Kusenzima ukubuyela emsebenzini eChina ngenxa yeCoronavirus


EBeijing: Yize abantu eChina bebuyele emsebenzini ekuqaleni kwaleli sonto emveni kokuphela kwamaholidi andisiwe onyaka omusha owaziwa ngeSpring Festival, iningi lisahleli emakhaya njengoba kusaliwa nobhubhane lweCoronavirus. Nokho lesi simo sesidale amathuba kwezinye izindawo njengoba kunemizamo yokugwema ukusabalala kwalo igciwane. Abantu baqale ukusebenza ngoMsombuluko kodwa izinkampani eziningi ziyalele abasebenzi ukuthi basebenzele emakhaya. Lokhu kucacile nasedolobheni elikhulu eliyinhlokodolobha yezwe iBeijing njengoba amahhovisi amaningi enengcosana yabasebenzi kanti nezitaladi zikhala ibhungezi. Nakwamanye amadolobha amakhulu okubalwa kuwo neShanghai kukhala ibhungezi.
Abanye abasebenzi, ikakhulukazi labo bakwamanye amazwe, kubikwa ukuthi abaqashi babo babatshele ukuthi babuye emsebenzini ngasekupheleni kukaNdasa. Nokho lokhu sekushiye abanye bedidekile bezibuza ukuthi bangabuyeli yini emazweni abo kuze kuba siyadamba isimo? ICoronavirus isibulale abantu abalinganiselwa ema-800 kanti bacela ezi-40 000 manje osekutholakale ukuthi batheleleke ngegciwane eChina. Iningi labantu abathintekayo basesifundazweni iHubei enkabeni yezwe. Igciwane leli laqubuka enhlokodolobha yalesi sifundazwe iWuhan ngoZibandlela. Nokho kuwo lowo mnyama kukhona amabhizinisi asethole ukusimama ngalesi sikhathi salolu bhubhane.
Njengoba abantu behleli emakhaya iningi lizivalele ezindlini ukugwema ukutheleleka ngalo igciwane. Lokhu kwenza basebenzise kakhulu izitolo ezi-online nosekukhuphule nesidingo sezinkampani ezidilivayo. IChina iyalele izinkampani ezidilivayo ukuthi nazo ziqale ukusebenza ngoMsombuluko. Inhloko yeState Post Bureau uMa Junsheng iyalele ukuthi ziqale ngokusebenza ngokwezinga lama40% bese zikhuphula izinga lomsebenzi ngezigaba ngokulandela ukuthi kuqhubekani ngeCoronavirus.
Ezinye izinkampani zisheshe zabuyela emsebenzini ngesikhathi ezinye zingazange zivale ngamaholidi. Izinkampani ezinkulu ezithutha impahla eChina iZTO, iSTO Express, iYunda Express, iBest Express neDeppon kubikwa ukuthi zizoqala kancane kancane ukusebenza. Izinkampani eziningi sezithathe izinyathelo zokugwema ukuthelelana ngegciwane uma kudilivwa ukudla nenye impahla. Abasebenzi bahlolwa izingakushisa kuphinde kube nendlela yokudiliva egwema ukuthintana phakathi kwabathengi kanye nabadilivayo.
Njengoba iningi lalabo abahleli emakhaya bethenga ezitolo ezi-online, ngokunjalo nemisebenzi abanye bayenza online njengoba izinkampani zibayalele ukuthi bangalubhadi emahhovisi okwamanje. Kulabo abasebenzela emakhaya sekusho nokukhuphuka kwezinga lokuthengwa kwama-App okuxhumana emahhovisi nokuyiwo enza ukuthi abantu basebenze bezihlalele ezindlini. Phakathi kwama-App asetshenziswayo kakhulu kubalwa iWechat Work App kanye neDingtalk engaphansi kwenkampani i-Alibaba.
Ngokwemibiko, balinganiselwa ezigidini ezingama-50 abafundi kanye nothisha abayizi-600 000 abasebenzise iLivestreaming kuDingtalk ukuba yingxenye yamakilasi abefundiswa online. I-Alibaba ithe isungule ithimba elizoqinisekisa ukuthi iDingtalk ayiphazamiseki ngesikhathi samakilasi a-online ngenxa yesibalo esiphezulu samaLivestream nokuyinto eyenzekile ngasekuqaleni kwenyanga. Izikhulu eChina sezizwakalise ithemba lokuthi kungenzeka sewuyabonakala umehluko kule mpi yokulwa neCoronavirus. Izibalo kuleli sonto zikhomba ukuthi izinga labantu abatholwa bethelelekile lithanda ukwehla. Nokho kuzothatha amasonto ambalwa ukuthi sicace kahle lesi sithombe abazama ukusakha.