IBolivia yeseka iVenezuela ngenxa yomlando



UShozi yisifundiswa nombhali wezindaba zesimomazwe, wenza iqhuzu lePHD.
IVENEZUELA isenkingeni yokungabibikho kozinzo kwezepolitiki nosekudale ukuthi kuze kube khona ‘oMengameli’ ababili okunguNicolas Maduro noJuan Guaido. UMaduro wanqoba ukhetho olwalungoNhlaba nyakenye, kanti uGuaido waziqoka yena njengomengameli ziyisishagalolunye kuMasingana kulo nyaka.
Amazwe omhlaba ahlukene phakathi ngokuthi ubani ambona njengomengameli kuleli lizwe. Amazwe akade aqala ukuba amadlelandawonye neVenezuela njengeCuba, iBolivia kanye nawase-Afrika aseka uMaduro, kanti amanye aku-European Union anjengoSpain ne-Italy i-USA kanye nangamalungu eLima Group aseka uGuaido. Amazwe ali-12 emazweni ali- 14 kuLima Group, okuyiyona nhlangano yamazwe asezansi ne-USA aseka uGuaido kanti asephinde azibophezela ekutheni azomvikela aphinde asebenzisane ne-USA ukuthi ugcina engumengameli ngokungaphikiswa. Kodwa iMexico yona yacela ukungayingeni le ndaba yokukhethiswa okanti iBolivia yona ayizange inanaze ekutheni yeseka uMaduro. UMengameli waseBolivia u-Evo Morales uchitha isiphakamiso se-USA kanye namanye amazwe akuLima Group sokuthi kungase kube khona isidingo sokuthumela umbutho wezempi eVenezuela ukuze kugudluzwe uMaduro.
Okusobala ngamazwe amaningi akuLima Group ngukuthi awafuni ukuxabana ne- USA kwazise ukuboshwa kukaLuiz Inácio Lula da Silva waseBrazil oyikhomanisi okuvulele indlela uJair Bolsonaro ukuthi anqobe ukhetho kuwathusile amazwe akule nhlangano kwawasolisa nokuthi kukhona okusina kubajeqeza uma bengafuni ukuzwana noHulumeni kaDonald Trump. Umbuzo ovela kulolu daba lweLima Group uthi kungani iBolivia ikhethe ukwehluka yodwa iphikisane nozakwabo kanye ne- USA?
Umlando wokuhlobana phakathi kweVenezuela neBolivia usukela ngowe-1810. Ngalo nyaka uSimón Bolívar wahola umbutho wezempi owawulwa noBukhosi baseSpain obabuphethe iVenezuela, iBolivia, iColombia, i-Ecuador, iPeru, kanye nePanama. Ngalesi sikhathi lawa mazwe ayesathathwa njengezwe elilodwa iGran Colombia njengoba onke ayehlangene ngaphansi kobuholi beNkosi yaseSpain. Umbutho owawuholwa uBolivar wakwazi ukuguqisa uBukhosi baseSpain eGran Colombia, okwabe sekuholela ekutheni leli lizwe lihlukane phakathi okwabe sekuzaleka khona iVenezuela, iBolivia, iColombia, i-Ecuador, iPeru, kanye nePanama. Okuhlobanisa kakhulu iBolivia neVenezuela ukuthi uBolivar ngokuzalwa wayeqhamuka engxenyeni eyaziwa namhlanje ngokuthi iVenezuela ekubeni izwe alibusa yena qobo lwakhe kwaba iBolivia eyaqanjwa ngegama lakhe.
UMengameli waseBolivia uMorales ungumuntu ozwakalisa imibono yakhe kuTwitter. Kule nkundla ukhuluma kakhulu ngokubaluleka kokuvikela umlando wobuhlobo phakathi kwamazwe ayehlangene ebizwa ngeGran Colombia.
Yize uMorales emeseka uMaduro kodwa usihlabile isinqumo sakhe sangoMsombuluko sokunqamula ubudlelwano phakathi kweVenezuela neColombia njengoba uMaduro esola leli lizwe ngokuthi linezinhloso ezithize ngeVenezuela okungakho lavumela abantu abaphuma eVenezuela abangaphezu kwesigidi ukuthi bazohlala khona, laphinde lavumela nezipho zokudla ezisuka e-USA.
Kanti nakho ukwamukela amaphasela okudla kweColombia okuvela e-USA uphinde wakuhlaba njengento eyenza ihaba isimo saseVenezuela. UMorales ukhombisa ukuzama ukuvikela umlando awubona bonke sebewukhohliwe njengoba sekuphendukelana ababeyizwe elilodwa kuqala. Lokhu kubonakala ngokuthi agxeke nokugxambukela kweTurkey, iRussia, i-Iran, kanye neChina odabeni lwaseVenezuela njengoba ebasola ngokufuna ukulwa izimpi zabo ne-USA kusetshenziswa iVenezuela. Nakuba naye uMorales ethembisa ukunqamula bonke ubudlelwano neMelika njengoba eyisola ngokugxambukela eVenezuela, kodwa ngoLwesibili kuTwitter ubhale wathi; “Izingxoxo ezinokuthula kuphela ezingavikela ukuchitheka kwegazi ezwenikazi lethu iLatin America”.
Le nkulumo ifakazela umbono wokuthi uMorales ungumuntu owubona ubaluleke kakhulu umlando weGran Colombia, okusolisa ukuthi isona sizathu ekhetha ukuvikela ubuholi bukaMaduro eVenezuela kwazise akanawo umlando wokukhuluma amazwi ayiziswana ewabhekise ku-USA.