Now Reading
Kulokhu bekugiya omengameli, ondunankulu nababusi
Dark Light

Kulokhu bekugiya omengameli, ondunankulu nababusi

Emdlalweni wepolitiki kunezinto ezamukelekile okungathi uma uya kweminye imidlalo noma imikhakha kungamukeleki. Isibonelo nje, usopolitiki kanqeni ukufika emzini angawazi afike aphathe. Kuthi kushoniwe ezwe nje ukuthi lo olele yilungu leqembu lakhe bese ebona kungewona amahloni ukuthi ngosuku lomngcwabo bese kuba nguye osethula inkulumo yosuku noma ehlonipha umufi lo angamazi. Uma kungenjalo ubone sekunguye ohleli nomndeni eduze komfelokazi emduduza, engamazi njalo umufi. Nangalesi sikhathi sokhuvethe (COVID-19) kuthe kukubi kepha kwakhona okuyithuba eliyingqayizivele kwabanye abaholi bamazwe. Lokhu kuqale ngokuthi omengameli bamazwe nondunankulu bagunyazwe yimithetho yamazwe abo ukuba bamise konke ukusebenza nokunyakaza ezweni ngaphansi kwemizamo yokunqanda ukubhebhetheka kokhuvethe. Lokhu bakwenze ngaphansi kwemithetho yezwe kanti neningi labantu likwamukele ngoba phela ukufa lokhu bekubona noma ngubani ukuthi nxa kuyekwa kungaqotha imbokodo nesisekelo. 

Nokho njengokwejwayelekile osopolitiki babone ithuba kulokhu. Bazile ukuthi abezindaba okungaba ngamaphephandaba, amathelevishini kanye nezokuxhumana balambele izindaba ngalesi sikhathi kunganyakazi lutho ezweni. Lokhu kwenzeke kanjani na? 

Abezindaba basebenza ngezindlela ezimbili lapho bedlulisa okwepolitiki okuqhamuka ngaphandle kwezizinda zabezindaba noma badlulise imibiko yezepolitiki esuka ezintathelini. Osopolitiki basebenzisa abezindaba ukuze badlulise imibiko yabo kulabo abafuna ifinyelele kubona. Izinhlelo zezepolitiki, izitatimende zenqubomgomo, amaqembu agqugquzelayo nemikhankaso konke kungokwepolitiki futhi kungadluliswa ngendlela enomthelela. Okwenza ukuthi bonke abaxhumanisa ezepolitiki kufanele bathole abezindaba. Kusemqoka ukwamukela ukuthi inhloso yakho konke lokhu kuxhumana ukunxenxa. Okuqondiswe kubo ngalokhu kunxenxa izethameli okuyizakhamuzi. Kubuye kube semqoka ukuqaphela ukuthi izethameli zohlobo oluthile lokuxhumana ngokwepolitiki kungaba banzi njengokhetho lukazwelonke lapho inhloso kuwukunxenxa isizwe sonke noma kuwukhetho lohulumeni bezindawo lapho kunxenxwa izakhamuzi zendawo.

Kupolitiki yanamuhla, amaxhama alokhu andiswa phakathi kwedemokhrasi, kwezomhlaba jikelele nakwabezindaba ngokubanzi. Sekwamukelekile ukuthi abezindaba bayikhonco elisemqoka ekuqhubeni idemokhrasi. Kuthathwa ngokuthi ukuze idemokhrasi isebenze, izakhamuzi zidinga ukuthola ulwazi ukuze zikhethe ziqonda okwenzakalayo. Kanjalo nosopolitiki badinga abezindaba ukuze babone ukuthi umphakathi ukusiphi isimo, bethule imibono yabo babuye baxhumane nomphakathi.

Ungoti kwezokuxhumana eNyuvesi iStirling uthe; “Mihlanu imisebenzi yabezindaba emphakathini onedemokhrasi ‘wohlobo olulindelekile’, yilena: 

  • Okokuqala, kufanele bazise izakhamuzi ngokwenzakayo okubazungezile (okwaziwa ngemisebenzi yabezindaba ‘yokuqapha’ noma ‘yokulawula’).
  • Okwesibili, kufanele bafundise ngokuqukethwe nangobumqoka ‘bamaqiniso’  (ubumqoka balo msebenzi uchaza ubucayi izintatheli ezivikela ngabo inhloso yazo, ngoba ukuba ngabafundisayo kwazo kuyagudluka kulokho kokuhlaziya izindaba).
  • Okwesithathu, abezindaba kufanele babe nesithangami lapho umphakathi uxoxa khona ngezepolitiki, bakwazi ukugqugquzela ukwakheka ‘kombono womphakathi’ futhi babuye kakwazi ukuwuphindisela lowo mbono emphakathini obuvele uqhamuke kuwo. Lokhu kufanele kukwazi ukuhlinzeka isikhala sezikhalo ngoba ngaphandle kwaso idemokhrasi iyize leze.
  • Owesine umsebenzi wabezindaba ukunikeza uhulumeni nabezepolitiki kubuka noma ubani iqhaza ‘lokuqapha’ lobuntatheli, isibonelo ukuveza obala ukungcola okwenzeka kwezepolitiki. 
  • Okokugcina, abezindaba emiphakathini enedemokhrasi baba wumgudu wezincomo zemibono yepolitiki. Amaqembu adinga uhlaka lokuveza inqubomgomo nezinhlelo zawo ukuze kufinyelele kubantu, ngakho-ke abezindaba kufanele bawamukele.

Ngalesi sikhathi sobunzima omengameli, ondunankulu nababusi bazile ukuthi izigidigidi zabantu emhlabeni zomele ulwazi mayelana nalokho okumele kwenziwe ukugwema ukusabalala kwesifo. Kanti futhi bazile ukuthi umthetho uyabavumela njengoba ezweni elifana neNingizimu Afrika umthetho ububeka ngokusobala ukuthi kulicala ukusabalalisa izindaba ezingamawuwa ngalesi sikhathi. Esimweni esinjena uma uyintatheli noma iziko lezindaba umthombo wolwazi obungacabanga ukuthi wethembekile yiwo uHulumeni. Ngalesi sikhathi iminyango kaHulumeni kayidinganga nokuthi ithenge izikhangisi kwezinye izindawo ngoba bekwaziwa ukuthi abakushilo kuzongena kwabezindaba njengoba kunjalo. 

Kanti elinye ithuba elisetshenziswe ngosopolitiki ngelezikhathi ezimqoka lapho iningi labantu liqoqene khona. Ngalezi zikhathi bekuphuma isaziso sokuthi uMengameli, undunankulu noma ungqongqoshe uzobikela isizwe okuthile mayelana nesifo. Lapha obekumqoka yizikathi. Lapha eNingizimu Afrika isikhathi ebesiyinoni sikaMengameli yilapho seligamenxe elesi-8 kusihlwa (20:30). Ngokwezibalo abantu baseNingizimu Afrika kusuka ngelama-20:00 kuya kwelama-21:30 basuke bethe njo bebuka imidlalo eluchungechunge efana neGenerations The Legacy, Isibaya, Uzalo, uMuvhango neminye. Ukubiza abantu ngalezi zikhathi usuke uneqiniso ukuthi nakanjani  uzobathola. 

Yize abanye abaholi belisebenzise kahle ithuba lokuthola abantu ngesikhathi esimqoka, abanye basoliwe ngokusebenzisa leli thuba ukuzakhela udumo noma ukwenza udaba lube ngabo. Lapha eNingizimu Afrika utusiwe uMengameli uRamaphosa kanye noDkt uMkhize ngokukwazi ukusebenzisa leli thuba ukunikeza ngolwazi olumqoka. E-United States of America (USA) kube nokushayisana kwemibono ekutheni ngabe uMengameli uTrump wenze ngakhona yini. 

See Also

ENingizimu Afrika uMengameli uRamaphosa ubeba nezinsuku ezithile akhuluma ngazo nesizwe, kanti e-USA uMengameli uTrump yena ubeba nezithangami nsukuzaphuma. Lokhu abanye bakuhumushe ngokuthi akasenzi lokhu athe uzokwenza kepha usesebenzisa ithuba ukuthi azigqamise yena. Lokhu bekusho beqhathanisa nendlela abenza ngayo ezithangamini lapho ebengagcini ngokukhuluma ngesifo kepha ehlasela izintatheli nabanye abangahambisani naye. 

 UMnu uTim O’ Brien obeyintatheli yeNew York Times  nombhali kuBloomberg Opinion ephawula ngesenzo sikaTrump uthe: “UTrump uphumelele ukuthi enze izithangami zabezindaba zibe ngaye wenza izithangami lezi umhlabahloso. Awukwazi ukuvumela umuntu okhuluma naye kube nguyena olawula ukuthi kuzothiwani kodwa yena uphumelele ukukwenza lokho.”  Yize izinombolo zingakaphumi kepha izinkomba zithi ngokuvela nsukuzonke kuthelevishini kanye nemibiko ngaye nsukuzonke emaphephandabeni kwenze waduma futhi watshaleka emqondweni wabavoti. 

ENingizimu Afrika, ekuqaleni konyaka bekunezinkulumo zokuthi uRamaphosa uphelelwa wugazi kubantu ngenxa yokungenzeki kwezinto kuHulumeni wakhe. Abanye babahlaziyi nongoti baze balikhipha elokuthi ungumholi ongenamandla. Lokhu kukhuluma sekuwumlando njengoba iningi lamukela uholo lwakhe futhi limtusa ngokukhuluma kwakhe okwakhayo nokunika ithemba.  Kulokhu uRamaphosa angabonga ukhuvethe ngoba ukuvela kwakhe ephindelela kutshale isithombe esithile kubantu.  

Scroll To Top