Now Reading
Umhlaziyi ubona elakuleli lingena lijula emgodini wezikweletu 
Dark Light

Umhlaziyi ubona elakuleli lingena lijula emgodini wezikweletu 

Akuzwakali kahle  ukuthi iNingizimu Afrika ibolekwe imali eyizigidigidi ezili-R15.91 okungu-$925 million yiBhange Lamazwe ekubeni kusebemali eyizi-R22 billion okungaqondakali ukuthi yasebenza kanjani kuMasipala iNelson Mandela Bay.

Lona ngumbono womhlaziyi ozimele wezomnotho nokumphathi weCarusa Consultancy uKhaya Sithole kulandela isinqumo seBhange Lomhlaba.  

USithole uthi sekufana nokukhalela ubisi oseluchithekile kwazise uMgcinimafa kuze kube yimanje akakaze anikwe izimpendulo ngokuchithwa kwemali eNelson Mandela Bay. Uveze ukuthi usethembe ukuthi iamli yakamuva ebolekwe izwe izosetshenziswa ngendlela eqondile. Le mali izokweseka uhlelo lweminyaka eyisithupha lokuvuselela nokwakha kabusha amadolobha ayisithupha kuleli. Phakathi kwawo kubalwa iKapa, iGoli neTheku. 

USithile uveze ukuthi okumqoka ngale mali ukuthi libolekelwe ukuyenzani, ngoba angeke kusakhulunya kakhulu ngokuthi libolekiwe ngoba sekwenzekile. “Ingcabha isisele nohulumeni ukuthi umphumela wokubolekwa imali ubonakale,” kucacisa yena.

Uthe unethemba lokuthi amadolobha azohlomula kule mali azokwazi ukwenza lula umsebenzi wawo wokuqoqa izikweletu kubahlali ukuze kuhanjiswe izidingo ngendlela. 

See Also

Le mali ifika nje ingqalasizinda isiya mantwenguntwengu emadolobheni amakhulu njengeTheku. Ukulimala kwengqalasizinda kuleli dolobha kugcine sekunomthelela nakwezokuvakasha nasekuhambiseni izidingo kubantu.Ngaphambi kowe-1994 nangale kancane kokhetho iTheku lalihamba phambili ngokuhanjelwa izivakashi ngenxa yamabhishi nezindawo zokungcebeka ezakhelene namabhishi.

Isikhalo esikhulu sikaMasipala ukuthi baningi abantu abangawakhokhi amarates kulo masipala okwenza kube umqansa ukuhambisa izidingi ngendlela nokulungisa ingqalasizinda. Kujwayelekile ukuthi kuphele izinsuku imfucuza ingalandwa, kweminye imiphakathi sekuyiminyaka kuphilwa ngaphandle kwamanzi. USithole uthi yize le mali izolekelela kokunye kepha kubonakala kungathi iNingizimu Afrika ingena iyajula emgodini ewumbayo wezikweletu.

Scroll To Top