Now Reading
Uhlomuka wethule uhlelo lokusiza abangasebenzi ngezincwadi zokushayela
Dark Light

Uhlomuka wethule uhlelo lokusiza abangasebenzi ngezincwadi zokushayela

NGENHLOSO yokulekelela izakhamizi zaKwaZulu-Natal ukuba zithole amathuba emisebenzi kancono, uMpha- thiswa wezokuThutha, ukuPheph nokuXhumanisa uMphakathi, uMnu Sipho Hlomuka useqalise ngohlelo oluzosiza laba abangasebenzi ukuba bathole izincwadi zokushayela.

UHlomuka uthi lolu hlelo olubizwa ngeThuthuka Driving School Skills Programme luzolekelela abantu aban- gaphezulu kuka-3000 abaneminyaka ehlukahlukene ubudala ukuba bathole mahhala izincwadi zokushayela kusu- kela ku-Code 08 kuya ku-Code 14.

“Lokhu kuyingxenye yezinye zezinhlelo zethu njengoMnyango zokufaka isandla ekwakheni amathuba emisebenzi ngoba ukuba nezincwadi zokushayela kubeka umuntu ethubeni elincono lokuthola umsebenzi.

“Sesibe nokuxoxisana nabaphathi bezikole zokushayela ukuze sibam- bisane futhi sisebenzisane nabo ekuqhutshweni kwalolu hlelo,” kusho uMphathiswa uHlomuka.

See Also

Ngemuva kokuba uHlomuka eme- mezele lolu hlelo ekuqaleni kweN- yanga yezokuThutha, nokulandelwe ukukhishwa kwezikhangiso zokumema izicelo kwabafuna ukungena ohlelweni, uMnyango manje umatasa nokuhlunga abazoqaliswa ukuqeqeshwa.

Scroll To Top