Kulokhu onqobile ku-AFCON yi-Afrika ngobubanzi
![](https://i0.wp.com/bayedenews.com/wp-content/uploads/2020/07/author-icon-02.png?fit=80%2C80&ssl=1)
![](https://i0.wp.com/bayedenews.com/wp-content/uploads/2022/02/Bayede-News-Gomes-06.png?fit=1600%2C1000&ssl=1)
Umqhudelwano obubanjelwe eCameroon i-African Cup of Nations (Afcon) ube ngomnandi kakhulu yize kube khona izihibe ezingezinhle, lapho kukhulunywa ngezinqumo eziphambene ebezenziwa ngonompempe.
Kodwa okuhle kunakho konke ukuthi ekugcineni izwe eligcine lidle ubhedu iSenegal ebidle ngabadlali boHlanga kusukela epalini kuze kuyofika phambili. Ayigcinanga lapho nomqeqeshi wayo u-Aliou Cisse ungowoHlanga, lo mqeqeshi udinga ukuhalaliselwa kakhulu ngoba unqoba lo mqhudelwano nje akekho okade embona engayinqoba i-Afcon.
Bekungokokuqala ukuthi leli lizwe linqobe lo mqhudelwano. ICameroon nayo iwusingathe kahle umqhudelwano kusukela ekuqaleni kwaze kwaba uyasongwa. Ngeke asala ngaphandle unompempe wakuleli uVictor Gomes okwazile ukumela ngobunono iNingizimu Afrika yize iBafana Bafana ibingekho eCameroon, noZakhele Siwela obengumsizi kanompempe asikho isinqumo esisuse ukukhuluma.
UGomes uwudlalise kahle kakhulu umdlalo wamanqamu obuphakathi kweSenegal ne-Egypt, waze waba sematheni enikeza uMohamed Salah izinto zokudlalisa ethi akube nguye odlalisayo.
Kubadlali abenze kahle kuphinde kwaba ngaboHlanga abaqoqa imiklomelo, unozinti ovelele u-Edouard Mendy umdlali ovelele kwaba uSadio Mane baseSenegal, kanti ovalele amagoli amaningi nabe yisi-8 kube uVincent Aboubakar yena waseCameroon.
IComoros idinga ukunconywa ngokuthi iqala ukuba yingxenye yalo mqhudelwano bese izakhela uthando kubalandeli banobhutshuzwayo. IComoros idlale koweLast 16 ivinjelwe ngumdlali, kwazise onozinti bayo batholakala ukuthi bahaqwe ukhuvethe. Yagcina iguqe ngamabili kwelilodwa kosokhaya. Umdlalo okuyiwo odonse amehlo abantu, ilo obuphakathi kweCameroon ne-Equotarial Guinea owaphela zibambene ngamathathu nhlangothi zombili.
UMohamed Abou Gabal ophinde aziwe ngoGabaski, ungomunye wabantu abagqamile kwi-Afcon. Lo nozinti weGibhithe uvimbe inqwaba yamaphenathi, ngisho kowamanqamu emdlalweni ubambe eyesithenjwa seSenegal uMane. Abaningi bebebona kumfanele ukuthi abe uGoalkepper of the Tournament.