhlaka zobukhosi mayelana namulengolo nxa kufikwa kwezomhlaba nokumbiwa kuwo. Lesi simo sivunywe yiwo umphakathi kanye nezinhlaka zomphakathi ebebehambele isithangami.
Inkosi yesizwe sakwaCebekhulu ebikade iyilungu lePhalamende kuzwelonke kanti futhi eyilungu lesiGungu sakoMkhulu (Royal Council) eseluleka iSILO ivumile ukuthi ikhona inkinga yokungazi nokungaqondi nokugcina sekwenze umonakalo. Omunye walo monakalo kuthiwa wenzeka ngasohlangothini lwezinduna ezigcina sezilingekile seziba nezivumelwane. Kanti nawo amakhosi ezizwe ayaba senkingeni. Kulolu daba uMahlulei uNgwenya uthe: “Kuningi okwenzakalayo okungamaphutha. Okunye nje okuke kumangaze wukuthi imikhandlu yamakhosi ike ingene ezigxoxweni zezivumelwano nezinkapani ezimelwe ngabameli yona ingamelwe muntu”. Lapha uNgwenya waluleke ngokuthi imikhandlu kayisebenzise i-ITB ezimweni ezinjalo ngoba iphutha nje elincane lingasho inhlekelele emphakathini.
Okunye okuvelile kube yimibiko yokuthi kukhona izinduna ezithengisa izindawo zokuhweba nokugcina sekudala umbango ngoba kwezinye izindawo kusuke kudayiselwe abantu abahlukene indawo eyodwa. Kulokhu uNgwenya uthe: “Kwenziwa konke lokhu ihhovisi le-ITB lisuke lingazisangwa ekubeni kuyiyo ebhekelele umhlaba weNgonyama. Inkosi inamandla okwaba umhlaba kodwa uma sekufanelwe kwenziwe ibhizinisi kulowo mhlaba yi-ITB kuphela okumele kubhekwane nayo ngezimvume zokusebenza,’’ kusho uNgwenya.
Uqhubeke wathi: “Zonke lezi zinkampani kumele kube khona ezikukhokhaya esikhwameni saleso naleso sizwe esithintekile. Kuyadabukisa ukuzwa ukuthi lezi zinkampani zigwazela amakhosi athile nezinduna ngezindibilishi kodwa zona zibe zidayisa lo mnotho wenu wesihlabathi nenkwali okungabe uyanithuthukisa. Bawuthuthe beyowudayisa ngezishisiwe izimali. Kuzomele amakhosi aqine manje ngolwazi ukuze akwazi ukuvikela imiphakathi ayibhekile,” kuphetha uNgwenya.
Umphakathi uthi umkhonto ubuye ugwaze ekhaya
Zintathu izinkampani ebesizematheni kubantu abebehambele isithangami, lezi zinkampani bekunguTronix no-Exxaror kanye noRichards Bay Minerals (RBM). Lezi zinkampani zisolwa ngezinto eziningi phakathi kokunye umonakalo oba semizini yabantu nokugcina kungacaci ukuthi isinxephezelo kumele sivele ngakuphi.
UMnu Peggy Mathenjwa ongunobhala wekomiti lomphakathi elikhathazekile iNseleni Central Development Committee (NCDC) ngaphansi kwesizwe sakwaBhejane KwaKhoza yena ubikele isithangami ukuthi sekubhidlike inqwaba yezindlu zomphakathi ezinye ziyadabuka ziyawa ngenxa yenkampani emba inkwali eqhumisa amadwala.
“Singumphakathi akukho zinxephezelo esizitholayo kule nkampani emba inkwali endaweni yethu. Uma sibuza abaphathi bayo bavele basitshele ukuthi imali yezinxephezelo bayikhokha enkosini. Ibamba bukhosi uNdlunkulu uKhoza uvele asibhokele ngolaka athi yimali yezingane zakhe,’’ kusho uMnu Mathenjwa. Uphinde wathi kumanje uNdlunkulu uKhoza usebavale nokuthi babambe imihlangano yemiphakathi.
UMnu Mathenjwa uthi miningi iminyango asebeyibhalele becela usizo okubalwa nomnyango wakwaCogta nowezokumbiwa phansi uDMR KwaZulu-Natal.
“Izikhulu zomnyango wezokumbiwa KwaZulu-Natal ngemuva kokwenza uphenyo ngoZibandlela nyakenye mayelana nezikhalo zethu ukhiphe umyalelo wokuba kumiswe ngokushesha le nkampani emba inkwali ngoba yephule yonke imithetho yezokumbiwa.’’
UMnu uMathenjwa uqhube wathi ngemuva kokuba izikhulu zomnyango wezokumbiwa sezihambile, iBambabukhosi uKhoza wabatshela emehlweni ukuthi ngeke ivalwe inkampani izoqhubekla ngenkani.
“Kunamhlanje iningi lamalungu omkhandlu asondelene nenkosi okubalwa nayo uqobo bagijima ngezimoto ezibelethe amasondo kodwa thina mphakathi ohlukumezekile sibe sidla imbuya ngothi.’’
UMnu uThulani Biyela wakwaDlangezwa yena ukhwele wadilika enkosini yakwaDube KwaDlangezwa ethi idayisa ngomphakathi enkampanini emba inkwali. “Kumanje sengiphoqeleke ukuwushiya umuzi wami ngenxa yale nkampani esimbe ngisho nasegcekeni bashiya umgodi omkhulu osuphenduke elikhulu idamu eselihlala inyoka. Ngisho nemfuyo yami ibaleka izephule ngenxa yenyoka. Ngibone kungcono ngiwushiye ngiyoquba ezihlotsheni ngoba ngiphephisa impilo yezingane,’’ kuqhuba uMnu uBiyela.