Now Reading
I-IFP isiqalile ukuzilungiselela ukhetho olulandelayo loHulumeni basekhaya – Ntuli
Dark Light

I-IFP isiqalile ukuzilungiselela ukhetho olulandelayo loHulumeni basekhaya – Ntuli

USihlalo we-Inkatha Freedom Party (IFP) esifundazweni iKwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli, uthi sebeqalile ukuzilungiselela ukhetho olubalulekile loHulumeni basekhaya oluzoba ngowezi-2026 lapho kulindeleke ukuthi babhekane nombango oshubile we-MK Party.

UMnu Ntuli uveze lokhu namuhla ngesikhathi leli qembu esithangamini sabezindaba ebisemahhovisi e-IFP, eThekwini uNtuli.

“Ngenyanga edlule sibe nezinsuku ezimbili lapho besibheka amasu esizowasebenzisa ukuzilungiselela ukhetho oluzokuba ngonyaka wezi-2026. Kulowo mhlangano kwabe kukhona uMengameli weqembu uMnu Velenkosini Hlabisa noSekela Mengameli iNkosi Mzamo Buthelezi” kusho uMnu Ntuli.

Uthe kuyabakhuthaza ukuthi bakwazise ukunqoba ukhetho lokuchibiyela ezindaweni ezehlukahlukene okubalwa iNkandla Ward 4, oPhongolo, Mvoti Ward 10 naseNewcastle kanye nakwezinye izindawo eziningi.

“Ukuqhubeka sinqobe ukhetho lokuchibiyela kusitshela ukuthi abantu bayayibona imisebenzi eyenziwa iqembu. Abantu ngonyaka wezi-2026 bazovota bazi ukuthi iliphi iqembu elisebenzela abantu. Nalapho esingaphethe khona siyi-IFP siyafuna ukuphatha abantu bakulezo zindawo bezwe isandla esifudumele sethu” kubeka uMnu uNtuli.

UMphemba abakaNtuli ubehamba noGabriel Malembe ongumgqugquzeli we-IFP kuzwelonke, uMncedisi Maphisa we-IFP Youth Brigade noGail Ntshayintshayi.

Okunye akuvezile ukuchitha izinsolo zokuthi ugaqele isikhundla sokuba nguMengameli waleli qembu.

Lokhu kulandela ukuthi kulo nyaka i-IFP imemezele ukuthi ngonyaka ozayo izoba nengqungquthela yokukhetha ubuholi.

See Also

Ngemuva kokuvela kwalezi zindaba kuvele amahlebezi okuthi kukhona izinhlaka zophiko le-IFP ezizimisele ungumphakamisa ekutheni abe nguMengameli.

“Nangelilodwa ilanga akukaze kube khona isikhundla engisigaqele. Sinaye uMengameli eqenjini, sinalo iPhini likaMengameli sinaye noNobhala jikelele. Angazi lokhu okukhulunywayo, kokuphakanyiswa, ngizophakanyiswa uma kwenzenjani, ngeke ngisamukele leso siphakamiso angitholakali” kusho uMphemba efa insini.

Iqembu i-IFP lizobe liya okokuqala kwingqungquthela yokukhetha ubuholi obuphezulu selokhu kwakhothama iNkosi uMangosuthu Buthelezi, ongumsunguli walo leli qembu.

Scroll To Top