IYAZIKA INQANAWE: Izimakethe zakuleli ziyadunguzela
Isimo sibi kakhulu. Irandi lithwele kanzima kulesi sikhathi seCOVID-19, lapho amabhizinisi evaliwe ngenxa yemvalelwakhaya (Lockdown). Kuthe sisabheke lesisimo iMoody’s nayo yajikijela iNingizimu Afrika ezingeni likavobo. Lokhu kusho ukuthi izwe lithathwa njengezwe elingathembekile uma kukhulunywa ngokuphatha umnotho futhi alikulungele ukubolekwa imali. Noma kukhona konke esesikubalile ngenhla sibonga ukuthi intengo kaphethroli nodizili yehlile kuleli sonto. Kukhona okuthile okungenza abantu bamoyizele.
NgoMsombuluko zingama-30 kuNdaa 2020
- Lingaphansi kwengcindezi irandi. Kuvule izimakethe zemali ngoMsombuluko idola lase-USA lilingana namarandi ali-17,91 okuyisimo esibonakala sizoqhubeka sibe sibi ngenxa zemithelela eminingi ethinta umnotho.
- Kuvule izimakethe ziveza uPondo waseBritain uqhubeka nokudlondlobala sewulingana namarandi angama-22,22.
- Zonke zikhombisa ukuzitamuzela erandini laseNingizimu Afrika. Kuvulwe ngoMsombuluko iYuro lilingana namarandi ali-19,85.
NgoLwesibili zingama-31 kuNdasa 2020
- Liphinde lehla ngamasenti ayisi-8 irandi. Kuvulwe ngoLwesibili idola lase-USA lilingana namarandi ali-17,99. Kubonakala lisazoqhubeka lidlondlobale idola ngenxa zengcindezi efakwe yisinqumo seMoody’s ngeNingizimu Afrika.
- Wenyuke ngesenti elilodwa uPondo waseBritain kulokho owawuyikho ngayizolo. Kuvulwe ngoLwesibili uPondo waseBritain ulingana namarandi angama-22,23.
- Irandi lithe ukukhula ngamasenti amabili ngoLwesibili uma siliqhathanisa neYuro. Kuvulwe ezimakethe zemali iYuro lilingana namarandi ali-19,83.
NgoLwesithathu lulunye kuMbasa 2020
- Kuvukwe ngoLwesibili kuphuphuma injabulo kwabanezimoto ngoba intengo kaphethroli nodizili yehle ngendlela engakaze ibonwe eNingizimu Afrika. Lapha ngasogwini uphethroli wehle nge-R1, 94 kanti uma ungena phakathi nezwe wehle nge-R1,88. Ngokunjalo nenani likadizili lehle nge-R1,41 ogwini kanti wehle nge-R1,34 maphakathi nezwe. Nentengo kawoyela yehle kakhulu ngoba yagcina emashumini eminyaka eyadlula ukuba ngamadola ase-USA angama 25, 79. Yikho lokhu okwenze nenani likaphethroli walapha eNingizimu Afrika wehle kangaka.
- Lisimame ngamasenti ayisikhombisa irandi uma liqhathaniswa nedola lase-USA. Kuvulwe ezimakethe idola lase-USA lilingana namarandi ali-17,92.
- Liyapaquza irandi ngaphansi kwesimo somnotho iNingizimu ekuso, futhi ziyabonakala izimpawu. UPondo waseBritain ulahlekelwe ngamasenti ayisihlanu kwavula izimakethe ulingana namarandi angama-22, 18.
- NgoLwesiThathu irandi likwazile ukubuyisa amasenti ayisi-8 abesegwinywe iYuro. Kuvukwe ngoLwesiThathi iYuro lilingana namarandi ali-19,75 kungconywana kunangayizolo.
NgoLwesine zimbili kuMbasa 2020
- Kuvukwe nezindaba ezimbi ngoLwesithathu lapho iMoody’s yehlise ukwethenjwa kwamabhange aphezulu aseNingizimu Afrika ezimakethe zemali. Kungenzeka ukuthi lokhu yikho okube nomthelela ekwehleni kwamandla erandi uma liqhathaniswa nezinye izimali emakethe.
- Idola lase-USA lithande ukudlondlobala ngamasenti abalelwa emashumini amathathu lalingana namarandi ali- 18,22.
- Ngokunjalo uPondo waseBritain wona uthathe amasenti angamashumi amane erandini langoLwesithathu, walingana namarandi angama-22,58.
- NeYuro alizibekile phansi uma libhekene nerandi. Kuvulwe ngoLwesine iYuro lilingana namarandi ali-19,75. Kuyezwela uma sibona iYuro lifuna ukubuyela esimweni esike sabanzima leqa amarandi angamashumi amabili.
Siphetha ngokubonga labo abazithibile bahlala emakhaya ngenhloso yokulwa negciwane iCOVID-19, noma sazi ukuthi osomabhizinisi badonsa kanzima kulesi sikhathi. Sikhuthaza nalabo abangakakuboni kubalulekile ukuzithiba ngokwanele basebenzise zonke izinhlelo ezingavimba igciwane lingabhebhetheki. Ngokuzithiba komphakathi sinethemba lokuthi isikhathi semvalelwakhaya asizukuqhubeka kulokhu esibekwe kuso okwamanje.